Ukuqondisisa Izindaba
Ukuzitika Ngemishado
Akukhona nje kuphela ukuthi imishado yandile eUnited States—yenyuke ngamaphesenti ayi-16 kusukela eminyakeni eyishumi edlule—kodwa kunjalo nokubiza kwayo. Isilinganiso sezindleko zomshado nedili (idili lomshado) ziye zenyuka zaba ngaphezu kwezi-R12 000, eminye iba ngephambili kakhulu ize ibe ngaphezu kwezi-R100 000. Akumangalisi yini ukuthi ngonyaka ophelile izindleko zemishado zafinyelela amaRandi ayizinkulungwane ezingama-40—ukwanda ngamaphesenti ayi-152 kusukela ngo-1975? Yasetshenziselwaphi lemali? Cishe kuzo zonke izinto “kusukela ezindandathweni nasezimbalini kuya emculweni, ezimotweni eziphambili, nasohambweni oluthathwa abantu abasand’ ukushada,” kubika umagazini iFortune.
Imishado kumelwe ibe izikhathi ezijabulisayo. Nokho, uJesu Kristu wakhomba isici somshado njengesiyophawula isizukulwane esiyophila phakathi ‘nokuba-khona kwakhe nokuphela kwalesimiso sezinto.’ (Mathewu 24:3, 34) Wathi: “Ngokuba njengasemihleni kaNowa, kuyakubanjalo ukufika kweNdodana yomuntu. Ngokuba njengasezinsukwini lezo ezandulela uzamcolo babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, abazanga kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke, kuyakuba-njalo ukufika kweNdodana yomuntu.” (Mathewu 24:37-39) UJesu wayengasho ukuthi akulungile ngabantu abaphila “ezinsukwini zokugcina” ukuba bashade. (2 Thimothewu 3:1) Kunalokho, wayexwayisa ngokuthi abaningi bayoba abagxila kakhulu emshadweni, lokho manje okuhlanganisa imishado enamalungiselelo amakhulu nebizayo, kangangokuthi babeyoze bakhohlwe ukuphuthuma kwezikhathi.
“Ubani Owafihla ImiQulu YasoLwandle Olufile?”
Ngaphansi kwalesosihloko, encwadini iBiblical Archaeologist, uNorman Golb, uprofesa wezifundo zesiHeberu nezesiJuda ezihlangene nezesiArabhu eYunivesithi yaseChicago, wazimisela ukwembula lowo ngempela owafihla imiQulu YasoLwandle Olufile. Ngesikhathi esifanayo, wayefuna ukusola imfundiso esindala ngaphezu kwamashumi amathathu eminyaka. Entwasahlobo ka-1947, imiqulu emidala yemiBhalo yesiHeberu nemibhalo engeyona eyeBhayibheli yavunjululwa emigedeni esosebeni olusenyakatho ntshonalanga yoLwandle Olufile. Lokhu kuvumbulula kwabizwa ngokuthi “okuhlangenwe nakho okuyingqayizivele kubavubukuli bemibhalo emidala yeBhayibheli.” Lemiqulu ihlanganisa imibhalo eyaziwayo emidala yanoma iyiphi incwadi yeBhayibheli futhi ehlehlela emuva ekhulwini lesibili B.C.E.
Kuze kube manje, izazi zikhomba indabuko yalemibhalo njengevela kumaEssenes, okuyihlelo lenkolo lobuJuda. Kodwa uGolb ukholelwa ukuthi ukuvunjululwa okuqhubekayo kwemibhalo eyengeziwe yesiHeberu yasendulo eMasada, eJeriko, noma kuyiphi indawo ogwaduleni lwakwaJuda kukhomba iJerusalema njengendawo okudabuka kuyo lemiqulu. Akuwona amaEssenes kodwa amaJuda ayebalekela amabutho aseRoma phakathi kuka-66 no-70 C.E. “aletha izinqwaba noma amasaka agcwele imibhalo eyisusa enhloko-dolobha eyiyisa emigedeni yogwadule eyoyifihla,” kugomela uGolb.
Kungakhathaliseki ukuthi ibuphi ubufakazi obengeziwe babavubukuli obungase bembulwe, imiqulu yeBhayibheli eyatholwa kuleyomigede iqokomisa ukuhlanzeka kwemibhalo yeBhayibheli nekhono likaJehova lokulondoloza iZwi lakhe. “Yonke inyama injengotshani, nobukhosi bayo bonke bunjengembali yotshani; utshani buyabuna, nembali iyavuthuluka, kepha izwi leNkosi limi kuze kube-phakade,” kusho eyoku-1 Petru 1:24, 25.
Ingabe Ukuhlakanipha KukaNkulunkulu Kukubaholi Bezwe?
Njengoba ukuthula komhlaba kuncipha kancane kancane, ukusongela okulokhu kukhona kwempi kuyaqhubeka kubusa izingqondo zabaholi bezwe. Umagazini iTime ubika ukuthi umholi weqembu laseSoviet uMikhail S. Gorbachev wakhala wathi: “Ngokuqinisekile, uNkulunkulu oPhezukonke akakwenqabi ukusinikeza ukuhlakanipha okwanele kokuthola izindlela ezizosilethela ubungcono . . . ebuhlotsheni obuphakathi kwezizwe ezimbili ezinkulu emhlabeni, izizwe okuvela kuzo impucuko.” Ngokufanayo, lapho ephetha inkulumo-mpikiswano yakhe eThekwini ngoAugust 15, uMongameli waseNingizimu Afrika uP. W. Botha ekhuluma enokukhathalela ngokuthula kwesizwe sakhe wathi: “Sithembisa ukwenza konke umuntu anokukwenza. . . . Ngikhulekela ukuthi kwangathi uNkulunkulu uMninimandla onke angasinikeza ukuhlakanipha namandla okufuna ukwenza intando yaKhe.”
Kuyathakazelisa ukuthi abaholi bohulumeni abaphawuliwe bakhuluma ngesidingo sokuhlakanipha kukaNkulunkulu ngokuphathelene nemizamo yabo yokwenza ukuthula. Nokho, ngokweBhayibheli, ukuthula nokulondeka kwembulunga yonke kuyoba khona kuphela ngoMbuso kaNkulunkulu. (Daniyeli 2:44; qhathanisa noIsaya 9:6, 7.) Ngakho-ke, yilabo kuphela abazihlanganisa nombuso wasezulwini abangathemba ukuthola ukuthula okuhlala njalo.