“Ngifuna Ukuba NgumKristu Ongahlehli”
Ngemva kokufunda incwadi enesihloko esithi “Let Your Kingdom Come,” eyakhishwa yiWatchtower Society, insizwa eZimbabwe yashukunyiselwa ukuba ibhale okulandelayo:
“Bengilokhu ngibhekile eminyakeni embalwa edlule ukuthi lapha eZimbabwe yinina, boFakazi BakaJehova, enizama ngempela ukulandela isibonelo sikaKristu. NgingumSabatha, kodwa kubonakala sengathi iSonto lami kulelizwe alisaholwa umoya ongcwele. Sivumelana nezwe. Ngokwesibonelo, sikholelwa, njengoba nani nikholelwa, ukuthi uKristu akazalwanga ngomhla ka-25 kuDecember, kodwa abefundisi bethu basasitshela ukuthi singawugubha uKhisimusi kuphela nje uma sikhumbula ukuthi uKristu wafela izono zethu. . . .
“Mina ngokwami, sengikhathele ukuzibiza njengomKristu kuyilapho indlela yami yokuphila iphambene nesibonelo sikaJesu. Ngifuna ukuba ngumKristu ongahlehli . . . Niwukuphela kweqembu, kwengisawabonile, eliye laphumelela ukunganelisa ngothando lukaNkulunkulu namandla evangeli laKhe, ngokuphila kwenu hhayi nje kuphela ngokukhuluma nangezincwadi. Niphila futhi nishumayela ivangeli kuyilapho abaningi, abantu abaningi bashumayela ivangeli kodwa abaphili ngalo.”