Abamemezeli BoMbuso Bayabika
UJehova ‘Uyakhulisa’ EFiji
ISIBUSISO sikaJehova sisobala kubamemezeli boMbuso abathembekile eziqhingini ezinhle zaseFiji. Manje kunofakazi bakaJehova abayi-1 049 kuleziqhingi, ukwanda kwamaphesenti ayi-10 kunangonyaka odlule. Baye batshala futhi banisela, futhi uNkulunkulu uye wenza izinto zakhula.a—1 Korinte 3:6, 7.
Ihhovisi legatsha leWatch Tower Society libika ukuthi “ngokungalindelekile abantu baba nesithakazelo esifundweni seBhayibheli.” Amalungu elinye ibandla asebenza idolobha elingalodwa lapho ababengamukelwanga khona kahle esikhathini esidlule. Kodwa kulesenzakalo umphathi walelidolobhana wamemezela ukuthi bonke abahlala kulelidolobha kumelwe bahlale emakhaya balalele oFakazi BakaJehova nokuthi emva kwalokho abesifazane kumelwe balungiselele abazalwane okuphuzwayo ehholo lomphakathi. Lapho libuya ngemva kwamasonto amabili, iphayona elivamile lathola abantu abangama-28 bekulungele ukutadisha iBhayibheli. Kusukela ngalesosikhathi, lelidolobhana belilokhu livakashelwa ngezindaba ezinhle njalo ngamasonto amabili ukuze kusizwe abathakazelayo. Ekuhambeleni ngakunye “abengeziwe bayanezela ezifundweni.”
Omunye wabasha abangama-68 ababhapathizwe emhlanganweni wamuva wesigodi wayenguthisha kaSonto-sikole iminyaka eyisishiyagalolunye. Wayezalwe emkhayeni okholwayo. Wabonana noFakazi ababili enkonzweni yabo yendlu ngendlu, futhi “ngemva kwezingxoxo ezinde nezimpindelo eziningi, isifundo ekugcineni saqaliswa,” Ngemva kwezinyanga ezimbili zesifundo seBhayibheli, wasishiya phansi isikhundla sakhe njengothisha kaSonto-sikole, wathatha ukuma kwakhe eqinisweni, futhi wabhapathizwa emva konyaka. Ecaphuna amazwi kaPawulu, wathi: “Mhlawumbe niye nezwa ngomsebenzi wami wentshiseko enkolweni yamanga lapho ngangiwashisekela kakhulu amasiko obaba. Kodwa manje sengilitholile iqiniso, futhi ngiyajabula ukukhonza uJehova ngikanye nani.”—Qhathanisa nabaseGalathiya 1:13, 14.
Ngo-1984 iFiji yaba nemihlangano yesigodi emibili okokuqala ngqa. Abadala abangamashumi amabili nambili basesiqhingini esikhulu banikeza usizo, lwezindleko zabo, lokusekela isimiso emhlanganweni wesibili omncane kwesinye isiqhingi. Ihhovisi legatsha lalungiselela uhambo futhi lalindela abazalwane abangama-90 abavela esiqhingini esikhulu ukuba babe khona. Nokho, abayi-115 bahamba ngendiza ekhethekile futhi abangama-320 ngomkhumbi oqashiwe. Ngenxa yokuziphatha okuhle koFakazi, omunye umshayeli wendiza wathi: “Kuyangimangalisa ukuziphatha kwabo, bakulungele ukulalela iziqondiso. Lapho ngimemezela ukuthi kumelwe behle ngenxa yephutha elalikhona kulendiza, behla ngokuthula, ngaphandle kokuvungama noma ukukhononda, Lapho bephinda begibela, ba-kwenza lokho ngokujabula, ngokuthula ngaphandle kokububula. Ngifisa sengathi bonke abagibeli bezindiza bebengafana nani.”
Unjiniyela omkhulu womkhumbi oqashiwe waphawula: “Kumnandi ukuba nani njengabagibeli, ngoba nihluke ngokuphelele eqenjini lentsha engamaKristu esisanda kulithuthela kwesinye isiqhingi. . . . Nihlanzekile futhi kulula ngani ukusebenzelana kahle na-bantu.” Omunye wabagibeli wathi: “Ngiye ngabona okuthile engingazange ngikubone ngaphambili . . . Bengilele phansi endaweni ebandayo lapho omunye wodadewenu enikeza mina nomkami umatilasi wakhe wokulala. Bengilokhu ngiyifuna inkolo efana nalena.” Lomuntu waba khona emhlanganweni ukuba abone futhi afunde okwengeziwe.
Eqinisweni, ukuziphatha okuhle kwabo bonke labazalwane kuyilokho umuntu okumelwe akulindele kumaKristu eqiniso. UJesu wathi: “Yilowo nalowomuthi omuhle uthela izithelo ezinhle.” (Mathewu 7:17) Kuyinjabulo ukubona ukwanda uJehova akunikeza abakhulekeli bakhe abathembekile eFiji. Futhi ngokungangabazeki abaningi ngokwengeziwe bayosabela ezindabeni ezinhle njengoba belalela ngokwengeziwe futhi beqhubeka beqaphela ukuziphatha okuhle kwabantu bakaJehova.
[Umbhalo waphansi]
a Ngokungangabazeki, uJehova uyoletha ukwanda okukhulu njengoba oFakazi manje baqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya eziyi-1 107, ukwanda kwamaphesenti angama-42 kunangonyaka odlule.