Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 6/15 kk. 3-4
  • Ukungaqondi Kahle Okwandile NgeBhayibheli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukungaqondi Kahle Okwandile NgeBhayibheli
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukungaqondi Kahle Okwandile
  • “Incwadi YamaProthestani”?
  • Kungani Kumelwe Ufunde lBhayibheli?
  • Indlela Yokwenza Ukufunda Kwakho IBhayibheli Kube Nezithelo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Kungani ISonto Lami Lihlukene?
    I-Phaphama!—1988
  • Izimfa Esakhiweni Esikhulu
    I-Phaphama!—1988
  • Libambe Ngokuqinile IZwi LikaNkulunkulu
    Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 6/15 kk. 3-4

Ukungaqondi Kahle Okwandile NgeBhayibheli

OPONDO abangaphezu kwezi-8 000 000 ngokwemali yaseNgilandi! Yeka inani elimangalisayo lokukhokhela incwadi eyodwa! Nokho, lapho isando somdayisi sehla endalini eyayiseLondon ngoDecember 1983, lelo kwakuyinani elakhokhwa umthengi, owayemelele iFederal Republic of Germany. Iyiphi incwadi okwakungenzeka ibize kangako? Kwakuyingxenye yeBhayibheli, eqinisweni incwadi ehlotshisiwe yamaVangeli yekhulu le-12 leminyaka.

Kungakhathaliseki ukuthi ziyini izizathu zokukhokha isamba esikhulu kangaka ngalencwadi, kuyathakazelisa ukuthi inani elinjalo lomsebenzi wobuciko lingaba elengxenye yeBhayibheli. Kubonisa umbono wabantu abaningi wokuthi iBhayibheli alinakulinganiswa nalutho. Abanye, nokho, babheka iBhayibheli ngokulisola noma ngisho nangobutha. Kungani?

Ukungaqondi Kahle Okwandile

Abantu abaningi, ikakhulukazi emazweni amaProthestani, bathi iBhayibheli linjengevayolini endala engasetshenziswa ukudlala izingoma eziningi. Banomuzwa wokuthi iBhayibheli lingasetshenziswa ekufakazeleni izimfundiso eziningi eziphambene. Bathi: ‘Konke kuxhomeke endleleni olichaza ngayo.’ Ingabe lokhu kuyiqiniso?

Yebo, iBhayibheli lingacashunwa emizamweni yokusekela imibono ehlukeneyo. Kodwa uma lokho okushiwoyo kuthathwa ngaphandle komongo wendaba, ingabe umsebenzi wanoma imuphi umlobi ubungeke yini wenziwe ubonakale uziphikisa? Ingabe lokhu bekungaba ukwethembeka? OFakazi BakaJehova babambelela ekutheni ukufundwa kweBhayibheli ngokwethembeka akukuvumeli ukuchazwa okuphambene kwezimfundiso eziyisihluthulelo.

IBhayibheli ngokwalo liyasho, “Nazi lokhu kuqala ukuthi kasikho isiprofetho sombhalo esingachasiselwa ngumuntu ngokwakhe.” (2 Petru 1:20) Ngamanye amazwi, amandla abangela ukulotshwa kwemiBhalo engokwesiprofetho kwakungewona nje amandla omuntu, kodwa kwakungumoya ongcwele, noma amandla kaNkulunkulu ayisiphekupheku. Ungowokuqala kubo bonke abaprofethi noMphefumleli wazo zonke iziprofetho zeBhayibheli eziyiqiniso ngamandla akhe angabonakali ayisiphekupheku.

Okunye ukungaqondi kahle okwandile kuwukuthi, njengoba uNkulunkulu wemiBhalo ephefumlelwe yamaKristu yesiGreki enomusa nothando, uNkulunkulu wemiBhalo ephefumlelwe yesiHeberu unonya futhi uyaphindisela. Umlobi wezindaba ongumFulentshi uStendhal wabhala ukuthi uNkulunkulu “isidlwangudlwangu, futhi, enjalo nje, ugcwele imiqondo yempindiselo; iBhayibheli lakhe likhuluma ngezijeziso ezesabekayo kuphela.” Lombono awumangalisi, njengoba uvela kumuntu owaziwa njengeshinga elingakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu. Ngeshwa, lombono ofanayo uvunyelwa abaningi abazibiza ngamaKristu, kuhlanganise nabanye abefundisi.

Iqiniso liwukuthi kokubili engxenyeni eyalotshwa kuqala ngesiHeberu nasengxenyeni eyalotshwa ngesiGreki, imibhalo ibonisa ngokucacile ukuthi “kukhona uNkulunkulu munye” kuphela. (1 Korinte 8:6; Duteronomi 6:4) Zombili izingxenye ziveza uNkulunkulu njengonomusa, olungile, onothando, noneqiniso. (Eksodusi 34:6, 7; IHubo 103:6-8; 1 Johane 4:8; Heberu 12:28, 29) Ezinye zezingxenye ezinobubele kakhulu zemiBhalo zitholakala engxenyeni yesiHeberu yeBhayibheli, njengakumaHubo. Ngokuphambene, “iTestamente Elisha” liqukethe izincazelo ezishaqisayo zezahlulelo ezinzima ezikhishelwa ababi. (2 Thesalonika 1:6-9; IsAmbulo, izahluko 18 no-19) Kusuka ekuqaleni kuya ekugcineni iBhayibheli libonisa ithemba elimangalisayo labalungileyo. (Genesise 22:17, 18; IHubo 37:10, 11, 29; IsAmbulo 21:3, 4) Ngakho iBhayibheli liyavumelana kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni.

“Incwadi YamaProthestani”?

Ukungaqondi kahle okukhona phakathi kwamaKatolika angamakhulu ezigidi kuwukuthi iBhayibheli “liyincwadi yamaProthestani.” AmaKatolika aqotho akumelwe asolwe ngalombono. Emakhulwini amaningi eminyaka iSonto lamaRoma Katolika lenqabela ukufundwa kweBhayibheli nganoma iluphi ulimi ngaphandle kwesiLatini. Lokhu kwenza ukuba imiBhalo ingafinyeleleki kumaKatolika amaningi avamile. Yiqiniso, kusukela ngo-1897 futhi ikakhulukazi kusukela ngoMkhandlu wesibili waseVatican (1962-1965), amaKatolika aye aba nelungelo lokufunda amaBhayibheli olimi olujwayelekile avunyelwe yiRoma. Kodwa amasiko anenkani. Ngakho, emazweni awubuKatolika kakhulu, ukufundwa kweBhayibheli kusahlanganiswa nobuProthestani.

AmaKatolika amaningi akhuthele aye athola iBhayibheli eminyakeni yamuva awakakhululeki kahle ukuba alithathe nje alifunde. Kungani kunjalo? Ngoba isonto lawo lisafundisa ukuthi ukufunda iBhayibheli kungaba ingozi. Ngani? Ngoba iSonto lamaRoma Katolika lithi iBhayibheli alisiqukethe isambulo esiphelele seqiniso lobuKristu; lidinga ukupheleliswa “ngesiko.” Encwadini yakhe iLa Parole de Dieu (The Word of God), uGeorges Auzou, uprofesa ongumKatolika womBhalo oNgcwele, wabhala: “Isiko landulela, limboze, lihambisane futhi libe ngaphezu kwemiBhalo. . . . [Lokhu] kusisiza ukuba siqonde ukuthi kungani iSonto lingazange lenze ukufundwa kweBhayibheli noma lokutadisha iBhayibheli kube isibopho esiqinile noma isidingo sangempela.”

Kungani Kumelwe Ufunde lBhayibheli?

Nokho, amaKatolika amaningi aqotho emhlabeni wonke athola iBhayibheli futhi afuna usizo lokuliqonda. Kungokufanayo ngamaProthestani amaningi adumele, ngisho nabanye abaye babeka amathemba abo ebukhomanisini, esimisweni sokusebenzela uhulumeni, noma kusayensi.

Ecubungula izizathu zesithakazelo esivuselelwe ezindabeni ezingokomoya, umxhumanisi wenkolo uAlain Woodrow waloba kuyiLe Monde yaseParis yansuku zonke: “Lokhu okokuqala kuwukusabela okungokwemvelo kokusanguluka okulethwe ukwehluleka kwezimiso ezinkulu zomcabango, ezengqondo, ezombangazwe, kanye nesayensi.” Wanikeza nezinye izizathu, “ukudumazeka emasontweni ahleliwe ngenxa yokuvumelana kwawo nezombangazwe kanye namandla angokwezimali alelizwe,” okokugcina, yilokho akubiza ngokuthi “ukwesaba isiprofetho.”

Ungase ube omunye walabo asebeye baqala ukufunda iBhayibheli. Uma kunjalo, kuyodingeka wazi indlela yokwenza ukufunda kwakho iBhayibheli kube nezithelo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela