“Bengingenakuyibeka Phansi”
Yilokho umfundi onokwazisa akusho ngemva kokuqeds incwadi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise. Wabhala:
“Izolo ngiqede ukufunda incwadi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise. Bengingenakuyibeka phansi ingakapheli. Beyimnandi kakhulu. Ngithandazela ukuthi sengathi singawasebenzisa kahle onke amaphuzu akulencwadi.”
Abantu abaye benza kanjalo baye babika ukuthi ukuphila kwemikhaya yabo kuye kwathuthuka. Lencwadi inikeza ukusikisela okuqondile okusiza ekuxazululeni izinkinga futhi yenze umshado ube yinjabulo eyayihloswe uMdali ngawo. Ukuze uthole eyakho, siza ugcwalise bese uthumela isiqeshana esingezansi.
Sizani, ningithumelele incwadi esikhokhelwe eposini enoqwembe oluqinile, enamakhasi ayi-192 ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise. Ngifaka u-R1,40.