Yamukela Usizo LukaNkulunkulu Ukuze Unqobe Amaphutha Asekusithekeni
“Nginamandla okwenza konke ngaye ongiqinisayo.”—FILIPI 4:13.
1. Yisiphi isicelo esenziwa omunye ubaba owayekhathazekile?
LOMFANA wayenesithuthwane.a Wayekhihliza amagwebu, adiklizeke phansi, futhi ngezinye izikhathi awele emanzini noma emlilweni. Uyise owayekhathazekile wafuna umuntu okwakuthiwa welapha abagulayo. Lapho kubonakala sengathi ikhono lalomuntu lalingenakwethenjwa, uyise wathi: “Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami!”
2. Singaqiniseka kanjani ukuthi uNkulunkulu ufuna ukusisiza ukuba sinqobe amaphutha ethu?
2 Singafunda okuthile kulobaba owafuna usizo lukaJesu. Lendoda yavuma ukuthi ukholo lwayo kungenzeka lwabangalungile; futhi yayiqiniseka ukuthi uJesu wayefuna ukuyisiza. Kungaba ngokufanayo nangathi, njengoba sibhekene namaphutha ethu—ngisho nasekusithekeni—futhi sisebenzela ukuwanqoba. Singethemba ukuthi uJehova uNkulunkulu ufuna ukusisiza, njengoba eye wasiza abanye ngaphambili. (Qhathanisa noMarku 1:40-42.) Ngokwesibonelo, wasiza umphostoli uPawulu ukuba abhekane namaphutha ayengaphumela ekubeni acebe noma aswele. Umuntu ompofu angase afune ukuceba; iphutha lomuntu ocebile kungaba ukwethembela kwakhe kakhulu empumelelweni nokubukela phansi labo abanokuncane. (Jobe 31:24, 25, 28) UPawulu wawanqoba noma wawagwema kanjani amaphutha anjalo? Uthi: “Nginamandla okwenza konke ngaye ongiqinisayo.”—Filipi 4:11-13.
3. Kungani kuwukuhlakanipha ngathi ukuba sizame ukunqoba ubuthaka bethu?
3 Sisebenzisa amandla kaNkulunkulu, sihlakaniphile uma sisebenzela ekunqobeni amaphutha ethu, singabi abangawanaki ngoba nje okwamanje engase angaziwa. Umhubi wathi ngoJehova: “Yena owazi izimfihlakalo zenhliziyo.” (IHubo 44:21) Uma singawanqobi amaphutha ethu, angaphumela ekulimaleni kwethu okukhulu. Lesimiso siyasebenza: “Izono zabanye abantu zisobala, zibandulela ekwahlulelweni; kepha abanye ziyabalandela.” (1 Thimothewu 5:24) Ake sihlole amaphutha amabili avamile afanele ukunakekelwa amaKristu afuna ukujabulisa uJehova.
Iphutha Elisekusithekeni Elihilela Isifiso Sobulili
4, 5. (a) IBhayibheli linikeza muphi umbono olinganiselwe wesifiso sobulili? (b) Yiziphi izixwayiso esizithola emiBhalweni maqondana nesifiso sobulili?
4 Esinye sezipho zikaNkulunkulu esihle kakhulu umshado, uhambisana namandla nesifiso sokuzala. (Genesise 1:28) Isifiso sobulili esiboniswa ebuhlotsheni bomshado siyimvelo futhi sihlanzekile. IBhayibheli litusa ukuthola injabulo yobulili nomngane wakho womshado. (IzAga 5:15-19) Nokho, isifiso sobulili asinakuyekwa nje singathitshwa. Ngokuqhathanisa, cabanga ngesifiso sethu sokudla. Ukuthi sinesifiso esihlale sikhona akusho ukuthi kumelwe sifune ukudla ngokweqile, noma ukuthi asidingi ukuzibamba ngokuthi sidla nini, kuphi, noma kanjani.—IzAga 25:16, 27.
5 Kungenzeka uPawulu wake washada, futhi wayazi ukuthi ubuhlobo bobulili obuvamile phakathi kwabantu abashadile bufanelekile. (1 Korinte 7:1-5) Ngakho kumelwe ukuba wayebhekisela kokunye okuseceleni lapho ebhala: “Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka, nokukhanuka, nesangabe.” (Kolose 3:5) Kufanele ukuba wayesho ubuhlobo bobulili ngaphandle kwelungiselelo elifanele lomshado. Umphostoli wathi futhi: “Ukuba yilowo nalowo kini akwazi ukuhlala nomkakhe ngobungcwele nangokuhlonipha, kungabi-ngokushisa kwenkanuko.” (1 Thesalonika 4:4, 5) Lesiseluleko esiphefumlelwe esiqondile, siyinzuzo kokubili kumaKristu ashadile nangashadile.
6. Kungani amaKristu ekugwema ngokufanele ukushaya indlwabu?
6 Enye indlela ‘inkanuko enjalo yenyama edlulele’ (1 Thesalonika 4:5, The New Testament for English Readers, kaHenry Alford) ngokuvamile eboniswa ngayo iwukuphulula komuntu izitho zakhe zobulili ukuze athole injabulo. Lokhu kubizwa ngokuthi ukushaya indlwabu. Kuvame kakhulu phakathi kwabesilisa nabesifazane abangashadile. Kodwa futhi kuyenziwa nangabantu abaningi abashadile. Ukwanda kwakho kwenza odokotela abaningi bathi kuyimvelo futhi kuyinzuzo. Nokho, lomkhuba umelene neseluleko sikaNkulunkulu ‘sokungabi nokushisa kwenkanuko.’ Singabona kangcono ukuthi kungani, nokuthi kungani amaKristu kumelwe anqobe lomkhuba, ngokucabangela esinye iseluleko uJesu asinikeza.
7. UMathewu 5:28 usinikeza kanjani isizathu esengeziwe sokuyeka ukushaya indlwabu?
7 UJesu wathi: “Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.” (Mathewu 5:28) Wayazi ukuthi imicabango yokuphinga ngokuvamile yandulela ukuziphatha okubi. Nokho, ngisho nalabo abathethelela ukushaya indlwabu bayavuma ukuthi ngokuvamile kuhilela imibono yobulili. Ngemva kokukhuluma “ngokukhathalela injabulo ebangelwa ukushaya indlwabu” kwentsha, incwadi iTalking With Your Teenager iyanezela: “Bangase bazicabange besezimweni zobulili ezingajwayelekile noma benabobulili obufanayo noma benabantu abadala njengothisha, izihlobo, ngisho [nabazali]. Bangase babe nemibono yobudlova bobulili. Konke lokhu kuyinto evame ngempela.” Kodwa ingabe kunjalo? AmaKristu angayibheka kanjani imibono enjalo nokushaya indlwabu ‘njengokuvamile’ lapho esethole isixwayiso sikaJesu ‘sokungaphingi enhliziyweni’ noma iseluleko sikaPawulu ‘sokungabi nokushisa kwenkanuko’? Cha, imibono enjalo nokushaya indlwabu—kungaba osemusha noma omdala, umuntu ongashadile noma oshadile—kumelwe inqotshwe.
Ukunqoba Leliphutha Langasese
8, 9. Ukwazi maphi amaqiniso okungasiza umuntu ukuba akhululeke emkhubeni wokushaya indlwabu?
8 Uma umKristu enaleliphutha langasese, yini angayenza ukuze alinqobe, “akwazi ukuhlala nomkakhe ngobungcwele nangokuhlonipha”? (1 Thesalonika 4:4) NgeZwi lakhe, uNkulunkulu unikeza usizo oluyinzuzo.
9 Okokuqala kubalulekile ukuqaphela ukuthi uJehova unazo izimiso. Ubenza bukhanye ububi bobuhlobo bobulili ngaphandle komshado kokubili ukuhlobonga nokuphinga. (Heberu 13:4) Khona-ke, uma sikholelwa ukuthi izindlela zakhe zingezingcono, siyofuna imivuzo eyanelisayo yokuba nobuhlobo bobulili emshadweni kuphela. (IHubo 25:4, 5) Incwadi iAdolescence, ka-E. Atwater, iveza ukuthi maqondana nokushaya indlwabu, intsha ngokuvamile ibonisa ‘ukukhwantabala, ukudumazeka nokuzisola.’ Esinye isizathu esinikeziwe siwukuthi ‘ukusondelana kobuhlobo bothando okuhambisana nokuhlangana kobulili kuyalahleka ekushayeni indlwabu.’ Yebo, kunenzuzo ukuthiba isifiso sobulili kuze kube yilapho singaboniswa ebuhlotsheni bothando bomshado.
10. Yiziphi ezinye izinyathelo umuntu angazithatha ukuze azisize anqobe lomkhuba?
10 IZwi likaNkulunkulu linikeza usizo olwengeziwe ngokweluleka: ‘Konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho.’ (Filipi 4:8) Ngokukhanyayo, izithombe zobulili nezincwadi ezingcolile azizona ‘ezithandekayo noma ezitusekayo.’ Ngakho lezizinto ngokuvamile zisetshenziswa abashayi bendlwabu. Khona-ke, noma ubani ozimisele ukunqoba leliphutha, kumelwe azigweme ngokuphelele izinto ezinjalo zobulili. Okuhlangenwe nakho kuye kwabonisa ukuthi uma izifiso zomuntu ziqala ukudonsekela ezintweni zobulili ngendlela ngaphambili eye yaholela ekushayeni indlwabu, ukuzindla ngokuzimisela ngalokho okulungile nokuhloniphekile kungazinciphisa lezifiso. Lokhu kubaluleke ngokukhethekile uma umuntu eyedwa noma esebumnyameni, lapho iphutha elisekusithekeni lokushaya indlwabu livame kakhulu.b—Roma 13:12-14.
11. Chaza ezinye izinto ezengeziwe eziye zabonakala ziwusizo ekubhekaneni naleliphutha.
11 Usizo oluhlobene nalolu luwukuhambisana ngenkululeko nesiluleko: “Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi-njengabangahlakaniphile, kepha njengabahlakaniphileyo, nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.” (Efesu 5:15, 16) Buza umKristu ovuthiwe omethembayo ukuze uthole ukusikisela ngezinto ezifanele ongazenza. (Isaya 32:2) Abaningi abaye banqoba leliphutha bayavuma ukuthi ukwazi kwabo ukuthi umKristu okhathalelayo uyohlola intuthuko yabo kwabasiza ukuba bakwazi ukuzithiba. Empeleni, okumelwe simethembe kakhulu uJehova. Ngakho-ke kubalulekile ukuphendukela kuye ngomthandazo, sifune usizo lwakhe. (Filipi 4:6, 7) Uma othile oye walwisana naleliphutha isikhathi eside, eye ‘wakhubeka,’ angacela ukuba uNkulunkulu amnike amandla khona-ke akwazi ukuvuselela imizamo yakhe futhi mhlawumbe aphumelele, isikhathi eside.—Heberu 12:12, 13; IHubo 103:13, 14.
Ukulwa Kokusebenzisa Kabi Utshwala
12. Uyini umbono womKristu ngophuzo oludakayo?
12 ‘Iwayini lithokozisa uNkulunkulu nabantu,’ kusho elinye ivesi leBhayibheli. (AbAhluleli 9:13) Ungase uvume, ngoba uphuzo oludakayo luye lwaba usizo ekwenzeni abaningi baphumule futhi liwumthombo wenjabulo. (IHubo 104:15) Nokho, abaningi bangase baphike ukuthi ukusebenzisa utshwala kungase kuveze kokubili izingozi zomzimba nezokuziphatha. Inkinga enkulu ngokuqondile iwukudakwa. Leliphutha lingelingathi sína kangangokuba uNkulunkulu uxwayisa ngokuthi izidakwa kumelwe zixoshwe ebandleni futhi azinakungena eMbusweni. (1 Korinte 5:11-13; Galathiya 5:19-21) AmaKristu ayakuqaphela lokhu futhi ayovuma ukuthi kumelwe agweme ukudakwa. Kodwa, ngaphandle kokudakwa, ukusetshenziswa kotshwala kungaba kanjani iphutha elisithekile?
13. Chaza ukuthi ukuthembela otshwaleni kungenzeka kanjani.
13 UmKristu angase aphuze ngokulinganisela, nokho abe nephutha elingathi sína. Cabangela okuhlangenwe nakho kwendoda esizoyibiza ngokuthi uHeinz.
Yona, nomkayo, nabantwana baba amaKristu eqiniso futhi babeshiseka kakhulu ebandleni lakubo. Ngemva kwesikhathi uHeinz wamiswa njengomdala futhi wabhekwa ‘njengensika’ phakathi kwamabandla kulelodolobha. (Galathiya 2:9) Ngokuqondakalayo, wabhekana nokucindezeleka ekunakekeleni umkhaya wakhe nokukhathazeka okuthile ekunakekeleni umhlambi. (2 Korinte 11:28) Futhi, umsebenzi wakhe, wamlethela ukucindezeleka okukhulu ngoba inkampane ayeyisebenzela yayikhula, futhi umphathi wakhe wayefuna ukuba asingathe izinkinga eziningana nezinqumo.
Nsuku zonke kusihlwa uHeinz wayekhungatheka. Wathola ukuthi ukuphuza ingilazi noma ezimbili kuyomsiza ukuba aphumule. Yebo, njengomKristu ovuthiwe wakugwema ngokunakekela ukuphuza kakhulu noma ukudakwa. Nakuba ayephuza izingilazi ezithile ukuze akwazi ukuphumula kusihlwa, wayengabudingi utshwala emini, futhi engavamile ukuphuza lapho edla. Wayengaziwa ‘njengonaka kakhulu iwayini.’—1 Thimothewu 3:8.
Ngokungalindelekile uHeinz walaliswa esibhedlela ukuze ahlinzwe. Wayenezimpawu ezingavamile. Zazibangelwa yini? Akuzange kuthathe isikhathi eside ngodokotela ukuba babone ukuthi uHeinz wayenezimpawu ezibonisa ukwehluleka komzimba ukusebenza kahle. Yebo, umzimba wakhe wawusuthembele otshwaleni. Lokhu kwawumangaza umkhaya, kodwa wamkhuthaza futhi wasekela konke ukuzimisela kwakhe ukuba agweme utshwala ngokuphelele.
14. Yini engaholela ekubeni ube inhlekisa ngenxa yophuzo oludakayo?
14 Abanye banomuzwa wokuthi utshwala buye bathatha isimo esingavamile ekuphileni kwabo, ngakho bazama ukufihla ukuphuza kwabo, bengafuni ukuba umkhaya nabangane baphawule ukuthi baphuza kangakanani noma kaningi kangakanani. Abanye abanawo umuzwa wokuthi bathembele otshwaleni, kodwa ukuphuza kuye kwaba yinsakavukela kubo. Laba basengozini enkulu yokuphuza kakhulu ngezinye izikhathi noma yokuba yimilutha yotshwala efihlekile. Cabangela lesisaga: “Iwayini liyisideleli, uphuzo olunamandla lungumxokozeli; bonke abaduka ngalo abahlakaniphile.” (IzAga 20:1) Iphuzu liwukuthi ukuphuza kakhulu kungabangela umuntu ukuba abe nomsindo futhi adelele. Nokho, iwayini lingenza umuntu inhlekisa ngenye indlela. Umuntu ufanelwa ukuhlekwa uma ecabanga ukuthi ukuphuza kwakhe kusithekile kuNkulunkulu.
15. Amazwi kaPawulu kweyoku-1 Korinte 9:24-27 asebenza kanjani ekusebenziseni komKristu utshwala?
15 Esinye sezithelo zomoya kaNkulunkulu siwukuzithiba, futhi sidinga lokho kuzo zonke izici zokuphila. (Galathiya 5:22, 23) UPawulu wafanisa umKristu nomgijimi. Emncintiswaneni ovamile umgijimi ‘uyazithiba ezintweni zonke’ ukuze nje ‘athole umqhele ogugayo.’ Ngokufanayo, umKristu kudingeka ‘azithibe ezintweni zonke’ ukuze athole umklomelo oyigugu kakhulu—UKUPHILA. UPawulu wagcizelela ukuthi kumelwe ‘sitube imizimba yethu njengesigqila’ ukuze siqiniseke ukuthi ‘thina esishumayeza abanye asaliwa,’ ngenxa yephutha elisithekile elihilela utshwala.—1 Korinte 9:24-27.
16. Umuntu anganquma kanjani ukuthi utshwala buye baba iphutha kuye?
16 Yini engenza umKristu ukuba abhekane naleliphutha? Kuwusizo ukuqonda ukuthi nakuba ophuzayo engase afihle indlela yakhe kwabanye abantu, ayifihlekile kuNkulunkulu. (1 Korinte 4:5) Kanjalo, ngokwethembeka—emehlweni kaNkulunkulu—umuntu kumelwe acabange ngemikhuba yakhe yokuphuza. (Sisho ukuphuzela ukuzijabulisa noma ukuze kube nomphumela, hhayi nje ukuphuza kancane njengalapho kudliwa.) Nokho, abanye bangase bathi, ‘Angibophekile ukuba ngiphuze. Ngimane ngiyakujabulela; kuyangiphumuza. Ngingakuyeka uma ngithanda.’ Kodwa, ngokubheka izingozi okungenzeka zibe khona zokuphuza kakhulu noma zokuthembela otshwaleni, kungani ungabuyeki okungenani inyanga noma ezimbili? Noma, ngenxa yokuthi kunokuthambekela okunamandla ekuphikeni ukuthi kunenkinga, zimisele inyanga eyodwa ukuba ubuyeke ngazo zonke izikhathi uma ukuphuza kungeyona inkinga. Ngokwesibonelo, umuntu ovame ukuphuza ngemva kokusebenza, ngaphambi kokuba ayolala, noma lapho kunombuthano angakugwema ukwenza kanjalo. Khona-ke angabona ukuthi uzizwa kanjani. Uma kunzima, noma ‘engakwazi ukukhululeka,’ unephutha elingathi sína.
17. Kungani umKristu onephutha elisekusithekeni elihilela utshwala kufanele asebenzele ekulinqobeni?
17 Uma umKristu oqotho ezibona phambi kukaNkulunkulu ukuthi unephutha elihilela utshwala, kuyoba lula ukuba alinqobe. Kungenzeka kakade uyazi ukuthi iBhayibheli lithi ‘yisiwula’ esicabanga ukuthi ‘amanzi ebiweyo amnandi, nesinkwa [noma utshwala] sentukuso—singesenamisayo.’ Nokho, abanjalo, izAga zithi, bayoholela abangenamandla ekufeni. Ngokuphambene nalokho, umuntu ohlakaniphile uyakuthanda ukusolwa, futhi ngenjabulo ‘uyeka iziwula futhi ahambe ngendlela yokuqonda.’ (IzAga 9:1, 6, 8, 13-18) Yebo, uNkulunkulu unikeza usizo olwengeziwe lokunqoba amaphutha asekusithekeni ngokusenza sazi ukuthi yini engaphambili, ukuthi iyoba yini imiphumela.
UJehova Uyazivuza Izenzo Zangasese
18. Njengoba sinqoba amaphutha ethu asekusithekeni, yini esingaqiniseka ngayo? (IzAga 24:12; 2 Samuweli 22:25-27)
18 Abanye abantu baphila ngokwesaba ukuthi izindlela zabo ezimbi ziyodalulwa, kungaba abantu noma uNkulunkulu. Makungabi njalo ngathi. Kunalokho, masiphile ngokwazi ukuthi ngeke sifihle lutho kuye, “ngokuba uNkulunkulu uyakuyisa yonke imisebenzi ekwahlulelweni kanye nakho konke okufihliweyo noma kuhle noma kubi.” (UmShumayeli 12:14) Masamukele usizo lukaJehova lokunqoba amaphutha ethu, ngisho nasekusithekeni. Khona-ke singabheka phambili esikhathini lapho “okufihlakeleyo kobumnyama” kulethwa ekukhanyeni ‘nezizindlo zenhliziyo’ zivezwa obala. “Lapho-ke yilowo nalowo uyakuthola ukubongwa nguNkulunkulu.”—1 Korinte 4:5; Roma 2:6, 7, 16.
[Imibhalo yaphansi]
a UMathewu 17:14-18, uMarku 9:17-24, noLuka 9:38-43 babonisa ukuthi ukungenwa amademoni kwabangela isimo sakhe. IBhayibheli lenza umehluko phakathi kwalesithuthwane naleso esizivelela ngokwemvelo.—Mathewu 4:24.
b Ngezinye izikhathi lapho ulele ushaywa yizibuko, okuyisenzakalo esingokwemvelo esingafani nokushaya indlwabu okuhlosiwe.
Ingabe Uyakhumbula?
◻ UNkulunkulu uzizwa kanjani ngamaphutha asekusithekeni okungenzeka sisebenzela kuwo?
◻ Isiphi iseluleko esingokomBhalo esibonisa ukuthi ukushaya indlwabu kufanele kugwenywe?
◻ UmKristu angawunqoba kanjani umkhuba wokushaya indlwabu?
◻ Njengoba iBhayibheli lingamelene nabo, ukusetshenziswa kotshwala kungaba kanjani iphutha elisekusithekeni?
◻ Iziphi izinyathelo ezihlakaniphile ezingathathwa ekubhekaneni nephutha elisekusithekeni elihilela uphuzo oludakayo?
[Ibhokisi ekhasini 17]
Wanqoba Ukushaya Indlwabu
NJENGENSIZWA, uC——— wayenemizwa yobulili evamile, kodwa futhi wayenenkinga. Kusukela eneminyaka eyi-13 wayenomkhuba wokushaya indlwabu ngokuvamile ekusithekeni ekamelweni lakhe. Wayenamahloni ngakho, kodwa wayenomuzwa wokuthi akulimazi muntu omunye.
Lapho eneminyaka eyi-19, umkhuba wawusugxilile. Ngezikhathi ezithile uC——— wayekuvuma lokhu kumpristi wakhe, kodwa watshelwa ukuthi nakuba kwakungalungile, kwakungekubi kangako. Lapho uC——— ejoyina amasosha, kwakungavamile ukuba abe yedwa. Ngakho-ke, wayethukela eshaya indlwabu, okubonisa ukuthi umkhuba wakhe wangaphambili wawungesona isifiso esingenakuthitshwa.
Lapho ephuma emasosheni uC——— wabuyela ekhaya. Waqala ukuthenga omagazini abakhuluma ngobulili, futhi ngenxa yokumvusela kwabo inkanuko, ngokushesha wabuyela ezindleleni zakhe zakuqala. Lapho eqala ukuhlala yedwa, kwakulula ngaye ukuba athole izincwadi ezivusa izifiso zobulili. Ngokuvamile wayeshaya indlwabu kaningana ngosuku.
Khona-ke waqala ukutadisha iBhayibheli nesikhonzi soFakazi BakaJehova. Njengoba ayefunda umbono kaNkulunkulu ngokuziphatha okubi, uC——— wazizwa enamahloni ngokuthenga izincwadi zobulili, futhi wayefuna ukukhululeka emkhubeni wokushaya indlwabu. Wazama. Kodwa ngemva kwesonto noma amabili wazizwa ecindezelekile ngokobulili, wangena esitolo esithengisa amaphephandaba, futhi kwavuka inkanuko ngenxa yezincwadi ezingcolile. Lapho esekhaya, wayeba nomuzwa wokuthi ngoba kakade usehlulekile, wayengase athathe esinye isinyathelo. Ngemva kwalokho, wayezisola. Ingabe wayengeke akhululeke kulomkhuba omubi?
Ekugcineni uC——— wakhuluma nomdala ovuthiwe ngokomoya ebandleni. Lesisikhonzi sazwelana naye futhi samsiza ukuba abheke indaba esekelwe eBhayibhelini eyayizomsiza ukuba athuthukise ukuzithiba kwakhe. Lesisikhonzi naso sachaza:
‘Ake ucabangele inkanuko njengefana neketanga. Ihuku lokuqala lincane futhi alinamandla. Kodwa ihuku ngalinye elilandelayo likhulu kunelinye futhi liqinile. Kuyindlela efanayo nangenkanuko eholela ekushayeni indlwabu. Ngakho kudingeka ukuba uvimbele inkanuko ngokushesha ngangokunokwenzeka. Uma iqhubeka kakhudlwana, nesifiso sakho sikhula ngamandla. Ekugcineni cishe ngeke sivimbeke. Yebo, zama ukunqamula leliketanga ehukweni lokuqala. Ngokushesha uma uzwa inkanuko, YENZA OKUTHILE! Vuka ushintshe isimo sakho, upholishe izicathulo zakho, chitha umgqomo kadoti—noma yini ongayenza ukuze unqamule lelohuku. Ungase uqale ukufunda okuthile ngokuzwakalayo, njengeBhayibheli noma incwadi yobuKristu eyofaka imiqondo yakho endleleni ehlanzekile.’
Lesisikhonzi sasimbuza uC——— emihlanganweni ukuthi izinto ziqhubeka kanjani, simncoma njalo futhi simkhuthaza ngokuzimisela kwakhe. UC——— waphumelela amasonto ayisikhombisa. Khona-ke, lapho ekhungathekile futhi edunyazwe ngenye inkinga, wahluleka futhi, wathenga izincwadi ezithile zobulili. Lokho kwaholela ekwenzeni iphutha futhi. Izenzakalo ezinjalo zazimbuyisela emuva, kodwa lesikhonzi samkhuthaza ukuba aqhubeke elwisana nakho. Kancane kancane izikhawu zaba zinde ngamasonto ayi-9, kamuva amasonto ayi-17, kwase kuba kude kunalokho. Kancane kancane ithemba lakhe lokuthi uzokwazi ukunqoba lenkinga esithekile lakhula.
Ekugcineni uC——— waqaphela iqiniso lokuthi uJehova wayekwazi konke ayekwenza. Kanjalo, uma efuna ukukhonza uNkulunkulu ngonembeza omsulwa ngokuphelele, kwakumelwe ukuba asuse lomkhuba ngokuphelele ekuphileni kwakhe. Wakwenza! Manje akasakwazi ngisho nokukhumbula ukuthi wawuyisikhathi esingakanani. NjengomKristu oyisibonelo, uC——— uye wanikwa umthwalo wemfanelo ebandleni, futhi uhlela ukwandisa inkonzo yakhe ukuze adumise uNkulunkulu. Ungumuntu ohlukile.