Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 7/15 kk. 28-30
  • Umbono WomKristu Ngengcebo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umbono WomKristu Ngengcebo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Izihlokwana
  • Ingabe Ufisa Ukuceba?
  • Ingabe Ucebile?
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 7/15 kk. 28-30

Umbono WomKristu Ngengcebo

INGABE uye wayifunda incwadi yokuqala kamphostoli uPawulu kuThimothewu muva nje, ikakhulukazi isahluko 1Thim 6:6-19? Yembula ukulinganisela okumelwe kwenziwe umcebo empilweni yamaKristu. Incwadi ithola uThimothewu ehlala edolobheni lase-Efesu elalicebe kakhulu. AmaKristu ayehlala kuleyondawo ebanzi yezohwebo kwakumelwe alwisane nomkhuba wokubheka ingcebo yezwe njengento enkulu. Ngamafuphi, lawomavesi ayeluleka: Yeneliswani ngeninakho, ningafuni ukuceba; labo asebecebile kakade, bangabeki ithemba labo ezintweni ezibonakalayo. Esikhundleni salokho, bonke kumelwe bacebe emisebenzini emihle futhi bonke kumelwe babonise ukuphana.

Umbono ongalinganiselwe ngengcebo ushukumisela abantu ekuhaheni. Ukuhaha kuba injwayelo leyo kancane kancane engagcina ihlubule ukubambelela komKristu ezimfundisweni ezihluzekile zikaKristu. Ehlukene nokucabanga okumsulwa kweqiniso, manje usehileleka ezingxabanweni eziningi nalabo abangaphakathi nabangaphandle kwebandla. Lendlela ingaholela ‘emhawini, embangweni, ekuhlambalazeni, ekuzindleni okubi, ekuxabaneni kwabantu abangqondo yabo yonakele, abamukwe iqiniso kodwa abathemba ukwenza inzuzo ngenkolo yobuKristu.’—1 Thimothewu 6:3-5, Philips.

Kunjalo ngalabo abasebenzisa kabi ubudlelwano bobuKristu ukuze bathole “inzuzo” yabo siqu engokwezimali. Balahlekelwa ingcebo yangempela leyo engalethwa kuphela ukwesaba uNkulunkulu, ‘isithembiso salokhu-kuphila nalokho okuzayo.’ Ngakho-ke, iseluleko sikaPawulu kubo bonke siwukuthi ‘baneliswe ukudla nezambatho.’—1 Thimothewu 4:8; 6:8.

Ingabe Ufisa Ukuceba?

Lapho abacebile bezikhukhumeza, abanye ngokuvamile bangase bazizwe bengelutho, okungase kubabangele, okokuqala, ukuba babe nomona futhi kamuva isifiso esinamandla, nesihehayo somcebo noma okungenani izinto umcebo ongazithenga. Noma umona wabo ungase ubenze baphethe kabi ngokuthi benza kahle ngokuzuza ngabacebile nangomcebo wabo ngokukhathaza njalo befuna imali kodwa bebalekela ukukhokha. Ngokujabulisayo, u-1 Thimothewu 6:6-16 unikeza iseluleko esinengqondo ngokuthi kungani amaKristu kumelwe agweme isifiso esibhubhisayo sokuceba nokuthi lokhu angakwenza kanjani.

◻ 6:6-8—Akuvamile ukuba ukwaneliseka kulandele ingcebo, kodwa ngaso sonke isikhathi kuhamba nokwesaba uNkulunkulu. Kungani ufuna izinto abanye abanazo? Zimane zingezesikhashana, ngoba asizanga nalutho ezweni, futhi asiyikumuka nalutho.

◻ 6:9—Akusiwo ngokuvamile umcebo kodwa ilabo “abafuna ukuceba,” labo njengesilwane esiyisiwula, abathatha ukudla okucushwe ngakho, babanjwe ogibeni, futhi bathunjelwe ‘ezinkanukweni ezishonisa’ abantu ekubhujisweni (zibadonsela phansi ngempela).

◻ 6:10—Zonke izinto ezimbi, zivela ‘othandweni lwemali.’ Ngenxa yemali, abantu baye baphendukezela ukulunga, bantshontsha, bathengisa ngobulili babo, babulala, bakhiphela abanye futhi benza iqiniso laba amanga. Ayikho into enhle evela kuloluhlobo lothando. Kungani? Ngoba lugxiliswe esonweni. Njengoba izimpande eziningi zifihlekile, amaKristu angaqaphile ayawedelela amandla angathi sína obubi obusekelwe ‘othandweni lwemali.’ ‘Ngokuyifisa nje kuphela—hhayi ukuba nemali—‘abanye baye badukelwa ukukholwa.’ Umphumela uba umuntu ‘ogwazwe izinhlungu ezingokomzwelo, ezingokwenyama nezingokomoya’ ngenxa yokuzama ukuthola nokubambelela engcebweni. Ingcebo yona ngokwayo aziyilethi injabulo.

◻ 6:11-16—Kunokuphishekela ingcebo, amaKristu ahlakaniphile ayakubalekela ukuhaha. Ibanga elilondekile alinakuba kude kakhulu. Basebenzisa isikhathi sabo bethola izimfanelo ezisizayo ‘zokulunga, nokumesaba uNkulunkulu, nokukholwa, nothando, nokubekezela, nobumnene’ ukuze ‘babambelele ekuphileni okuphakade,’ bangabi ‘nabala, nakusoleka’ ngaphambi kukaJehova, uKristu nabakholwa kanye nabo.

Ingabe Ucebile?

Amanye amaKristu ekhulu lokuqala ayecebile. Kungenzeka azuza umcebo wawo njengefa noma awuthola ngendlela engasoleki yebhizinisi. Ngokwesibonelo, uLidiya waseFilipi wayenebhizinisi lokudayisa izingubo ezilukiwe ezinombala noma ezikhanyayo. Njengoba umuthi obubende wokushintsha umbala nezingubo ezibubende zazibiza, kunokwenzeka ukuthi uLidiya wayecebile ngezinga elithile. Wayisebenzisa kanjani ingcebo yakhe? ULidiya wayengagabisi. Ngokuthobeka wasebenzisa ayenakho ukubonisa ukuphana kwangempela kobuKristu nokuthuthukisa ukusakazwa kwezindaba ezinhle. Ngokujabulisayo nanamuhla, bakhona labo abanomoya ofanayo omuhle.—IzEnzo 16:14, 15, 40.

UThimothewu wokuQala 6:17-19 uneseluleko esihle ngalabo abangathanda ukulingisa isibonelo sikaLidiya.

◻ 6:17—Kunengcebo ekhukhumezayo, abacebile bayalwa ukuba babonise ukuthobeka—bangazicabangeli bebakhulu kunabantu abampofu. Indlela yabo yokuphila kumelwe ibonise kubo bonke ababukayo ukuthi ithemba labo loqobo, alikho engcebweni, kodwa, kunalokho, ligxiliswe ngokuqinile kuNkulunkulu. Ngalendlela ababeki isikhubekiso sangempela ngaphambi kwalabo abangacebile; abathuthukisi ukuhaha ngendlela yomona. Futhi, akumelwe bakhohlwe ukuthi izinto ezibonakalayo nomcebo azihlali njalo khona-ke futhi zingancibilika ngokushesha kuneqhwa ngaphansi kwelanga elishisayo.

◻ 6:18, 19—Sebenzisa futhi ujabulele ingcebo yakho ngokuzisiza wena nabanye ukuba bakhonze uJehova, leso iseluleko sikaPawulu. Abacebile kumelwe bazame ngazo zonke izindlela ukuba benze okuhle ngokomoya, benikeza ngokuzithandela usizo olungokwenyama kulabo abanesidingo sangempela ngokwenyama, futhi bajabulele ubudlelwano nabo bonke abasebandleni, kuhlanganisa abampofu kakhulu nabathobeke kakhulu.

Ingabe lokhu kusho ukuthi abangacebile kumelwe bafune ukuphiwa yilabo abakholwa nabo abacebile? Cha. Njengoba kuboniswe kwabesi-2 Thesalonika 3:10-12 naku-1 Thimothewu 5:8, umKristu ngamunye onempilo enhle unesibopho sokusebenza ukuze abele indlu yakhe. Ngakho uma umuntu enqaba ukusebenza, ukumnika imali ngeke kumsize ngempela. Okufanayo kuyiqiniso ngalabo abayisaphaza ngobuwula imali. Imali eningi ngeke isize ngempela. Kodwa, yeka ukuthi kuyisibusiso kanjani ebandleni lapho abakholwayo abathembekile abanesidingo sangempela benikezwa ngomusa usizo olungokwenyama noma olungokomoya. Ngalendlela, zonke izinhliziyo zigxiliswa ekubekeni ezulwini ingcebo eyoveza izinzuzo ezicebile esimweni semivuzo engokomoya evela kuJehova.

Ngakho-ke, sonke kumelwe ukuba manje sicabanga ngokuma kwethu phambi kukaNkulunkulu noKristu. IzAga 11:4 ziyasikhumbuza: “Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kepha ukulunga kophula ekufeni.” Ngakho kungani usebenzisa ngokugcwele lelizwe, eliguqukayo nelifayo? (1 Korinte 7:29-31) Balekela ukuhaha nemiphumela yakho ebulalayo! Asinaso isikhathi esingapheliyo sokuqopha umlando omuhle ngemisebenzi emihle. Kwangathi singatholakala singabantu abanengcebo eningi ezulwini.—Mathewu 6:20.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela