Ingabe Iqiniso Uliyeka Lidlule?
NGEMVA kokusinda ekuhlaleni kwendiza okungalindelekile ehlane laseAmazon, abagibeli abaningi babengenasithakazelo ekuletheni ukunakekela okukhulu endaweni eyayizungezile. Kodwa kwakunendoda eyodwa kuphela eyayingakhungathekile neyayilokhu iqaphe njalo! Yayiyisazi samadwala, futhi yaphawula indlela isiqeshana sendawo okwahlala kuso indiza enophephela emhlane esasiwugwadule ngokungajwayelekile ngayo. Kunokuba idedele lelithuba lidlule, yayibhekisisa lendawana ewugwadule. Masinyane yaphawula ukuthi lokho kwabanye okwakungabonakala kungesinye nje seziqeshana zendawo ngempela kwakungomunye wemitapo ethembisayo yemicebo embiwa phansi ekhona emhlabeni—inqolobane enkulu yensimbi, ibauxite, imanganese, ithusi, negolide leyo eyayiyobizwa ngelinye ilanga ngokuthi “iEl Dorado entsha.”
Bambalwa kakhulu abantu abasebenzisa amathuba ngokunenzuzo, kunokuba bawayeke adlule. Ngokwesibonelo, cabangela umbusi ongumRoma uPontiyu Pilatu emuva ekhulwini lokuqala leSikhathi sethu Esivamile. Ithuba elingavamile labekwa phambi kwakhe. Abaholi abangamaJuda bathumela kuye umfundisi weqiniso omkhulu kunabo bonke abake baphila emhlabeni, uJesu Kristu. Cabanga ngemibuzo uPilatu ayengayibuza! Cabanga ngamaqiniso acebile ayengawafunda! Futhi ngokuthakazelisayo, ngesikhathi uJesu bemletha okokuqala phambi kwakhe, bambeka icala ngokuzibiza ngokuthi “uyinkosi yabaJuda,” uPilatu okungenani wabonakala enosikisiki lokufuna ukwazi:
“Wena uyinkosi yabaJuda na?” kubuza uPilatu.
Ephendula, uJesu wathi: “Umbuso wami awusiwo owalelizwe . . . Ngizalelwe lokho, ngafikela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.” Leli kwakuyithuba elikhethekile kuPilatu. Phambi kwakhe kwakumi indoda ekuphila kwayo kwakuwubufakazi obuphilayo bokuqiniseka kwezithembiso zikaNkulunkulu, indoda eyayizimisele neyayinamandla okumkhanyisela ngendlela okungekho muntu owayengamkhanyisela ngayo. Nokho yaba yini impendulo kaPilatu? “Iqiniso liyini na?” Futhi ngokungalindelekile “wabuye waphumela kubaJuda.”—Johane 18:33-38.
Yebo, uPilatu waliyeka ladlula iqiniso. Futhi abaningi namuhla benza iphutha elifanayo. Wona kanye lomagazini owufundayo, INqabayokulinda, ukhishelwe ukukhanyisela abantu ngeqiniso. Nokho, abaningi abafuni ngisho nokuwufunda. Abanye bayawufunda futhi bazijabulele izihloko kodwa bangenzi lutho olwedlula lokho. Ingabe abanjalo kungenzeka, bafana noPilatu, iqiniso baliyeka lidlule?