Ingabe Ukuhaha Ngezinye Izikhathi Kuyakungena?
INGABE wake waba sembuthanweni lapho ukudla okumnandi notshwala kwakukuningi khona futhi walingeka ukuba uzitike ngokweqile? Abaningi bayovuma ukuthi, ngezinye izikhathi, uhlobo oluthile lokuhaha luyabangena. Ingabe ngaso sonke isikhathi ungamelana nakho? Noma ngezinye izikhathi kuye kwakungena, waphathwa ikhanda noma ibhabhalazi noma okubi kakhulu? Imiphi eminye imiphumela yokuhaha? Singayinqoba kanjani indlela yobuqili obungena ngayo? Lena indaba ebalulekile, ngoba iBhayibheli lithi akekho ‘umuntu ohahayo oyodla ifa lombuso kaNkulunkulu.’—1 Korinte 6:10.
Ukuhaha kuye kwachazwa njengesifiso eseqile, noma inkanuko, isifiso sokuhahela okudingekayo noma okufunekayo okungaphezu kokukodwa. Kungase kuthathe izindlela ezihlukene, kuhlanganise: ukuthanda imali, isifiso segunya noma udumo, ukuba isiminzi ekudleni, ophuzweni, ebulilini, nasezintweni ezibonakalayo. Kuyimbangela eyinhloko yezinto eziningi ezimbi ezisonakalisayo namuhla. Kungani ubulili obungavumelekile nobugebengu balo lonke uhlobo bukhula? Kungani izigidi zabantu zondliwa ngokweqile kuyilapho ezinye izigidi zilamba? Kungani imali eningi kakhulu ichithelwa ekugembuleni nasemidlalweni yokubheja? Yini ebangela ukukhwabaniswa kwezimali zasemsebenzini nezikaHulumeni, ukuxhashazwa kwezentengiselwano, nokonakala kwezikhulu zikaHulumeni? Yini futhi ebangela izimpi nemiphumela yazo emibi kakhulu eyonakalisayo nelimazayo? Ubugovu bokuhaha.
Ukuhaha Okungokobulili Nemiphumela Yakho
Ukuhaha kungase kube ngezindlela ezimbi kakhulu futhi kwehlise ngokungathi sína ukuphila komuntu. Ngokwesibonelo, indoda eshadile enomkhaya omuhle yayinokuhaha okweqile ngobulili. Ngolunye usuku, idakiwe, yalandela amantombazane amabili ayeya ekhaya, inethemba lokuwadlwengula. Kodwa uyise wawo nesihlobo baphuma bayishaya. Yayiswa esibhedlela ugebhezi lwekhanda luvulekile. umhlathi wephukile, neso lilimele kakhulu. Indodakazi yayo yacasuka kakhulu kangangokuthi yazama ukuzibulala. Wonke umkhaya wayo wazizwa ukhungathekile futhi uphoxekile. Yeka umvuzo wokuzinikela kwayo ekuhaheni okungokobulili!
Okuhlangenwe nakho kweNkosi yakwaIsrayeli uDavide kuyaliqinisa leliphuzu. Kakade uDavide wayenabafazi abaningi. Kodwa ngolunye usuku wabona esekamelweni lakhe eliphezulu umfazi omuhle uBati-Sheba egeza. Esikhundleni sokuwugwema ngokushesha nokuwuxosha lowomcabango, wavumela isifiso esinguvumelekile sobulili ukuba sigxile enhliziyweni yakhe. Kanjalo waphinga naye lapho indoda yakhe, u-Uriya, ingekho iyokulwa empini kaDavide.
Lapho uBati-Sheba ekhulelwa, uDavide okokuqala wazama ukusibekela ukuphinga kwakhe ngokuthi enze u-Uriya eze ekhaya futhi alale nomfazi wakhe. Nokho, lapho lowomzamo ungaphumeleli, wayesebhekene nomphumela ophambene nalokho omubi kakhulu wokuba uBati-Sheba akhandwe ngamatshe njengesiphingi, wanquma ukuba u-Uriya afele empini. Kodwa akukho lutho olungaqashelwa uJehova. Wathumela umprofethi wakhe uNathani ukuba ayosola uDavide ngesono sakhe esibi kakhulu—sokuphinga nesokubulala indoda yalomfazi. UDavide wathinteka enhliziyweni futhi ngokuthobeka wakwamukela ukusolwa. Nokho, wahlawuliswa kakhulu. Izibulo lakhe lokuqala kuBati-Sheba lafa lisengumntwana, futhi umkhaya wakhe kusukela lapho wehlelwa izinkathazo eziningi.—2 Samuweli 11:1–12:23; isahluko 13.
Lesibonelo esiyisixwayiso sokuvumela isilingo sibonisa kahle ukusebenza kweketanga lesono njengoba kubekwe eBhayibhelini: “Yilowo nalowo uyengwa ehuhwa ngezakhe izinkanuko, ehungwa; uma inkanuko isithathile, ibeletha isono; nesono sesiphelelisiwe sizala ukufa.” (Jakobe 1:14, 15) Iphutha elenziwa uDavide kwakuwukuvumela imbewu yesifiso sokuhaha ngokobulili ukuba igxile futhi ikhule enhliziyweni yakhe. Lapho isifiso esibi sesimngenile, wavumela ukuhaha okungokobulili ukuba kumshukumisele ekuziphatheni okubi.
Yeka okuphambene nalokho uJosefa akwenza eGibithe lapho ayencengwa ngumka-Potifari ukuba alale naye! UJosefa wasabela kanjani kulesilingo? Indaba iyasitshela: “Kwathi esakhuluma kuJosefa izinsuku ngezinsuku, akanikelanga ukuba alale naye, nokuba abe naye.” Ngisho nangaphandle kweziqondiso zokuziphatha eziseMithethweni Eyishumi, eyayingakanikezwa, waphendula owayemfundekela ngokuthi: “Ngingenza kanjani lobububi obungaka, ngone kuNkulunkulu, na?” Khona-ke ekugcineni ngolunye usuku wambamba, ethi, “Lala nami!” Ingabe uJosefa wama futhi wazama ukucabanga noma ukuvumelana nalokho? “Wabaleka, wagijimela phandle.” Ukuhaha okungokobulili akazange akunikeze ngisho nethuba lokuba kwakheke enhliziyweni yakhe. Wabaleka.—Genesise 39:7-16.
Akekho umKristu oqotho ongenza ngempela amacebo okuphishekela inkambo ebonisa ukuhaha ngokobulili. Kodwa-ke, uDavide akazange acebe ukona njengoba enza. Khona-ke isibonelo sakhe kumelwe sonke sisishukumisele ukuba siqinise ukuzimisela kwethu komuntu siqu kokumelana nanoma ikuphi okungabangela ukuhaha ezindabeni zobulili obungavunyelwe. Thina—kungakhathaliseki ukuthi sishadile noma asishadile, siyintsha noma sibadala—sidinga ukuba sizimisele ngokuphelele ukwenqaba noma isiphi sezilingo ezinjalo ngokushesha nje uma ziphakama.—Roma 13:13, 14.
Ukuhahela Imali Nemiphumela Yakho
Isibonelo esikhulu somuntu ohahayo kwakuyimbuka elibi kakhulu emlandweni wesintu—uJuda Iskariyothe. Ngesikhathi ekhethwa uJesu njengomphostoli, kumelwe ukuba wayethembekile kuze kube yilesosikhathi futhi engahahi. Eqinisweni, uJesu wamenza umphathi sikhwama wabo. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi uJuda waqala ukuntshontsha ingxenye yemali. ‘Wayeyisela ephethe isikhwama, eba okwakufakwa kuso.’—Johane 12:6.
Ngokusobala, uJuda wayesephenduke isela, umuntu ohahayo. Lapho umvuthwandaba wePhasika usondela ngo-33 C.E., uJuda, ngemva kokusolwa nguJesu, waxoxa nabapristi abakhulu abayizigebengu ukuba akhaphele iNkosi ngezinhlamvu zesiliva ezingama-30. Kamuva, uJuda wabubona ububi obukhulu besenzo sakhe futhi wazibulala. Ukungena okulimazayo kokuhaha kwathola esinye isisulu.—Luka 22:3; Mathewu 26:14-16.
Miningi imiphumela yokuhaha. Abaningi ngokuhaha abaphishekela imali eningi basebenzisa eningi yayo ekuphileni ngendlela yokunethezeka. Bangase bakuyeke ukudla okuvamile bagxile ekudleni okuhle okuyoliswe kakhulu. Nokho ukuzitika ngokudla okucebile lokho umcebo ongakuzuza ngokuvamile kubandisela isilungulela noma izinkinga ezimbi kakhulu ezingabangela ukufa masinyane. Isazi sezokwelapha sithi: “Kuyiqiniso elaziwa kahle kwezamabhizinisi omshwalense ukuthi ukudla ngokweqile nokukhuluphala kakhulu kwabantu abadala akubenzi baphile isikhathi eside.”
Okubaluleke kakhulu ngomKristu inkinga engokomoya etholakala ngokuhaha. Izinto ezibonakalayo ziye zabangela amakhosikazi angamaKristu, lawo amadoda awo athola iholo elilinganiselwe, ukuba afune umsebenzi ngisho nakuba umphumela uwukungazinaki izingane nezibusiso ezimbalwa emsebenzini wokushumayela. Kuye kwabangela intsha engamaKristu ukuba igijimele ubukhazikhazi bemisebenzi eholela kakhulu ngisho nangaphandle kokucabangela ngokungathi sína ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Ukunakekela inyama, kungaba ubulili obungavunyelwe noma ukuhahela imali (izinjabulo nezinto engazizuza) kungaholela ezonweni ezingathi sína ngisho nasekulahlekelweni ukuphila okuphakade. “Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa, . . . ngokuba uma nihamba ngokwenyama, nizokufa.”—Roma 8:6, 13.
Singakuvimbela Noma Sikunqobe Kanjani Ukungenwa Umoya Wokuhaha?
Uma ukuhaha sekumngenile umuntu, kunzima ukukuyeka. Ngakho-ke ukuvimbela kungcono kunokwelapha. Abazali kudingeka banqobe izindlela zokuhaha kubo ngokwabo kuqala bese kuba kubantwana babo. Abantwana abaningi baphenduka babe nobugovu. Kunendaba ethi ngolunye usuku uAbraham Lincoln wayevakasha namadodana akhe amabili, kodwa ayekhala. Umakhelwane wabuza: “Kwenzenjani kulabafana?” ULincoln waphendula: “Yilokho nje okukuwo wonke umhlaba. Nginamantongomane amathathu, futhi ngamunye ufuna amabili.”
Abazali kumelwe ‘bakhulise’ abafana namantombazane ngendlela engenabugovu nokucabangela abanye, ngokufanelekile nangothando. (IzAga 22:6) Lokhu kuyobasiza kakhulu phakathi nesikhathi sobusha lapho isifiso sobulili nezinye izifiso zobugovu zingase zikhule ngamandla. Intsha kulezinsuku ivinjezelwe njalo isihibe sobulili. Nokho, iBhayibheli lithi: “Ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele, nehlazo, nokubheda, nokulawula, okuyizinto ezingafanele, . . . Akukho-sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe [ohahayo] ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu.”—Efesu 5:3-5.
Phawula ukuthi ‘umuntu ohahayo’ futhi ‘ukhonza izithombe.’ Kanjani? Labo ababuswa isifiso sobulili, uthando lwemali (njengoba kuye kwaboniswa ngokweba, ukukhwabanisa, nokugembula), ukuminza ekudleni nasophuzweni, noma isifiso segunya nodumo, baba izigqila ezifisweni ezinjalo futhi bazenze izithixo zabo, ngendlela engokomfanekiso. Injongo yabo eyinhloko ekuphileni iwukwanelisa isifiso sabo sobugovu. AmaKristu enza izinto ezinjalo ngendlela yokukhonza izithombe ngokungangabazeki ‘angabantu abahahayo,’ ngokusho kweBhayibheli, futhi bangase bakhishwe ebandleni. Baye benza ukukhulekela “onkulunkulu” babo kwaba okungaphezu kokukhulekela uJehova, ‘onguNkulunkulu onomhawu.’—Eksodusi 20:3-6, 17.
Ukuletha ukunakekela ezinhlelweni zomsakazo nezeTV noma ezincwadini nakomagazini abakhuthaza ukuhahela izinto eziyingozi kuyingozi kakhulu ngamaKristu—kwabasha nabadala. Khumbula ukuthi uDavide wehluleka ukususa amehlo akhe kuBati-Sheba owayegeza, ngokuphazima kweso, wangenwa ukuhaha okungokobulili. Ingabe uyayivala iTV noma uphume uhambe ebhayisikobho lapho kuboniswa ukuziphatha okubi?
UDavide, naphezu kwephutha lakhe, wayenothando olujulile ngoJehova. Lokhu kwamsiza ukuba alulame esonweni sakhe. Ngokufanayo, umKristu osenesikhathi eside eAfrika wakwazi ukululama ecaleni elibi lokuhahela imali. Ngenxa yobunzima obuthile wayengene esikweletini. Njengomphathi wezimali efemini ayeyisebenzela, walingeka ukuba “aboleke” imali ngaphandle kwemvume. Wavumela “leyombewu” yokuhaha ukuba ikhule, futhi wakhwabanisa isizumbulu semali. Lapho abaqashi bakhe beqala ukuhlolisisa ngalendaba, wesaba futhi walibalekela lelozwe, eshiya umfazi nabantwana bakhe ngemuva. Kodwa unembeza wakhe ngokushesha wamshaya, futhi waqaphela ukuthi wayenze iphutha elikhulu kakhulu. Wabuyela ekhaya futhi ekugcineni wabuyisela yonke imali. Wasolwa abadala abangamaKristu futhi manje wenza intuthuko encomekayo.
Yini eyamsiza ukuba alulame? Umthandazo nokufunda iBhayibheli. Wathola ukuthi amazwi amaningi ehubo likaDavide athinta umuzwa wenhliziyo yakhe, amsiza ukuba athandaze ngokuqine kakhulu futhi ngokunengqondo. Nazi izibonelo ezimbalwa zalawomahubo: “Ngihawukele, Nkulunkulu, ngomusa wakho; yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu. Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami.” “Yilonde inceku yakho nasezonweni ezihlazisayo; mazingabusi phezu kwami.”—IHubo 51:1, 10; 19:13.
Uma ufuna ukugwema noma ukunqoba ukungenwa ukuhaha, ‘sondela kuNkulunkulu, khona uyakusondela kuwe.’ (Jakobe 4:8) Uma inhliziyo yomKristu igcwaliswe ngothando ngoJehova, ngabazalwane abangamaKristu, futhi nangabaningi abadinga usizo kulezikhathi ezicindezelayo, kanjalo “imbewu” embi yokuhaha ikuthola kunzima ukukhula. Ngaphezu kwalokho, umoya ongcwele ungumbulali ophambili wokuhaha! Ngakho-ke vumela lawomandla ashukumisayo ukuba angene enhliziyweni yakho, ayihlanze ezifisweni ezimbi, futhi ayigcwalise ngesifiso esijulile sokukhonza uJehova. Khona-ke ithonya elinyanyekayo lokuhaha ngeke likungene.
[Isithombe ekhasini 28]
UJuda Iskariyothe wangenwa ukuhaha
[Isithombe ekhasini 29]
‘Kuyiqiniso elaziwa kahle kwezamabhizinisi omshwalense ukuthi ukudla ngokweqile nokukhuluphala kakhulu akumenzi umuntu aphile isikhathi eside’