Uthando Lomkhaya Wakithi NgoNkulunkulu Naphezu Kokuboshwa Nokufa
Njengoba ilandiswa nguMagdalena Kusserow Reuter
UMFOWETHU uWilhelm wayezobulawa amaNazi ngakusasa ekuseni. Laliyini icala lakhe? Ukwenqaba ngenxa kanembeza ukuhlanganyela empini yaseJalimane. Wayeneminyaka engama-25 futhi azi kahle ngokubulawa kwakhe okusondelayo iqembu elidubulayo. Ngalobobusuku buka-April 26, 1940, wasibhalela incwadi yokuvalelisa elandelayo, okwathi ngemva kwayo waya embhedeni ngokuthula walala wazumeka.
“Bazali, bafowethu, nodadewethu abathandekayo:
Niyazi nonke ukuthi nibaluleke kangakanani kimi, futhi lokhu ngikukhunjuzwa, ngokuphindaphindiwe njalo lapho ngibuka isithombe sethu somkhaya. Yeka indlela okwakunobunye ngayo ngaso sonke isikhathi ekhaya. Nokho, ngaphezu kwakho konke kumelwe sithande uNkulunkulu, njengoba noMholi [Führer] wethu uJesu Kristu asho. Uma simmelela, uyosivuza.”
Ngobusuku bakhe bokugcina uWilhelm wethu othandekayo wayecabanga ngathi—abazali bakhe abangamaKristu nabafowabo abayisihlanu nodadewabo abayisihlanu, umkhaya omkhulu nonobunye ngokungajwayelekile. Ngezikhathi zeziphithiphithi, njengomkhaya siye sakunakekela ukuthi uthando lwethu ngoNkulunkulu ngaso sonke isikhathi luze kuqala.
Ikhaya Lethu Le“Golden Age”
Abazali bami, uFranz noHilda Kusserow, babengabaFundi beBhayibheli, noma Bibelforscher (OFakazi BakaJehova) abakhuthele, kusukela esikhathini sokubhapathizwa kwabo ngo-1924, unyaka engazalwa ngawo njengengane yabo yesikhombisa. Iminyaka yobusha thina zingane eziyi-11 esayijabulela nabazali bethu yayiyisikhathi esimangalisayo. Njengoba ubaba ashesha ukuthola umhlala-phansi emsebenzini wokuziphilisa, wakwazi ukunikela isikhathi esiningi kithina. Lokhu wakwenza ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli. Alukho usuku olwaludlula singasitholanga iseluleko nemfundo engokweBhayibheli. Abazali bethu baqaphela ukuthi izingane ngeke zibe abadumisi bakaJehova ngokuzenzakalelayo ngoba nje abazali bazo beyibo.
Ngo-1931 ubaba walandela isicelo seWatchtower Society sokuba athuthele umkhaya wakhe omkhulu endaweni lapho kwakungekho-bandla lendawo elalikhona ngalesosikhathi. EPaderborn nezindawo ezizungezile—cishe kwakuhlanganiswe amadolobha namadolobhana angama-200—sasinomsebenzi omningi wokuba siwenze ekushumayeleni isigijimi soMbuso. Udadewethu omdala, uAnnemarie, wakhonza njengephayona elikhethekile, futhi uBaba nomfowethu oneminyaka eyi-15, uSiegfried, njengamaphayona avamile.
Ngisho noma bekude, abantu babengabona imibhalo emibili emikhulu ibhalwe kuzo zombili izinhlangothi zendlu yakithi eBad Lippspringe. Lapho, ngesiJalimane, uBaba wayebhale ukuthi: LESEN SIE ‘DAS GOLDENE ZEITALTER’ (FUNDA I‘THE GOLDEN AGE,’ okwakuyigama likamagazini iPhaphama!). Umuzi wawakhiwe eduze nojantshi wamabhasi oxhuma iPaderborn neDetmold. Noma nini lapho ibhasi lima phambi komuzi, umshayeli wayememeza: “Isitobhi sebhasi, GOLDEN AGE!” Futhi eqinisweni, umuzi wakithi, owawakhiwe endaweni eyi-1,2 hektare futhi uzungezwe insimu enhle enamahlathi nemithi, waba inkundla-yemfundo nomsebenzi kithina, konke kuphathelene nenkathi yenjabulo yoMbuso kaNkulunkulu ozayo.—Mathewu 6:9, 10.
Sonke Sisebunyeni
Umkhaya obusiswe ngezingane eziningi kangaka wawudinga ukuqondiswa. Ngokuvamile sasinemifino nezithelo ukuba sizivune. Izinkukhu namadada kwakumelwe kunakekelwe, futhi iwundlu lomkhaya lalidinga ibhodlela lokudla kwalo. Inja yohlobo u“Fiffi” nekati u“Tussi,” nakho okwakuwathanda “amalungu” omkhaya, kwakudinga ukunakekelwa. Ngakho uBaba wenza isimiso somsebenzi wokunakekela indlu, ukulungisa insimu, nokunakekela izilwane ezifuywayo. Ingane ngayinye yayihlanganyela emisebenzini ehlukahlukene, eyayijikeleza masonto onke phakathi kwabafana namantombazane.
UBaba wahlanganisa nesikhathi sokuzilibazisa, esasihlanganisa umculo, ukudweba, nezinye izinto eziningi, konke kuqondiswa uMama, uthisha oneziqu. Sasinamavayolini ayisihlanu, upiyano, ireed organ, izinkositini ezimbili, isigingci, nemitshingo eminingana. Yebo, akukhona nje kuphela ukuthi abazali bethu babehlola umsebenzi wethu wesikole esiwenza ekhaya kodwa futhi benza umculo nokucula kwaba ingxenye yesimiso sethu semfundo.
Engikucabangela njengokwakubaluleke ngaphezu kwakho konke namuhla ukuthi kwakungekho nolulodwa usuku olwaludlula singayitholanga imfundo ethile engokomoya, kungaba setafuleni sithola izimpendulo emibuzweni yethu noma ngendlela yokufunda ngenhliziyo imibhalo ehlukahlukene yeBhayibheli. UBaba naye wayekukhathalela ukuba sifunde ukuzikhulumela ngendlela eqondile. Ngamanye amazwi, sasinokuphila komkhaya okuhle ngempela, okungenakuchazwa ngamazwi. Yebo, nathi sasinobuthakathaka bethu, futhi uBaba ngokuvamile wayesiyala ngamazwi alimaza ngaphezu kwanoma isiphi isijeziso esingokwenyama. Ngaso sonke isikhathi wayesifundisa ukuxolisa ngamaphutha ethu nokubathethelela abanye. Asizange siqaphele ngaleso sikhathi ukuthi konke lokhu kuqeqeshwa kwakuyoba okubaluleke kangakanani.
Uthunjana womkhaya, uPaul-Gerhard, wazalwa ngo-1931. Wemukelwa abafowabo, oWilhelm, uKarl-Heinz, uWolfgang, uSiegfried, noHans-Werner kanye nami nodadewethu, uAnnemarie, uWaltraud, uHildegard, noElisabeth.
Usizi Luyaqala
Ngalesikhathi uAdolf Hitler wayethatha amandla okubusa eJalimane. Kwabonakala sengathi uBaba wayazi ukuthi kwakuza izinkinga, futhi ngokuphindaphindiwe wasilungiselela iminyaka enzima eyayiza. Wasibonisa eBhayibhelini ukuthi abanye oFakazi abathembekile babeyoshushiswa, baphonswe etilongweni, futhi baze ngisho babulawe. (Mathewu 16:25; 2 Thimothewu 3:12; IsAmbulo 2:10) Ngikhumbula ngicabanga ukuthi lokhu ngeke kwenzeke emkhayeni wakithi ngokuqondile. Ngangingazi ukuthi ikusasa lalisiphatheleni.
Ubuhlungu bokuqala kwakuwukufa komfowethu uSiegfried ngokuminza ngengozi eneminyaka engama-20. Khona-ke, entwasahlobo ka-1933 saba ngaphansi kokuqapha kwamaNational Socialists, manje aziwa kakhulu njengamaNazi. Amaphoyisa ezomoya ayala ukuba imibhalo esendlini yakithi isuswe. Kodwa upende ngalezozinsuku wawungenamandla kangangokuthi wawusengawabona amagama athi: “GOLDEN AGE” evela! Futhi umshayeli webhasi waqhubeka ememeza: “Isitobhi sebhasi, GOLDEN AGE!”
Kancane kancane ubunzima baba namandla. OFakazi esikanye nabo, ababephathwa ngonya kabuhlungu amaGestapo, bafuna ukukhosela ekhaya. UBaba waphucwa umhlala-phansi ngoba wenqaba ukuthi “Heil Hilter.” Phakathi kuka-1933 no-1945, amaGestapo aphequlula umuzi wakithi cishe izikhathi eziyi-18. Kodwa ingabe konke lokhu kwasesabisa thina zingane? Udadewethu uWaltraud uyakhumbula: “Ngisho nalapho ukushushiswa kudlondlobala, sasithola amandla kubazali bethu, ababetadisha njalo iBhayibheli nathi. Sasilokhu sisilandela isimiso sikaBaba.”
Uthunjana Ngaphansi Kobunzima
Sigcwele amanzi emadolweni, thina esibancane sasiya esikoleni zonke izinsuku. Othisha bafuna ukuba sikhulekele ifulege, sicule amaculo amaNazi, futhi siphakamise izandla zethu lapho sithi “Heil Hilter.” Ngenxa yokwenqaba kwethu, senziwa izisulu zenhlekisa. Kodwa yini eyasisiza ukuba sihlale siqotho? Sonke siyavuma ukuthi imfihlo iwukuthi uBaba noMama babexoxa nathi nsuku zonke ngezinkinga zethu ngabanye njengoba zaziphakama. (Efesu 6:4) Basibonisa indlela okwakumelwe senze ngayo nendlela yokuzivikela ngeBhayibheli. (1 Petru 3:15) Njalo sasenza izimiso zokulungiselela, sibuza imibuzo siphendula.
Udadewethu uElisabeth ukhumbula ukuvivinywa okunzima aba nakho: “Isikhathi esinzima kunazo zonke kithi esingenakulokotha sisikhohlwe kwakuyilapho, entwasahlobo ka-1939, uthishanhloko wesikole ethi thina zingane asinakiwe ngokomoya nangokokuziphatha futhi walungiselela ngenkantolo ukuba sikhishwe esikoleni futhi sithathwe ngenkani siyiswe endaweni engaziwa. Ngangineminyaka eyi-13, uHans-Werner eneyi-9, futhi uthunjana uPaul-Gerhard eneyi-7 kuphela.”
Muva nje, eminyakeni engaphezu kwama-40 kamuva, uPaul-Gerhard wathola incwadi ivela esisebenzini sikahulumeni esinembeza waso wawulokhu usihlupha. Sabhala: “Ngangiyiphoyisa elayisa wena nomfowenu nodadewenu esikoleni sokuqondisa izigwegwe. Nganinikela ngabo lobobusuku.” Cabanga nje, lezozingane ezintathu ezingenakuzivikela zithathwa ngenkani esikoleni ngaphandle kokwazisa abazali bethu!
Umama wazama ukuthola ukuthi zaziyiswe kuphi. Ekugcineni, ngemva kwamasonto athile, wazithola esikoleni sokuqondisa izigwegwe eDorsten. Umqondisi ngokushesha wabona ukuthi lezingane zaziziphethe kahle kakhulu nokuthi yayingazifanele leyondawo, ngakho ngemva kwezinyanga ezimbalwa zakhululwa. Kodwa zahluleka ukufika ekhaya. Kwakwenzekeni?
Abafowethu nodadewethu babevinjwe amaGestapo futhi bathathwa eDorsten bayiswa eNettelstadt eduze naseMinden babekwa esikoleni sokuqeqesha samaNazi. Yebo, ukuvakasha kwezihlobo kwakwenqatshelwe, kodwa umama wazama ngakho konke okusemandleni ukuba aqinise izingane zakhe, kuhlanganise nokuthumela izincwadi ngomshoshaphansi. Ngesinye isikhathi waze wakwazi ngisho nokuhlangana futhi akhulume nazo ngasese. Kamuva lezingane zahlukaniswa futhi zayiswa ezindaweni ezihlukahlukene. Nokho, zagcina ubuqotho, futhi zenqaba ukukhulekela ifulege noma zithi “Heil Hitler.” Zakhomba kuzEnzo 4:12, lapho kuthiwa ngoJesu Kristu: “Ayikho insindiso [Heil, ngesiJalimane] ngomunye.”
Umkhaya Wonke Uyavivinywa
Phakathi nalesosikhathi, uBaba wadonsa izigwebo ezimbili ejele. NgoAugust 16, 1940, wakhululwa ejele, ukuze nje ezinyangeni eziyisishiyagalombili kamuva athunyelwe etilongweni lokujezisa izephula-mthetho eKassel-Wehlheiden ukuze adonse isigwebo sakhe sesithathu. Kodwa phakathi nalesikhathi esifushane sokukhululeka, yeka injabulo aba nayo ngokukwazi ukubhapathiza abathathu bethu—uHildegard oneminyaka eyi-19, uWolfgang oneminyaka eyi-18, kanye nami, engangineyi-16 ngalesosikhathi.
UBaba waphinde waboshwa ngesikhathi esifanayo naleso uMama noHildegard ababoshwa ngaso. Nami ngayiswa enkantolo, futhi ngineminyaka eyi-17 ngagwetshelwa ukuba ngigcinwe ngedwa ejele labasha eVechta. Lapho ngangingenalutho lokulwenza. Ukuvuka ekuseni nokuhlala nje usuku lonke ngibuka izindonga ezimhlophe kwakungelula. Ngazama ukukhumbula okuningi ngangokunokwenzeka kwalokho engangikufundile futhi ngamangaliswa ingcebo engokomoya engayithola. Ngakhumbula zonke izingoma zoMbuso futhi ngahlela izindaba zeBhayibheli. Yeka indlela engabonga ngayo ngakho konke ukuqeqesha ngokunakekela abazali bami ababenginikeze khona!
Lapho izinyanga zami zokuqala eziyisithupha ejele zisondela ekupheleni kwazo, umqondisi wejele wangibizela ehhovisini lakhe futhi wachaza ukuthi ngangizokhululwa uma ngisayina iphepha lokuphika izinkolelo zami njengemfundiso engamanga. Ngaphinda futhi ngaba nelungelo lokuvikela ukholo lwami. Impendulo yakhe yayiwukuthula. Khona-ke wayesesho ngezwi lokudabuka ukuthi kuyodingeka angiphindisele kumaGestapo. Ezinyangeni ezine kamuva ngathunyelwa ekamu lokuhlushwa laseRavensbrück.
Umama noHildegard babesekwelinye ijele. Ngaba nabo kamuva lapho bethunyelwa eRavensbrück. Khona-ke mina noMama sakwazi ukuhlala ndawonye kwaze kwaba sekupheleni kwempi. UAnnemarie noWaltraud nabo babedonsa ejele. Wonke amalungu omkhaya manje ayeseye aboshwa noma athunjwa. Indlu enkulu eBad Lippspringe, eyake yagcwala ukuhleka nokucula kwezingane ezikhululekile, manje yayingasenalutho. Imibhalo kuzo zombili izinhlangothi zendlu yayisipendwe ngokuphindaphindiwe. IGOLDEN AGE yayingasabonakali.
IRavensbrück—Abangane Nezitha
Lapho ngifika eRavensbrück, naphezu kokuboshwa kwami ngangibheke phambili ekubonaneni nabanye oFakazi. Kodwa ngangizobathola kanjani phakathi kwalezozinkulungwane zeziboshwa? Ingxenye yesimiso sokwemukelwa kwakuwukususwa izintwala. Isiboshwa esahlola ikhanda lami sabuza ngezwi eliphansi “Kungani ulapha?” “NgiyiBibelforscher,” Ngiphendula. Saphendula ngenjabulo, “Wemukelwa ngokusuka enhliziyweni, dadewethu othandekayo!” Ngokulandelayo ngayiswa ohlangothini lwamaBibelforscher lapho uDade Gertrud Poetzinger anginakekela khona.
Ngosuku olulandelayo ngabizelwa ehhovisi lomphathi wekamu. Etafuleni lakhe kwakuneBhayibheli elikhulu livulwe kwabaseRoma isahluko 13. Wangiyala ukuba ngifunde ivesi lokuqala, elithi: “Akube-yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso.” Ngemva kokuba sengiqedile wathi: “Manje uzongichazela ukuthi kungani ungafuni ukulalela amandla ombuso.” Ngaphendula: “Ukuze ngichaze lokhu, kuzodingeka ngifunde isahluko sonke.” Ngaleyompendulo wavala iBhayibheli ngokungalindelekile wayesengixosha. Kanjalo ngaqala iminyaka yami emithathu nengxenye eRavensbrück.
Ngaphandle konya lwabalindi bamaSS, ubusika, mhlawumbe babuyingxenye embi kakhulu yalokho okuhlangenwe nakho. Sasivame ukuma phandle eshashalazini emakhazeni ashubisa umnkantsha ukuze sibalwe ngokomthetho njalo ekuseni. Lokhu kwakuqala ngo-4 ekuseni futhi kwakungaphela noma nini kusukela emahoreni amabili kuya kwayisihlanu! Sasingavunyelwe ukufaka izandla zethu emaphaketheni, ngaba nokuvuvukala okufuthayo ezandleni nasezinyaweni futhi ngadinga ukunakekela kwezokwelapha.
Kodwa sasiwasebenzisa nalawomahora ayemosheka eshashalazini sakhana ngokomoya. Lapho abalindi bamaSS bekude ukuba basizwe, sonke sasiphinda umbhalo sitshelana kanjalo sigxilisa izingqondo zethu eZwini likaNkulunkulu. Ngesinye isikhathi sonke safunda iHubo 83, siliphinda omunye ngemva komunye, siqaphile ukuthi akekho umlindi osibonayo. Lolusizo olungokomoya lwasisiza ukuba sikhuthazele. Kodwa ake siphindele entwasahlobo ka-1940.
Umfel’ Ukholo Wokuqala
Umfowethu omdala uWilhelm wagwetshelwa ukufa futhi wabulawelwa obala ensimini yesibhedlela eMünster. Wayengumfel’ ukholo wokuqala womkhaya. Mina noMama samvakashela ngaphambi nje kokufa kwakhe. Sahlatshwa umxhwele ukuzibamba kwakhe ngesibindi. Wafuna ukuba uMama athathe ijazi lakhe, ethi, “Angisalidingi manje.”
UHitler wasichitha isikhalo sesithathu sikaWilhelm ngesigwebo sokufa futhi wayisayina yena siqu incwadi yokufa kwakhe. Futhi ngisho nalapho amehlo kaWilhelm esevalwa, wanikezwa ithuba lokugcina lokuba aphike ukholo lwakhe. Wenqaba. Sasiyini isifiso sakhe sokugcina? Sasiwukuba bamdubule ngokuqondile. Ummeli wakhe owayekhethwe inkantolo kamuva wabhalela umkhaya: “Wafa ngokushesha, efa emi ngokungesabi. Isimo sakhe sayihlaba umxhwele inkantolo nathi sonke ngokujulile. Wafa ehambisana nezinkolelo zakhe.”
UMama ngokushesha waya eMünster ukuze bamnike isidumbu. Wayezimisele ukumngcwaba eBad Lippspringe. Njengoba asho, “Sizonikeza ubufakazi obukhulu kubantu ababemazi.” Wanezela, “Ngizokwenza uSathane akhokhe ngokubulala uWilhelm wami.” Wafaka isicelo sokuba uBaba athole ikhefu lezinsuku ezine ejele ukuze abe khona emngcwabeni, futhi kwasimangalisa ukuvunywa kwaso!
UBaba wathandaza emngcwabeni, futhi uKarl-Heinz, indodana eyelama endala, wakhuluma amazwi enduduzo angokweBhayibheli esixukwini esikhulu sababedabukile behlangene ethuneni likaWilhelm. Emasontweni athile kamuva, ngaphandle kokuthethwa kwecala, naye uKarl-Heinz wathunyelwa ekamu lokuhlushwa, okokuqala eSachsenhausen futhi kamuva eDachau.
Umfel’ Ukholo Wesibili
Omunye umfowethu omdala, uWolfgang, wayethathe uhlangothi lokumelela uNkulunkulu weqiniso lapho ebhapathizwa, ngisho nakuba ayazi ukuthi kwakungaholela ekufeni kwakhe. Kodwa wayengenakuzikhohlwa izibonelo ezivelele zobuqotho bukayise nabafowabo, yebo lobo bomkhaya wonke. NgoMarch 27, 1942, unyaka nengxenye ngemva kokubhapathizwa kwakhe, yena siqu wayehleli esitokisini eBerlin ebhala lencwadi elandelayo yokuvalelisa:
“Manje, njengendodana yenu yesithathu nomfowenu, kumelwe nginishiye kusasa ekuseni. Ningakhathazeki, ngoba siyeza isikhathi lapho siyoba ndawonye futhi. . . . Yeka ukuthi injabulo yethu iyoba nkulu kangakanani ngalesosikhathi, lapho sihlangana futhi! . . . manje sihlukanisiwe, futhi ngamunye wethu kumelwe amele uvivinyo; ngalesosikhathi siyovuzwa.”
UHitler wayebone ukuthi ukufa ngokudutshulwa kwakungabafanele ababenqaba ngenxa kanembeza ukuhlanganyela empini. Wayala ukuba babulawe ngokunqunywa amakhanda ngeguillotine. Njengomfel’ ukholo wesibili womkhaya wakithi, uWolfgang wanqunywa ikhanda etilongweni laseBrandenburg. Wayeneminyaka engama-20 kuphela ubudala.
Uthando NgoNkulunkulu Lusalokhu Luza Kuqala
Kuye kwenzekani emalungwini omkhaya asinda inkathi yobuNazi? UWaltraud noHans-Werner babengabokuqala ukuba babuyele eBad Lippspringe ekupheleni kweMpi Yezwe II. UHildegard, uElisabeth, noPaul-Gerhard balandela. Ubaba, enomlenze ophukile, wabuyela ekhaya ekhosele phakathi kwezimvu egibele inqola yemfuyo.
“Sajabula kakhulu ngokukhululwa kukaBaba nokuphinde sibe naye futhi,” kukhumbula uWaltraud. “Kodwa wayegula kakhulu. NgoJune 1945, umhlengikazi waletha umfowethu uKarl-Heinz egulela ukufa evela ekamu lokuhlushwa laseDachau. NgoJuly 1945, uAnnemarie, ngendlela ejikelezayo, wafika evela etilongweni laseHamburg-Fuhlsbüttel. Amalungu okugcina omkhaya, uMama noMagdalena, ngemva kobunzima obuningi babuya eRavensbrück ngoSeptember 1945. Yeka okuningi okwakumelwe sikuxoxe!”
Ingabe lesikhathi sokushushiswa nokulahlekelwa komkhaya sabulala uthando lwethu ngoNkulunkulu? Phinde! UBaba, nakuba ayegula, akazange aphumule kwaze kwaba yilapho esehlele imisebenzi kabusha, kuhlanganise nomsebenzi wokushumayela endlini ngendlu, futhi walungiselela nokuqhutshwa kwemihlangano. Lapho senza isimiso somkhaya, esalungiselela ukunakekelwa kwabagulayo futhi sanakekela nesidingo sokuziphilisa, asizange sikhohlwe ukuthi uthando lwethu ngoNkulunkulu kumelwe luze kuqala. Sacabangela amathuba enkonzo yesikhathi esigcwele. Ngakho kwenzeka ukuba mina noElisabeth sibe amaphayona akhethekile ngo-1946, kanti uAnnemarie noPaul-Gerhard bakhonza njengamaphayona avamile.
Imiphumela
Kodwa imiphumela yoshushiso empilweni yethu ngokushesha yabonakala. Ngo-October ka-1946, eneminyaka engama-28, uKarl-Heinz wabulawa iTB. NgoJuly ka-1950 ubaba wami othandekayo waqeda inkambo yakhe yasemhlabeni ekholelwa ukuthi imisebenzi yakhe yayiyomlandela. Umama wami, naye owayenethemba lasezulwini, wafa ngo-1979. (Bheka isAmbulo 14:13.) UElisabeth kwadingeka ayeke inkonzo yakhe yesikhathi esigcwele kodwa waqhubeka ethembekile kwaze kwaba sekufeni kwakhe ngo-1980. Ngo-1951 uMama wayethathe inkonzo yobuphayona, futhi, nakuba ayeseneminyaka engaphezu kwama-60, wakwazi ukuqhubeka iminyaka emithathu nengxenye. Futhi yeka injabulo enkulu ngaye ukubona, ngaphambi kokufa kwakhe, abaningi babazukulu bakhe bengenela inkonzo yesikhathi esigcwele.
Umfowethu omncane, uPaul-Gerhard, wasebenza endaweni yokunyathelisa eBethel yaseJalimane kwaze kwaba yilapho emenyelwa esikoleni sezithunywa zevangeli saseGileyadi. Wathola iziqu ekilasini le-19 ngo-1952. Ngemva kweminye iminyaka eminingi yenkonzo yesikhathi esigcwele, waphoqeleka ukuba ayeke lapho umkakhe egula ngokungathi sína. Ngisho nakuba umkakhe ehlala ngokugula, ukhonza njengomdala, futhi indodakazi yabo uBrigitte manje ikhonza njengephayona elikhethekile. Indodana yabo uDetlef isineminyaka eyi-14 iphayona. Izingane zikaElisabeth ezimbili, uJethro noWolfgang, nazo sezineminyaka eminingi zisenkonzweni yesikhathi esigcwele.
Ngo-1948 nami, ngokufanayo, ngaya kokhonza eBethel yaseWiesbaden. Emkhayeni waseBethel ngazizwa ngilondekile, njengasekhaya. Sasisebenza kanzima, ngokuvamile sisebenza kuze kube sebusuku impela, sithulula izincwadi eziningi zivela endlunkulu yaseBrooklyn. Ngo-1950 ngashada noGeorge Reuter, isisebenzi esasikanye naso eBethel. Ngalokho, kwaqala inkathi entsha kimi, enokuhlangenwe nakho okumangalisayo eduze nomyeni wami enkonzweni yesifunda, eyesigodi, neyezithunywa zevangeli eTogo, eAfrika, eLuxembourg, futhi manje eningizimu Spain.
Kuthiwani ngamanye amalungu omkhaya? Ngo-1960, uAnnemarie, uWaltraud noHildegard, kanye noMama, bathuthela edolobheni elikhulu laseJalimane lapho babengasebenza khona namabandla akhuluma isiNgisi nesiNtaliyane. UHildegard, owayesinde cishe iminyaka emihlanu yasejele nasekamu lokuhlushwa, ekugcineni wanqotshwa ukufa ngo-1979. UAnnemarie noWaltraud baye baqhubeka nomoya wabo wokuzidela nomsebenzi wokuzinikela.
Ngempela, umkhaya wakithi, oluthando lwawo ngoNkulunkulu lwaluza kuqala, uye wawabona amazwi kaJesu athi “uSathane uzakuphonsa abanye . . . etilongweni,” evivinya ukuthembeka kwezinceku zikaNkulunkulu “kuze kube-sekufeni.” Kodwa asikukhohliwe neze lokho uJesu akusho futhi: “Onqobayo akasoze oniwa ngukufa kwesibili.”—IsAmbulo 2:10, 11.
Ngakho-ke, sinazo zonke izizathu zokubheka phambili ekuhlanganisweni kuyi“GOLDEN AGE” ezayo—engasadwetshiwe nje odongeni. Ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu iyoba into engokoqobo!—IsAmbulo 20:11–21:7.
[Isithombe ekhasini 11]
Isithombe somkhaya wonke sokugcina kwezake zathathwa. Kusukela kwesobunxele kuya kwesokudla, ngemuva: USiegfried, uKarl-Heinz, uWolfgang, uBaba, uMama, uAnnemarie, uWaltraud, uWilhelm, uHildegard. Ngezansi: UPaul-Gerhard, uMagdalena, uHans-Werner, noElisabeth
[Isithombe ekhasini 12]
Umuzi womkhaya owawakhiwe esitobhini sebhasi i“GOLDEN AGE”