Ubuqotho BukaJobe—Kungani Kuphawuleka Kangaka?
“Angiyikuzaphuca ukuphelela [“ubuqotho,” NW] kwami ngize ngife.”—JOBE 27:5.
1. Kwakungubani uJobe, futhi sazi kanjani ukuthi wayengumuntu ongokoqobo?
UJOBE wayengumuntu ovelele emlandwini. Akukhona nje kuphela ukuthi wayenengcebo eningi ebonakalayo kodwa futhi wayehlonishwa njengomahluleli nomholi onozwela. iBhayibheli lithi “wayemkhulu lowomuntu kunabo bonke abantu basempumalanga.” (Jobe 1:3; 29:12-25) Yena, kanye noNowa noDaniyeli, uphawulwa njengendoda eyayilunge kakhulu. (Hezekeli 14:14, 20) IBhayibheli futhi liveza uJobe njengesibonelo sokuba amaKristu asilandele, ngaleyondlela libonisa ukuthi wayengumuntu ongokoqobo emlandwini.—Jakobe 5:11.
2. Singathola kanjani ukuthi kunini lapho uJobe avivinywa khona nguSathane?
2 UJobe wayehlala ezweni laseUzi, lelo manje eliyiArabiya. Nakuba ayengeyena umIsrayeli, uJobe wayengumkhulekeli kaJehova, okuyinto uJehova enza uSathane wayiqaphela. Ukusho kukaNkulunkulu ukuthi “akakho onjengaye emhlabeni, umuntu engenasici nolungileyo” kwembula ukuthi yayingekho enye inceku kaNkulunkulu eyayivelele eyayiphila ngalesosikhathi. (Jobe 1:8) Kanjalo, ukuvivinya kukaSathane uJobe kumelwe ukuba kwenzeka lapho abazala bakhe bakwenye indlu, abangamaIsrayeli, besebugqilini eGibithe—phakathi neminyaka eyayingemva kokufa kowayegcina ubuqotho ovelele uJosefa ngo-1657 B.C.E. nangaphambi kokuba uMose angenele inkambo yakhe yobuqotho.
3. Ubani owaloba incwadi kaJobe, futhi kungani akwazi ukuthola ukwaziswa?
3 Ngokusobala owaloba incwadi kaJobe. Kodwa ingabe wezwa kanjani ngokuvivinywa kukaJobe? Nokho, ngemva kokuba uMose ephoqelelwe ukuba ahambe eGibithe ngo-1553 B.C.E. wahlala kwaMidiyani, okungekude nezwe laseUzi. (Eksodusi 2:15-25; IzEnzo 7:23-30) Ngalesosikhathi uJobe, wayesephila ingxenye yokugcina yeminyaka yokuphila eyi-140 uJehova ayinezela kuye njengesibusiso. (Jobe 42:16) Kamuva, lapho amaIsrayeli ayengaseUzi ngasekupheleni kohambo lwawo lwasehlane, kungenzeka uMose wezwa ngeminyaka yokugcina yokuphila nokufa kukaJobe.
Ulwazi LukaJobe Olulinganiselwe
4. (a) Yini ngokusobala eyayiwumthombo wolwazi lukaJobe ngoJehova, futhi kungani ngokungangabazeki ayengakwazi ukuxhumana nabazukulu baka-Abrahama noIsaka? (b) UJobe waba kanjani indoda yobuqotho obuvelele?
4 Lapho uJobe evivinywa, ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu nezinjongo zakhe lwalulinganiselwe, njengoba kwakungekho ngxenye yeBhayibheli eyayisilotshiwe. Nokho, uJobe kumelwe ukuba kwakukhona ayesekwazi ngokusebenzelana kukaJehova noAbrahama, uIsaka, uJakobe, noJosefa. Lokhu kungenxa yokuthi uJobe ngokusobala wayewumzukulu womfowabo kaAbrahama uNahori, ngendodana kaNahori eyizibulo u-Use. Ngokungaphezulu, umfowabo kaUse kwakunguBetuweli, ubaba kaRebeka umkaIsaka nongumkhulu kaJosefa. (Genesise 22:20-23) Akungabazeki ukuthi uJobe walwazisa lonke ulwazi ayenalo lokuxhumana kukaJehova noAbrahama nabazukulu bakhe, futhi wayekulangazelela ukujabulisa uJehova. Ngaleyondlela uJobe waba umuntu wobuqotho obuvelele, umuntu ongenasici nozinikele ngokuphelele kuJehova.
5. Yini, ngokukhethekile, eyenza ubuqotho bukaJobe bube obuvelele kangaka?
5 Ngokushesha ngemva kokufa kukaJosefa eGibithe, ubuqotho bukaJobe baba isihloko sempikiswano eyayiphakathi kukaJehova uNkulunkulu noSathane emazulwini angabonakali. Nokho uJobe wayengazi lutho ngalempikiswano eyayigxiliswe ebuqothweni bakhe. Futhi, ngokukhethekile, kuwukungazi kwakhe ngokuqondene nesizathu sokuhlupheka kwakhe okwenza ubuqotho bakhe obungenakwephulwa buphawuleke kangaka. Nokho, ngenxa yenzuzo yazo zonke izinceku zikaNkulunkulu kamuva uJehova wayala uMose ukuba alobe imininingwane ngalempikiswano ngokuqondene nobuqotho bukaJobe.
Impikiswano Yobuqotho BukaJobe
6. (a) Umhlangano wasezulwini wakwembula kanjani ukuba khona kwempikiswano phakathi kukaNkulunkulu noSathane? (b) Yaqala nini lempikiswano, futhi yayihlanganisa bani?
6 Incwadi kaJobe yenza sibone ngamehlo engqondo lokho okungabonakali, futhi sinikezwa umbono womhlangano wezingelosi owenziwa phambi kukaJehova uNkulunkulu ezulwini. Lapho uJehova ekhumbuza uSathane, naye okhona ukuthi “akakho [onjengoJobe] emhlabeni, umuntu ongenasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu, obalekela okubi.” (Jobe 1:8) Ngokusobala, kuphakama impikiswano ehilela ubuqotho bukaJobe. Kodwa ayiyintsha. Yilempikiswano eyayihilelekile ngesikhathi uSathane ehlubula uAdamu noEva kuNkulunkulu futhi, ngamanye amazwi, wathi: ‘Ake unginike ithuba, mina ngingayekisa noma ubani ukukukhonza.’—Genesise 3:1-6.
7. Ikuphi ukusikisela uSathane aphoqeleleka ukuba akunikeze ukuze ahlaziye ubuqotho bukaJobe, futhi uDeveli wambekela kanjani uNkulunkulu inselele?
7 Manje, phakathi nalomhlangano ongokomthetho wasezulwini, uSathane uphoqeleleka ukuba anikeze ukusikisela kwakhe ngokuqondene nesisekelo sobuqotho bukaJobe. “UJobe uyamesaba uNkulunkulu ngeze na?” ebuza. “Wena awumbiyelanga yini yena nendlu yakhe nakho konke okwakhe nxazonke? . . . Kepha ake welule isandla sakho,” kusho uSathane ebeka inselele, “uthinte konke anakho, impela uyakukuthuka ebusweni bakho.”—Jobe 1:9-11.
8. (a) UJehova wasabela kanjani enseleleni kaSathane? (b) Yiziphi izishayo ezibuhlungu uSathane azehlisela kuJobe?
8 UJehova uyayemukela inselele kaSathane. Ubethemba ngokuphelele ubuqotho bukaJobe, ephendula uSathane: “Bheka, konke anakho kusesandleni sakho; kuphela kuyena uqobo ungabeki isandla sakho.” (Jobe 1:12) USathane ugadla ngokushesha kuJobe. AmaSheba ayahlasela abaleka nezinkabi zikaJobe eziyi-1 000 nezimbongolo ezingama-500, ebulala bonke abalindi bazo ngaphandle koyedwa. Ngokulandelayo, uSathane uthumela umlilo ovela ezulwini ukuba uqothule izimvu zikaJobe eziyizi-7 000 kanye nabalindi bazo, kusala eyodwa kuphela kulawo madoda. Ngemva kwalokho uSathane ubangela ukuba amaviyo amathathu amaKaledi abaleke namakamela kaJobe ayizi-3 000, ebulala bonke abalindi eshiya eyedwa kuphela. Ekugcineni, uSathane uthumela umoya omkhulu oshaya indlu abantwana abayishumi bakaJobe abenzela kuyo idili, futhi bonke bafa. Ngemva kwalokho, ngokulandelana eduze, abasinde kulezinhlekelele babikela uJobe izindaba ezihlasimulisayo.—Jobe 1:13-19.
9. Yini eyenza kwaba nzima ngokukhethekile akukhuthazelela usizi lukaJobe, nokho uJobe wasabela kanjani kulo?
9 Yeka usizi! Ngisho nakuba uJobe ayeqonda ukuthi ubani owayelubangele, kwakungaba nzima ukulubekezelela. Kodwa wayengaqondi! Wayengazi ukuthi wayeyisisulu sempikiswano ezulwini nokuthi uJehova wayemsebenzisa ukubonisa ukuthi bakhona abantu abayobambelela ebuqothweni babo naphezu kwakho konke ukuhlupheka ngokungemthetho uSathane angase akulethe kubo. Nokho, ekukhathazekeni futhi ecabanga ngisho nokuthi ngandlela-thile uNkulunkulu owayenza lokhu, uJobe uthi: “UJehova wapha, uJehova uthathile: malibongwe igama likaJehova.” Yebo, “kukho konke lokho uJobe akonanga, akamthelanga uNkulunkulu okubi.”—Jobe 1:20-22.
10. (a) Iyiphi enye imvume ngokuqondene noJobe uSathane ayicela, futhi kungani uJehova ayezimisele ukumnikeza yona? (b) Yaba yini imiphumela yesimo esidabukisayo uJobe ayesekuso?
10 Yeka ukuthi wadumazeka kanjani uSathane, komunye umhlangano wezingelosi, lapho uJehova emkhumbuza ngokuqondene noJobe: “Usabambelela ebuqothweni bakhe.” Kodwa uSathane akadeli. Manje usebeka inselele yokuthi uma enikezwa ithuba lokugadla kuJobe ngokomzimba, uJobe uyomthuka ngokuqondile uNkulunkulu. Ethemba ubuqotho bukaJobe ngisho nakulelizinga, uJehova uyavuma, kodwa uxwayisa uSathane ukuba angambulali. Ngakho uSathane “ushaya uJobe ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kufike okhakhayini.” (Jobe 2:1-8) UJobe uba sesimweni esinyanyeka kangangokuthi izihlobo zakhe nabangane bayazibalekela, futhi labo ayejwayelene nabo bamhleka usulu.—Jobe 12:4; 17:6; 19:13-19; 30:1, 10-12.
11. Yisiphi esinye isishayo uJobe okwadingeka asikhuthazelele, futhi yini eyenza ukugcina kwakhe ubuqotho lapho ebhekene nazo zonke izinkathazo zakhe kuphawuleke kangaka?
11 Kusenjalo kwehla esinye isishayo! Ukholo lomkaJobe luba buthakathaka. Uthi kuye: “Usabambelela ebuqothweni bakho na? Thuka uNkulunkulu, ufe.” Kodwa uJobe uyamtshela: “Ukhuluma njengalokhu owesifazane oyisiwula ekhuluma. Siyakwamukela okuhle kuphela kuNkulunkulu, singamukeli nokubi. na?” Njengoba indaba isho, “Kukho konke lokho uJobe akonakanga ngomlomo wakhe.” (Jobe 2:9, 10) Futhi uma ukhumbula ukuthi uJobe akatshelwanga isizathu sokuhlupheka kwakhe, yeka ukuthi ngempela buphawuleka kanjani ubuqotho bakhe!
Olunye Uhlobo Lokuhlasela
12. (a) Ayengobani amadoda eza ukuzoduduza uJobe? (b) USathane wawasebenzisa kanjani lamadoda ukuba avivinye uJobe ngokuqhubekayo?
12 Kodwa uSathane akakaqedi. Uvusa amadoda amathathu anokuhlakanipha okucatshangelwayo okungenzeka amazi ngokoqobo uJobe noma aye ezwa ngodumo lwakhe ukuthi ‘mkhulu kunabo bonke abantu basempumalanga.’ Ngokusobala badala kakhulu kunoJobe. (Jobe 1:3; 15:10; 32:6) Ababili babo bayizihlobo zakhe ngokuzalwa kwenye indlu. UElifazi umThemani ungumzukulu ka-Abrahama ngoThemani, umzukulu kaEsawu, futhi uBilidadi umShuki ungumzukulu wendodana ka-Abrahama uShuwa. (Jobe 2:11; Genesise 36:15; 25:2) Akukho ukuqiniseka ngokhokho bakaSofari. Ngokusobala lamadoda amathathu eze ukuzoduduza uJobe, kodwa eqinisweni uSathane uwasebenzisa emzamweni wokululaza ubuqotho bukaJobe. Njengoba nje abashushisi bezombangazwe abeza njengabangane beye balulaza ukwethembeka kweziboshwa futhi bazenza zavukela ohulumeni bazo, uSathane wayethemba ukuthi “abaduduzi” bakhe babeyokwenza uJobe amelane noNkulunkulu.—Jobe 16:2, 3.
13. (a) Zenzani izivakashi zikaJobe lapho zifika? (b) Lapho beqala ukukhuluma, bakwenza ngayiphi indlela?
13 Lapho zifika, izivakashi ezintathu zichitha izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa zibuka ngaphandle kwezwi usizi lukaJobe olwedlulele nokudumazeka okungathi sina. (Jobe 2:12, 13) UElifazi, ngokusobala okunguye omdala kunabo bonke, ekugcineni uqalisa ukukhuluma, enza isimo kanye nendaba okuxoxwa ngayo ibe inkulumo-mpikiswano eyizingxenye ezintathu. Inkulumo kaElifazi, kanye nezinkulumo ezilandelayo zabangane bakhe, igcwele kakhulu ukusola. Ngemva kokuba ngamunye wabasoli bakhe ekhulumile, uJobe, naye, uyaphendula, ephikisa abakushoyo. USofari akahileleki engxenyeni yesithathu yenkulumo-mpikiswano, ngokusobala enomuzwa wokuthi akusekho lutho angalunezela. Kanjalo uSofari ukhuluma kabili kuphela, kuyilapho uElifazi noBilidadi ngamunye ekhuluma kathathu.
14. Luhlobo luni lwezinkulumo laba abathathu abazisebenzisa kuJobe, futhi uSathane wabusebenzisa kanjani ubuhlakani obufanayo kuJesu?
14 Izinkulumo zikaElifazi zinde, futhi ulimi lwakhe kusengathi lunobumnene. Ulimi lukaBilidadi luhlaba kakhulu, futhi olukaSofari luhlaba ngokwengeziwe. Izinkulumo zabo ziklanywe ngobuqili ukuze zifinyelele injongo kaSathane yokwephula ubuqotho bukaJobe. Ngokuvamile babeka amaqiniso angempela, kodwa indlela abawabeka ngayo nabawasebenzisa ngayo ayiqondile. USathane wasebenzisa ubuhlakani obunjalo kuJesu. Ecaphuna umbhalo othi ingelosi kaNkulunkulu yayiyovikela inceku yakhe engozini, uSathane watshela uJesu ukuba abonise ukuthi wayeyindodana kaNkulunkulu ngokuziphonsa phansi ethempelini. (Mathewu 4:5-7; IHubo 91:11, 12) UJobe wabhekana nomqondo ofanayo kaSathane isikhathi eside.
15. Yini uElifazi athi yayiwumthombo wezinkathazo zikaJobe?
15 Enkulumweni yakhe yokuqala, uElifazi uthi izinkathazo zikaJobe ziyisijeziso sikaNkulunkulu ngezono zakhe. “Ngubani owake wachithwa engenacala na?” ebuza. “Njengokubona kwami abalima okubi bahlwanyela ukona, bayakuvuna.” (Jobe 4:7, 8) Eqhubeka, uElifazi uthi uNkulunkulu akazethembi izinceku zakhe. “Nasezincekwini zakhe akethembi,” kusho uElifazi, “nezingelosi zakhe uyazibeka icala: kakhulu kangakanani abahlezi ezindlini zodaka.”—Jobe 4:18, 19.
16. UBilidadi wakulandelisa kanjani ukuhlasela kukaElifazi, futhi imuphi umfanekiso ongemuhle awusebenzisa?
16 UBilidadi naye ulandelisa ngokuhlasela ngamazwi. Uthi: “Uma uhlambulukile, futhi ulungile, khona yena [uNkulunkulu] uyakuvuka ngenxa yakho, aphumelelise ikhaya lokulunga kwakho.” UBilidadi uphawula ukuthi umhlanga nencema kuyoma bese kufa uma kungenamanzi futhi ekhuluma iqiniso uphetha ngokuthi “bonke abakhohlwa uNkulunkulu” nabo bazoba njalo. Kodwa yeka ukuthi kuyiphutha kangakanani ngaye ukusebenzisa lomfanekiso kuJobe futhi enezela, “Ithemba longenaNkulunkulu liyakuchitheka”!—Jobe 8:6, 11-13.
17. Imaphi amazwi anamandla ashiwo uSofari?
17 Izinkulumo zikaSofari zinamandla ngisho nangokwengeziwe. Ngamanye amazwi uthi, ‘Awu kwangathi uNkulunkulu angakhuluma akutshele ukuthi yini ayicabangayo! UNkulunkulu uyakwazi okwenzile. Sincane lesisijeziso akunika sona kunesikufanele. Hlukana nezono zakho uyeke bonke ububi bakho, khona-ke uyoba nokulondeka nabangane abaningi.’—Jobe 11:4-6, 14-20.
18. Engxenyeni yesibili yenkulumo-mpikiswano, laba abathathu baqhubeka kanjani nokuhlasela kwabo uJobe?
18 Engxenyeni yesibili yenkulumo-mpikiswano, uElifazi uqhubeka nokuhlasela ubuqotho bukaJobe. ‘Ingani, uNkulunkulu akazethembi ngisho nezingelosi, kakhulu kangakanani umuntu efana nawe! Umuntu omubi uhlala esenkathazweni.’ (Jobe 15:14-16, 20) UBilidadi, ecasulwe ukumelana kukaJobe nezinkulumo zabo ngobuqotho, ngamanye amazwi uthi: ‘Isibani sakho sizocima. Uyoze ukhohlwe nokuthi wake waphila. Yilokho okwenzekayo kulabo abakhohlwa uNkulunkulu.’ (Jobe 18:5, 12, 13, 17-21) USofari, ebhekisela ekuchumeni kukaJobe kwesikhathi esidlule, uyabuza: ‘Awazi yini ukuthi ukujabula kwababi kufushane, nokuthokoza kwabangenaNkulunkulu kungokokuphazima kweso nje, na? Izulu liyawembula amaphutha ababi.’—Jobe 20:4, 5, 26-29.
19. (a) NgokukaElifazi, ikuphi ukubaluleka ubuqotho bomuntu obunakho kuNkulunkulu? (b) UBilidadi wakuqeda kanjani ukuhlasela uJobe ngamazwi?
19 Eqalisa ingxenye yesithathu yenkulumo-mpikiswano, uElifazi uyabuza: ‘Ukhona umuntu ongabaluleka kuNkulunkulu? Ngisho noma ubungenasici. uNkulunkulu ubengazuza ngawe? Buyela kuNkulunkulu’ esho, ‘ulungise izindaba zakho. Khona-ke uzobuyiselwa.’ (Jobe 22:2, 3, 21-23) UBilidadi uqedela ukuhlasela ngamazwi. Uyabuza, ‘Ubani emhlabeni ongaqhosha ngokuthi uhlanzekile? UNkulunkulu ukhazimula kangangokuthi ngisho nenyanga nezinkanyezi zincane ngokungenakulinganiswa kuye. Kangakanani-ke umuntu, oyimpethu emehlweni akhe!’—Jobe 25:2-6.
Ukuziphendulela Nokuqondiswa KukaJobe
20. (a) UJobe wayiphendula kanjani inkulumo yokuthi ukuhlupheka kuyisijeziso esivela kuNkulunkulu ngenxa yezono? (b) Kwakuyini ukuzimisela kukaJobe, futhi sazi kanjani ukuthi ubuqotho bakhe babubaluleke ngempela kuNkulunkulu?
20 Naphezu kokuhlupheka kwakhe okungathi sina, uJobe akalokothi nakancane anqotshwe izinkulumo zokukhohlisa zabashushisi bakhe. Uma ukuhlupheka kuyisijeziso esivela kuNkulunkulu ngenxa yezono, uyabuza, “ababi baphilelani, baze babe-badala, yebo, bakhule emandleni, na?” (Jobe 21:7-13) Futhi ngokuphambene nalokho abasoli bakaJobe abakushoyo, uJehova uyabazisa abagcina ubuqotho okuthi ngokwenza kanjalo banikeze impendulo ekusoleni kukaSathane ngokuthi angahlubula noma ubani ekukhonzeni uNkulunkulu. (IzAga 27:11; IHubo 41:12) UJobe uyaqiniseka ngobuqotho bakhe, ethi: “Angiyikuzaphuca ubuqotho bami ngize ngife.” (Jobe 27:5) Cha, akenzanga lutho olwamenza wafanelwa yilokho okwamehlela.
21. Yini uElihu ayisho kubaduduzi bamanga bakaJobe, futhi isiphi isiqondiso esidingekayo asinikeza uJobe?
21 Insizwa uElihu ulalele ngokunakekela wonke amazwi alenkulumo-mpikiswano ende. Manje uyakhuluma, etshela abaduduzi bamanga bakaJobe ukuthi akukho lutho abalushilo oluye lwabonisa ukuthi uJobe uyisoni. (Jobe 32:11, 12) Khona-ke, ephendukela kuJobe, uElihu uthi: “Ngezwa izwi lokukhuluma kwakho ukuthi: Ngimsulwa, anginasiphambeko; ngimhlophe, akukho okubi kimi. Bheka, uthola amathuba ngami, ungishaya isitha sakhe . . . awuthethanga kahle lokho.” (Jobe 33:8-13; 6:29; 13:24, 27; 19:6-8) Yebo, uJobe wabonisa ukukhathalela kakhulu ukuzilwela. Nokho, ngesikhathi esifanayo, akazange asole uNkulunkulu noma alahle ithemba lokuthi uNkulunkulu wayeyokwenza okulungile.
22. (a) Ngemva kokulalela uJehova, uJobe wasabela kanjani? (b) Yini uNkulunkulu ayifuna kubaduduzi bamanga bakaJobe, futhi saba yini isiphetho sikaJobe?
22 Kuqala isiphepho njengoba uElihu eqeda inkulumo yakhe, futhi uJehova ngokwakhe ukhuluma kulesiphepho: “Ngubani lo owenza-mnyama iseluleko ngamazwi angenalwazi na? Bopha izinkalo zakho . . . ngizakukubuza, wena ungazise.” Ngemva kokulalela uJehova, uJobe uyaqaphela ukuthi ukhulume ngokungacabangi, engenalo ulwazi olugcwele, futhi uzisola “othulini nasemlotheni.” Khona-ke uJehova uyamsola uElifazi nabangane bakhe ababili, eyala uJobe ukuba abacelele intethelelo. Ngemva kwalokho uJobe uyabuyiselwa, futhi ubusiswa ngamadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu amahle nemfuyo ephindwe kabili kunaleyo ayenayo ngaphambili. Esephile iminyaka eyi-140, uJobe ufa “esemdala, esanelisiwe yizinsuku.”—Jobe 38:1-4; 42:1-17.
23. Kumelwe busithinte kanjani ubuqotho bukaJobe?
23 Ngokuqinisekile, uJobe wayeyindoda yobuqotho ephawulekayo! Wayengenayo indlela yokwazi ukuthi wayenziwa isisulu senselele embi kaSathane. Lokhu kugcizelela ubuqotho bakhe ngisho nangokwengeziwe ngoba ngisho nakuba ayekholelwa ukuthi konke ukuhlupheka kwakhe kwakuvela kuNkulunkulu, wayengenakumphika uNkulunkulu noma amthuke. Yeka isifundo ngathi, njengoba thina siwazi umthombo wokuvivinywa kobuqotho bethu! Ngokuqinisekile, kumelwe sishukunyiselwe ukulingisa isibonelo sikaJobe siqhubeke emsebenzini kaJehova kungakhathaliseki ukuthi yini iSitha sikaNkulunkulu esingayiletha kithi.
Ungaphendula?
◻ Iziphi izici ezenza ubuqotho bukaJobe buphawuleke kangaka?
◻ Obani abavakashela uJobe, futhi yini uSathane ayethemba ukuthi babezoyifeza?
◻ Yiziphi izinkulumo laba abathathu abazisebenzisa kuJobe?
◻ Waziphendulela wathini uJobe, kodwa waqondiswa kanjani?
◻ Waba yini umphumela, futhi thina kumelwe sithinteke kanjani?
[Isithombe ekhasini 13]
USathane wathuma “abaduduzi” abathathu ukuba bahlubule uJobe kuNkulunkulu