Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 5/15 kk. 27-31
  • Iqiniso LeBhayibheli Liyanqoba Phakathi Kwamasiko

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iqiniso LeBhayibheli Liyanqoba Phakathi Kwamasiko
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Izihlokwana
  • Amandla Eqiniso LeBhayibheli
  • Iqiniso LeBhayibheli Lizuza Izingane
  • ‘Funani UMbuso Kuqala’
  • Inselele Yomphakathi Oxubile
  • Ukwakhela Ikusasa
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 5/15 kk. 27-31

Iqiniso LeBhayibheli Liyanqoba Phakathi Kwamasiko

EMINYAKENI eyikhulu edlule, iBhayibheli belinendawo yokuqala emikhayeni eminingi yaseBrithani. IKing James Version ka-1611, ingxenye eyamiswa yesiko lamaProthestani lesizwe, yayithandwa kakhulu futhi ihlonishwa. Ngakho, ngesikhathi uCharles T. Russell, umongameli wokuqala weWatch Tower Society, evakashela Iziqhingi zaseBrithani okokuqala ngo-1891, wahlabeka umxhwele “ngentshiseko engokwenkolo” yabantu. Wachaza izwe “njengamasimu aselungile futhi aselindele ukuvunwa,” futhi wabona isidingo esiphuthumayo sokuqoqela ndawonye lesithakazelo nokusakaza izincwadi zeBhayibheli ezengeziwe kulelozwe.

Ukuze ahlangabezane nalesidingo, uRussell wavula indawo yokugcina izincwadi eLondon, futhi ngo-1898 kwase kunamabandla ayisishiyagalolunye abaFundi BeBhayibheli (njengoba oFakazi BakaJehova babaziwa kanjalo) ababehlangana eBrithani. Eminyakeni emibili kamuva, ngo-1900, ihhovisi legatsha lokuqala leWatch Tower Society lahlelwa eLondon, futhi ngo-1911 lamiswa ku-34 Craven Terrace. ITarbenakele laseLondon eliseduze laba inkundla yemihlangano eminingi engokomlando. Umsebenzi wobuvangeli wachuma kulo lonke izwe.

Ngokugqashuka kweMpi Yezwe I ngo-1914, nokho, izinto zashintsha ngokuphelele. Ukusekelwa kwenkolo engokwesiko kwaqala ukuncipha, ukuncipha kwakho kusaqhubeka nasosukwini lwethu. Ubani ngalesosikhathi owayengacabanga ukuthi kungenzeka eminyakeni engama-70 kamuva iSonto laseSheshi, elalicwile emikhubeni yesizwe namasonto alo akudala kanye nawababhishobhi, amasiko nemikhosi, laliyolahlekelwa amaphesenti angama-75 ebandla lalo ngaphambi kokuba lifinyelele iminyaka engama-20? Noma ukuthi ubulungu beSonto laseScotland babuyokwehlela ngaphansi kwesigidi, noma ngaphansi kwamaphesenti angaba yi-18 enani labantu? Noma ukuthi amasontwana amaningi amaWelishi ayeyogcina esengamagaraji, izitolo ezinkulu, noma izinkundla zokuzijabulisa? Kodwa sinjalo isimo namuhla.

Ngakolunye uhlangothi, ubani owayengacabanga ukuthi oFakazi BakaJehova eBrithani babeyoba abashumayeli abakhuthele abangaphezu kwezi-95 000, ngo-1984? Noma ukuthi amabandla abo ayi-1 170 ayeyohileleka esimisweni esingakaze senzeke ngaphambili sokwakhiwa kwamaHholo oMbuso? Nokho, amaqiniso asobala kubo bonke. Singasichaza sithini nje lesisenzakalo esibonakala siphambene nokujwayelekile? Kungani oFakazi BakaJehova bechuma eBrithani? Futhi iziphi izinselele ababhekene nazo namuhla?

Amandla Eqiniso LeBhayibheli

Amasiko anenkani, njengoba isisho sesiNgisi sisho. Noma kunjalo, uthando ngeqiniso leBhayibheli luye lwenza abaningi abaye baba abasekeli besonto isikhathi eside bagqashuka kunoxhaka wamasiko anjalo. Abanye futhi, baye bavumela amandla eqiniso leBhayibheli ashintsha ukuphila kwabo. Ngempela, kokuhlangenwe nakho okulandelayo, singabona ngokukhanyayo indlela iqiniso leBhayibheli elinqoba ngayo phakathi kwamasiko eBrithani.

Esinye isalukazi ebesiyilungu leChurch of England konke ukuphila kwaso sasaziwa kahle ngothando lwaso ngeBhayibheli. Nakuba sasazi futhi sijabulela oFakazi abaningi emphakathini wakubo, asikaze sizivumele ukuba sihileleke kakhulu uma kuziwa ekuxoxeni nabo ngenkolo. Kodwa lapho incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ihlelelwa ukufundwa eqenjini lesifundo seBhayibheli eliseduze, samukela isimemo sokuba sibe khona futhi sathinteka kakhulu ngalokho okwakuxoxwa ngakho. Kusukela kulowomhlangano wokuqala, sabakhona njalo lapho, kanye naseHholo LoMbuso lebandla. Lapho kufika umfundisi ezobuza ngokungabi bikho kwaso esontweni, samtshela ngokungagunciyo ukuthi ngeke sisabuyela njengoba sasesifunde okuningi ngeBhayibheli emasontweni ambalwa adlule kunalokho esasikufunde eminyakeni yaso engama-86 njengelungu lesonto.

“Ukuvuma izono ngemva kokuxoxa noFakazi” kwakuyisihloko esikhulu esanikezwa endabeni elandelayo yiThe West Wales Guardian. Indoda eneminyaka engama-30 yayiboshelwe ukweba. Yatshela ummeli wayo ukuba afake isikhalo sokuthi “Ayinacala.” Nokho ngaphambi kokuthethwa kwecala, yaqalisa ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Waba yini umphumela? Isitatimende eyasinikeza inkantolo noshintsho lomzuzu wokugcina lokuthi “Ngiyalivuma”! Ekuhlaziyeni indaba, imantshi yathi: “Siyajabula ngokuthi uye wanquma ukuphila ngokuhambisana nomthetho wezwe.” Umfazi walendoda, azisa ushintsho olukhulu umyeni wakhe ayeselwenzile ekuphileni, wathi: “Lena ngempela indlela engcono kakhulu yokuphila!”

Iqiniso LeBhayibheli Lizuza Izingane

Eminyakeni eminingi, imbangela yengxabano emakhaya anomzali oyedwa kuphela onguFakazi iye yaba ukuthi izingane ziyancisheka, ikakhulukazi uma kuziwa emikhosini yenkolo engokwesiko. Nokho, isinqumo samuva nje seNkantolo ePhakeme, sibeka lendaba ethinta inhliziyo ngombono ohlukile ngokuthi, uma sicaphuna ingxenye:

“Akukho lutho lokuziphatha okubi noma ecasulayo ngokwenhlalo ezinkolelweni nasemikhubeni [yoFakazi BakaJehova]. Ngenxa yokuthi sikhuluma ngehlelo elingathandwa, kunengozi enkulu yokwenza ihaba ngezingozi ezingavelela inhlalakahle yalezingane eziyoyithola ngokuthi kungenzeka zilandele unina futhi zibe oFakazi BakaJehova.”

Kunokuba zincisheke, izingane zoFakazi BakaJehova njalo ziyanconywa ngenxa yokuqeqeshwa nokukhuliswa kwazo kobuKristu. Ngokwesibonelo, omunye uthisha eGlasgow, eScotland, waphawula ukuthi “zenza kahle esikoleni, hhayi ngoba zihlakaniphe kakhulu, kodwa ngoba, kusukela zisezincane, zifundiswa indlela yokuhlala zilalele nokuthi zingakusebenzisa kanjani ezikufundayo.” Waphawula futhi nokuthi intsha engoFakazi ibonakala inokulinganisela okukhulu futhi ngalesosizathu, ngombono wakhe, ikwazi kangcono ukumelana nezinkinga ezingajwayelekile eminyakeni yokukhula.

‘Funani UMbuso Kuqala’

Kwenzekani lapho izingane zikhula? Ingabe ukuqeqeshwa ezikuthola zisencane kuphumela enzuzweni ethile lapho sezikhulile? Njengoba kunabantu abayizigidi ezintathu nengxenye abantula imisebenzi eBrithani manje, ukubeka izinto ezingokomoya kuqala ekuphileni kungaba uvivinyo lwangempela. Nokho, njengoba uJesu athembisa, “ukufuna kuqala umbuso” kuholela emivuzweni ecebile, njengoba kufakazelwa okuhlangenwe nakho okulandelayo.—Mathewu 6:33.

Ngesikhathi ezama ukunquma phakathi kwenkonzo yesikhathi esigcwele nomsebenzi ophakeme ezweni, uFakazi osemusha wanikwa umsebenzi omuhle embonini yonjiniyela ngesivumelwano sokuthi kumelwe abhalisele izifundo ezikhethekile ngoLwesibili nangoLwesine kusihlwa. Lensizwa nokho, yanquma ukucacisa ukuthi, njengomunye woFakazi BakaJehova kunemihlangano yebandla eya kuyo kusihlwa ngalezozinsuku zombili. “Yikuphi oyokubeka kuqala?” imeneja ifuna ukwazi. Ingazimisele ukuhlehla, lensizwa yawubonga lowomsebenzi kodwa yabamba amatoho ukuze izisekele futhi yaqalisa enkonzweni yesikhathi esigcwele.

Ibheka emuva eminyakeni emine yomsebenzi ojabulisayo, onezithelo, lensizwa, manje ezibekele umgomo wenkonzo yezithunywa zevangeli kwamanye amazwe, iye yabona abaningi kontanga bayo abaya emayunivesithi bentula umsebenzi. Abanye baye baba izehluleki emphakathini. Kuthiwani ngenkampani eyayinika ithuba lomsebenzi? Ngokushesha ngemva kwalokho yawa futhi ayisekho.

Inkonzo yesikhathi esigcwele, noma ubuphayona, akuyona nje eyentsha. Omunye uFakazi, indoda enomkhaya enyakatho yeNgilandi, wadayisa ibhizinisi lakhe elalichuma wabamba amatoho ukuze aphayone njalo. Ngokuhola kwakhe okuhle, ezintathu zezingane zakhe ezine zaphayona ziqeda nje isikole, zishiya indodakazi esele eshisekela ukuzijoyina uma sekufike ithuba layo. Umama naye ubeka isibonelo esihle ngokukhonza njengephayona elisizayo, echitha amahora angama-60 noma ngaphezulu ngenyanga emsebenzini wokushumayela noma nini lapho engakwenza.

Inkonzo yamaphayona asizayo iye yachuma eBrithani. NgoMay 1984, inani eliphakeme loFakazi abayizi-12 108 langenela ngokuzithandela lelilungelo lenkonzo. Cabanga ngentshiseko kwelinye ibandla leziKoshi ngesikhathi umzalwane oneminyaka engama-23, owazalwa ekhubazekile engenazo izingalo enomlenze owodwa kuphela, ehola kulokhu futhi ebhalisa. Ngosizo lomusa webandla, uyakwazi ukufakaza endlini ngendlu.

Inselele Yomphakathi Oxubile

Nakuba iBrithani iyizwe elincane, iyinselele ngokuqondene namasiko ayo ahlukahlukene, izilimi ezinkulu nezincane. Ngokwesibonelo, eWales, abantu abaningi, nakuba bekhuluma isiNgisi, basagxilile olimini lwabo lokuzalwa, isiWelishi. Abambalwa, ezindaweni ezikude zombuso, bakhuluma isiWelishi kuphela. Ukuze ibasize, muva nje iNhlangano iye yanyathelisa izincwadi eziwusizo ekutadisheni iBhayibheli ngolimi lwesiWelishi, futhi imibiko yokuqala ibonisa ukuthi zemukelwa kahle kakhulu.

Kusukela ngeMpi Yezwe II, bekunokugobhoza okuhamba kancane kwezakhamuzi zaseBrithani zivela emazweni ayengaphansi kwayo. Ngaphandle kwamanani amakhulu amaNdiya aseNtshonalanga, imibiko ibonisa ukuthi amaEshiya angaphezu kwesigidi avela eNdiya, ePakistan, naseBangladesh asehlala eBrithani. Izilimi zawo ziye zaba inselele ethakazelisa kakhulu koFakazi BakaJehova. Nakuba izincwadi zeBhayibheli zitholakala ngakho kokubili isiGujarati nesiPunjabi—okuyizilimi ezimbili ezinkulu ezihilelekile—ukuphumelela kokuqala akulula. OFakazi abazimisele ukufunda izilimi nokuqonda amasiko ezenhlalo nangokwenkolo alabantu bemukelwa ngokufudumele izakhamuzi.

Ngomphumela walokho, iphephandaba laseLondon iGaravi Gujarat liyabika: “AmaGujarati amaningi aye agqashula esimisweni seSiko LamaHindu futhi manje aye aba oFakazi BakaJehova. Isihloko esikhulu esifanayo kuyiWembley Midweek sithi: “IBhayibheli lephula izintango zesiko.” Labo abagqashulayo, nokho babhekana nokucindezela okukhulu komkhaya, ikakhulukazi ngokuphathelene nesiko lomshado ohleliwe. Ibhekene nalesisimo, enye intombazane esencane yaseNdiya yafakaza kabanzi emadodeni alethwa kuyo njengabakhwenyana bakusasa. Ngayinye ngenxa yalokho yanquma ukuthi ayifuni ukuyishada ngenxa yokholo lwayo oluqinile. Ekugcineni, ngemvume yabazali bayo, yashada noFakazi waseNdiya. Manje bangumkhaya onobunye enkonzweni kaJehova. Namuhla, oFakazi abangaphezu kwama-500 abanesizinda saseAsia bakhuthele kulo lonke izwe, phakathi kwabo kunabashumayeli besikhathi esigcwele abangama-35!

Ukwakhela Ikusasa

Ezinyangeni ezandulela impi yezwe yesibili, amaHholo OMbuso okuqala akhiwa eLondon, emaphethelweni edolobha eHarrow naseIlford. Manje, kunamabandla ayi-140 eLondon iyodwa, kuhlanganise namane esiGreki, amabili esiNtaliyane, nelilodwa lesiPanishi, kanye namaqembu esiShayina, isiGujarati, isiJapane, isiPutukezi kanye nesiPunjabi. Inselele yokuthola amaHholo OMbuso amasha, naphezu kokudlanga kwamanani eziza, inkulu kunanini ngaphambili.

Nokho, okusheshisa izinto, isimiso esisha sokwakhiwa kwamaHholo OMbuso ngezinsuku ezimbili. Ihholo lokuqala elinjalo lakhiwa eYurophu ngo-1983 edolobheni laseNorthampton phakathi neNgilandi. OFakazi abanokuhlangenwe nakho kulomsebenzi ongavamile wokwakha babevela eUnited States naseCanada ukuze bazoqondisa umsebenzi. Esikoleni esiseduze, uthishanhloko wanika izingane imvume yokuvakashela isakhiwo ngezikhawu ezithile njalo ukuze zizibonele ngokwazo lokho akubiza ngokuthi “umbono obeka inselele womsebenzi omkhulu womphakathi.” Kodwa kwakungaphezu kwalokho. Kwakungumsebenzi wezizwe zonke, kunezisebenzi zokuzithandela ezingaba ama-500 zivela ezindaweni ezikude njengeJapane, i-India, iFrance, neJalimane.

Lomoya wobunye manje ubangela ukuphawula okuningi eBrithani. OFakazi BakaJehova abasabhekwa njengengcosana engasho lutho. Babhekwa njengabantu abanenjongo, abakhela ikusasa, njengoba omunye umfundisi weSonto laseNgilandi ekubeka, “banokuhleleka okuhle nentshiseko evuthayo.” Wabuye waphawula: “Babonisa ulwazi oluningiliziwe ngeBhayibheli. Bangalicaphuna futhi basheshe ukuthola indawo abayifunayo. Amalungu abo avamile abonakala eqeqeshwe kahle ngokungavamile.” Nasi isizathu sobunye babo namandla: OFakazi BakaJehova basebenzisa iBhayibheli njengokuphela kwegunya lakho konke abakukholelwayo nabakushumayelayo, okuyiqiniso elivunywayo namuhla.

EBrithani ngawo-1980, iBhayibheli liseyincwadi ethengwa kakhulu, nehlonishwayo ngoba lilokhu likhona. Iqiniso, “intshiseko ngenkolo” eyayibonakala kahle eminyakeni eyikhulu edlule kungenzeka ayisekho. Kodwa ngokuphakamisa iqiniso leBhayibheli, oFakazi BakaJehova lapho babuthela ndawonye isivuno esiningi. Ingqikithi yabantu abayizi-187 709 babebuthene nabo eSikhumbuzweni saminyaka yonke sokufa kweNkosi uJesu Kristu ngo-1984—inani eliphakeme! Khona-ke, banesizathu esihle sokuhlala benethemba lokuthi kulelizwe lamasiko izinkulungwane ezengeziwe zisazolamukela iqiniso leBhayibheli ukuze zibe abakhulekeli bakaJehova, uNkulunkulu weqiniso, njengoba lesimiso sezinto sisondela ekupheleni kwaso.—Mathewu 24:3, 14.

[Ibalazwe/Isithombe ekhasini 27]

(Ukuze ubone ukuthi kumi kanjani, bheka encwadini)

IBRITHANI

SCOTLAND

Glasgow

ENGLAND

Northhampton

London

WALES

[Isithombe ekhasini 29]

IHholo LoMbuso Elakhiwe Ngokushesha eNorthampton, eNgilandi

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela