“Umqondisi Wami, Umeluleki Wami”
Incwadi ethi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo iye yaba ngenjalo komusha waseSenegal, eNtshonalanga Afrika. “NjengomMuslim,” uyachaza, “ngahlatshwa umxhwele kakhulu indlela enihlola ngayo izinkinga zentsha. Nikhuluma ngokuhlakanipha ngesikhathi sokuthomba. Incwadi yenu kimi yedlula ukuba incwadi nje—ingumqondisi wami, nomeluleki wami, futhi iyoba njalo ngazo zonke izikhathi.
“Njengengane engenababa kusukela ngineminyaka eyi-11, ngahlala nogogo wami ngaze ngaba neminyaka eyi-19. Manje nginengama-20. Uma indlela yami yokuphila inethonya elihle ebantwini engihlala nabo, ukubonga kuya encwadini Ubusha. Angazi ukuthi sengiyifunde izikhathi ezingaki futhi ngiyiphindelela. Isihloko ngasinye enikhuluma ngaso singinikeza umuzwa wokuthi siqondene nami ngokukhethekile. Ngiye ngahlanganyela futhi incwadi yenu nabo bonke abangane bami. Nabo ngokufanayo, bathi iyindlu yomcebo wolwazi.”
Ezihlanganiswe ezahlukweni zalencwadi ezingama-24 yilezi: “Usibheka Kanjani Iseluleko?” “Ingabe Kufanele Uphuze Uphuzo Oludakisayo?” “Umculo Nomdanso Owukhethayo”, “Ingabe Ukuziphatha Kahle Kobulili Kunengqondo?” nesithi “Ukuphola Nokuqomisa.” Ungathola lolusizo oluhle lokuphila okuphumelelayo ngokumane nje agcwalise futhi uthumele isithikithana esingezansi kanye no-Rl,40 kuphela.
Sizani ningithumelele incwadi enoqwembe oluqinile esikhokhelwe eposini enamakhasi ayi-192 ethi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo. Ngifaka u-Rl,40.