Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 1/15 kk. 8-15
  • Ingabe Okufezwe Umuntu Kungayivimbela Inhlekelele?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Okufezwe Umuntu Kungayivimbela Inhlekelele?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izinto Ezibalulekile Ezingafezwanga
  • Inkinga Yobumpofu Ayixazululiwe
  • Umphumela Wezobuchwepheshe Empini
  • Isizathu Sokwehluleka Kwemizamo Yabantu
  • Ithonya LikaSathane
  • Liyini Ithemba?
  • Abantu Bangakuletha Yini Ukuthula Nokulondeka Okungapheli?
    Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani?
  • Ukholo Nekusasa Lakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Ingabe Ukhona UNkulunkulu Onendaba?
    Ingabe Ukhona UNkulunkulu Onendaba?—1976 (gc)
  • Likuphi Iqiniso Elingasikhulula?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 1/15 kk. 8-15

Ingabe Okufezwe Umuntu Kungayivimbela Inhlekelele?

“Akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.”—JEREMIYA 10:23.

1, 2. Iziphi ezinye zezinto ezifezwe isintu ekhulwini lama-20?

EKHULWINI lethu lama-20, isintu siye safeza izinto eziningi ezimangalisayo. Kuye kwenziwa intuthuko enkulu kwezemfundo, kwezesayensi, nakwezobuchwepheshe. Namuhla abaningi bavuna izinzuzo zalokhu ekuphileni kwabo kwansuku zonke. Emazweni ahlukahlukene kunezinto zesimanje eziwusizo njengogesi ezindlini, amapayipi amanzi, nezinye izinto eziwusizo. Futhi, ezokwelapha ziyasiza ekuvimbeleni izifo ezithile, njengengxibongo, ezake zahlupha.

2 Ezokuxhumana nezokuthutha, nazo ziye zathuthuka kakhulu. Ngenxa yezingcingo, izimoto, izitimela, nezindiza sixhumana noma sifinyelela ezindaweni ngokushesha okungazange kucatshangwe okhokho bethu. Namuhla, izenzakalo ezenzeka kwenye ingxenye yomhlaba zingadluliselwa kithi ngokushesha ngamasatellites omkhathi.

Izinto Ezibalulekile Ezingafezwanga

3, 4. Iziphi izinto ezibalulekile isintu esingazifezanga, njengoba kubikezelwe ngokuqondile esiprofethweni seBhayibheli?

3 Kodwa, ukusongela okuqhubekayo kwenhlekelele yenyukliye kulengela esintwini, futhi kunezinto ezibaluleke ngempela abantu abangakwazanga ukuzifeza. Ngokwesibonelo, ingabe intuthuko kwezemfundo iye yasho intuthuko efanayo ekufundisweni kwabantu ukuba babe qotho, babe neqiniso, futhi baziphathe kahle? EUnited States, ukulahlekelwa enteleni ngenxa yokukhohlisa kufinyelela amaRandi angaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane eziyi-100 ngonyaka. Kwelinye izwe, edolobheni elikhulu elilodwa kuphela, kubikwa ukuthi kwaxoshwa amaphoyisa ayizi-17 000 eminyakeni eyisikhombisa ngenxa yokonakala. Ukungathembeki okunjena kusikhumbuza isiprofetho seBhayibheli esikweye-2 Thimothewu isahluko 3 esibikezela ukuthi “ezinsukwini zokugcina” abantu bayokuba ‘abazithandayo, abathandimali, [abangathembekile], abangathandi okuhle.’

4 Khona-ke kukhona ukuziphatha okubi kobulili. Ukuphinga nobufebe kuye kwajwayeleka kangangokuba ezindaweni eziningi akuvamile ukubona imikhaya eqotho iboniswa emabhayisikobho, ezinhlelweni zethelevishini, emidlalweni yasesiteji, noma ezincwadini. Futhi ukuziphatha okubi kuyanezela eqinisweni lokuthi unyaka ngamunye, emhlabeni wonke, cishe abesifazane abayizigidi ezingama-55 bakhipha izisu! Lokhu kuwukubhujiswa kwenani labantu elikhulu kunabantu abahlala eArgentina, noma eCanada, noma eFrance, noma ePoland, noma kwezinye izizwe eziyi-145—minyaka yonke! Ngakho lapho elinye igatsha lesayensi yezokwelapha lihalalisela intuthuko esindisa ukuphila kwabantwana abathile, elinye igatsha libulala izigidi zabantwana abangakazalwa. Njengoba nje iBhayibheli labikezela, ‘kulezinsuku zokugcina’ abantu abaningi ‘abazithibi’ futhi ‘abanaluthando.’—2 Thimothewu 3:3.

5. Imiphi eminye imiphumela engokwempilo yokudlanga kokuziphatha okubi namuhla?

5 Ukuziphatha okubi kobulili kubangela imiqedazwe yezifo zobulili ezithathelwanayo. Izinhlobo eziningi manje ziyayehlula imithi. Isifo esisakazeke kabanzi esaziwa njengesifo sesikhumba sezitho zangasese asilapheki. Futhi kunokwenyuka okusheshayo kwenani labantwana abanaso, abazalwa naso ngomama esibaphethe. Cishe ingxenye yalabantwana iyafa, futhi enye ingxenye iyalimala ngokomzimba noma ngokwengqondo. Futhi alikatholakali ikhambi leAIDS (Acquired Immune Deficiency Syndrome), isifo esibulalayo esesehlule odokotela. IAIDS iye yabonakala ezizweni ezingama-33 “futhi manje isongela impilo yembulunga yonke” kusho iAssociated Press. Iye yaphatha kakhulu ongqingili, okusikhumbuza ngamaRoma 1:27.

6. Ingabe isayensi yezokwelapha iye yakuqeda ukwanda kwezifo emhlabeni wonke?

6 Isayensi yezokwelapha ayinakulivimbela igagasi leziningi ezinye izifo. EAfrika kuphela, izigidi zinesifo soqhuqho, isifo sobuthongo, uchoko, nezinye izifo. Ezizweni ezithuthukile, umdlavuza, isifo senhliziyo, isifo sikashukela, isifo sesibindi, nokuphazamiseka kwemizwa kuyanda. Ezinye zalezizinkinga zibangelwa, noma zikhuliswe, ukucindezeleka noma okuphuma lapho kwenziwa imikhiqizo yezimboni zanamuhla. Ezinye zivezwa indlela yokuphila ngokuyekelela.

7. Ingabe kungenzeka ukuba intuthuko kwezokwelapha isigcine sinempilo enhle phakade?

7 Uma izifo eziningi bezingaqedwa, ingabe isayensi yezokwelapha ibingasigcina sinempilo enhle phakade? Cha, kusho ososayensi abaningi. Babonisa ukuthi nakuba ubude bokuphila bungase belulwe ngeminyaka emibalwa, bekuyovela ezinye izifo ezingabulala abantu abaningi. Omunye usosayensi waphetha ngokuthi: “Akubonakali neze ukuthi siyobandisa ubude bokuphila noma sihlehlise ukuguga esikhathini esizayo esiseduze.” Ngokuqondileyo-ke, iBhayibheli lasho kudala kumaHubo 90:10: “Izinsuku zeminyaka yethu zineminyaka engamashumi ayisikhombisa; kuthi uma ziziningi, zineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; nokho ukuvama kwazo kungukuhlupheka nelize, ngokuba zidlula masinyane, thina siyandiza, simuke.”

Inkinga Yobumpofu Ayixazululiwe

8. IBhayibheli lakubikezela kanjani ngokuqondile ukuthi ezobuchwepheshe ngeke ziyixazulule inkinga yobumpofu?

8 Kuyiqiniso ukuthi ezobuchwepheshe ziye zenza ukuphila kwaba lula ngokwengeziwe kwabanye abantu. Kodwa abanye abaningi abanayo imali eyenele yokuthenga imikhiqizo yezobuchwepheshe. Incwadi iWorld Military and Social Expenditures 1983 yabika: “Abantu abayizi-2 000 000 000 baphila ngomholo ongaphansi kwamadola angama-500 [R800] ngonyaka.” Yaqhubeka: “Okungenani umuntu oyedwa kwabahlanu umpofu ngokuphelele, isimo sokuswela okuphelele kangangokuthi siwumqedazwe onyelelayo.” Yabe isiphawula ukuthi unyaka ngamunye abantwana “abayizi-11 000 000 bafa bengakawuqedi unyaka” ngenxa yokuntula ukudla okunomsoco noma ngenxa yezifo.—IsAmbulo 6:5-8.

9. Isiphi isimo esidabukisayo esivamile emazweni amaningi?

9 Kwamanye amazwe, kusho iThe Detroit News, “abesifazane abaningi bazithola benabantwana abaningi kakhulu futhi bengenayo imali yokubanakekela. . . . Ngokuvamile, omama abanjalo bamane bamlahle . . . emgwaqweni umntwana ongafuneki.” Kunezigidi zabantwana abanjalo. Kwezinye izindawo, abazali bayashiywa. Intatheli yaseAsia iyabhala: “Izinkulungwane zabantu abagugile bayaxoshwa emakhaya abo ngoba imikhaya yabo ayisakwazi ukubondla. Azikho izinhlangano zezenhlala-kahle ukuze zisize. Ezikhathini eziningi abantwana balabantu asebegugile babathatha ngesitimela futhi babalahle endaweni ethile noma babashiye eziteshini zezitimela.” Lomlobi uyanezela: “Yeka ushintsho olushaqisayo esikweni elalinenhlonipho enkulu ngasebegugile.” Ngakho inkathi yethu ibona ukugcwaliseka kwezAga 30:11, ezithi: “Kukhona isizukulwane esithuka uyise, esingabusisi unina.”

10. Silondeke kangakanani isimo sezwe sezimali, okusikhumbuza siphi isiprofetho sikaJesu?

10 Ohulumeni babantu abanakuyixazulula inkinga yobumpofu bembulunga yonke. Amazwe angakathuthuki anomthwalo osindayo wezikweleti ezikhulayo angenakuzikhokhela. Ngisho namazwe athuthukile anezikweleti ezeqile. Okuphawula lokhu, amabhange amaningi awa eUnited State ngonyaka odlule. Lapho elinye elikhulukazi lisengozini, kwasiza kuphela ukungenela kukahulumeni ngezinkulungwane zezigidi zamaRandi ekugwemeni inkinga. Kwakwesatshwa ukuthi uma ibhange elikhulu kanjalo lingase liwe, “lokho kwakuyodlulela nakwamanye amabhange, kusongele sonke isimiso sezimali,” kubika iThe New York Times. Kanjalo, kuya kuba nzima ukuvimbela inhlekelele. Eqinisweni, unyaka ngamunye odlulayo ukuphawula kweGuardian yaseNgilandi kuya kuba namandla: “Izwe lisonqenqemeni lwengozi yesintu nenhlekelele yezombangazwe . . . Amazwekazi aye abona amathemba awo ekusasa enyamalala.”—Luka 21:25, 26.

Umphumela Wezobuchwepheshe Empini

11. Iyiphi inkinga eyengeziwe ohulumeni abangenakuyixazulula eye yenziwa yaba yimbi kakhulu ezobuchwepheshe?

11 Ezobuchwepheshe ziye zenza okuthile kwaba kubi kakhulu lokho ohulumeni abangakwazi ukukuvimbela: impi. Ezobuchwepheshe ezenza iMpi Yezwe I ibulale abantu abaningi ngombayimbayi, imikhumbi-ngwenya, izindiza zempi, izimoto zempi, nezikhali zokujikijela amalangabi. Umlobi waseBrithani uRichard Rees wathi: “Impi yango-1914-18 yakhanyisa amaqiniso amabili: elokuqala, ukuthi ukuthuthuka kwezobuchwepheshe kufinyelela iqophelo lapho kungaqhubeka ngaphandle kwenhlekelele ezweni elinobunye kuphela, elesibili, ukuthi izinhlangano zezombangazwe ezikhona nezokuhlalisana emhlabeni zenza ubunye bomhlaba bube yinto engenakwenzeka.” IMpi Yezwe II yafakazela iphuzu lakhe, njengoba izikhali ezintsha zabulala izigidi zabantu ezingaba ngama-55.

12. Ikuphi ukusongela okubhekene nomkhaya wesintu namuhla?

12 Namuhla, izikhali zempi zisabeka kakhulu, futhi ohulumeni bakude kakhulu nokuba munye. Ngokuqondene nezikhali zenyukliye, umlobi uHerman Wouk wathi: “Ukuhlakanipha, umsebenzi, nomcebo othululelwa . . . kulobuhlanya ngempela usanganisa ikhanda. Ukuba izizwe azizange zisafunda impi, ayikho into isintu ebesingenakukwazi ukuyenza.” Usonkanyezi uCarl Sagan wathi ngempi yenyukliye: “Akungabazeki ukuthi impucuko yethu yembulunga yonke iyophela nyá.” Futhi njengoba lenhlekelele esongela umhlaba wonke ilenga phezu komkhaya wesintu, ezinye izimpi eziningi zibulala abaningi abangenakubalwa. ISikhungo Sokwaziswa Kwezokuvikela eUnited States sabika ukuthi ngo-1984 kwakunezimpi ezingama-42 ezihlukahlukene nezibhelu ezaziqhubeka ngesikhathi esifanayo! Ohulumeni abakwazi nokuqeda igagasi elikhulu lobulelesi nobudlova emazweni abo siqu, kungasakhulunywa-ke ngokuletha ukuthula komhlaba.

13. Ingabe ubudlova bembulunga yonke esikhathini sethu buyasigcwalisa isiprofetho seBhayibheli?

13 Konke lokhu kuvumelana nesiprofetho sesAmbulo 6:4 ngomgibeli welinye ‘lamahashi amane esAmbulo’ kusukela ngo-1914: “Kwase kuphuma elinye ihashi elibomvu, nohlezi phezu kwalo waphiwa ukususa ukuthula emhlabeni, ukuze babulalane, wanikwa nenkemba enkulu.”

Isizathu Sokwehluleka Kwemizamo Yabantu

14, 15. Siyini isizathu esiyinhloko sokuba ohulumeni bahluleke ukufeza izinhloso zabo manje?

14 Kungani kunesizathu sokwesaba ukuthi okufezwe umuntu akunakuyivimbela inhlekelele? Empeleni, kungani abantu behluleka ukufeza izinhloso zabo? IBhayibheli libonisa esinye isizathu esiyinhloko: “Ngakho-ke njengalokho isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile.” (Roma 5:12) Abazali bethu bokuqala, uAdamu noEva, babedalwe bephelele ngomzimba nangengqondo. Kodwa lokho kuphelela kwakuxhomeke ekuhlaleni kwabo ngaphakathi kwemingcele yemithetho kaNkulunkulu eyinzuzo. Ngaphakathi kwaleyomithetho babenikezwe inkululeko enkulu yokukhetha. Kodwa uGenesise isahluko 3 ubonisa ukuthi abazali bethu bokuqala beqisa kuleyonkululeko yokukhetha. Bafuna ukukhululeka kuNkulunkulu nasemithethweni yakhe, befuna ukuzinqumela okulungile nokungalungile, igunya elingelikaNkulunkulu kuphela. Ngemva kokuba sebezikhethele lokho, base bezimele. IBhayibheli lithi: “UJehova unani, uma ninaye . . . kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.” (2 IziKronike 15:2) Behlukaniswe noNkulunkulu, uAdamu noEva baqala ukuwohloka. Behlelwa ukugula, nokudabuka, futhi ekugcineni ukufa.—Genesise 2:16, 17.

15 Ngemva kokuba abazali bethu bokuqala bengasaphelele, umthetho wokuzalana wenza ukuba bonke abantwana babo bazuze ukungapheleli ngofuzo. Umhubi wavuma: “Ngazalelwa ebubini, umame wangithabatha esonweni.” (IHubo 51:5) Ayikho indlela ezesayensi yokwelapha ezinganqoba ngayo imiphumela yokungapheleli ezuzwe ngofuzo. Ukufuna impumelelo yezokwelapha yokuqeda ukugula nokufa kuwukufuna okuthile abantu abangenakukufeza—nanini.

16. Ukungapheleli kuye kwasithinta kanjani isimo sengqondo sesintu?

16 Ukungapheleli kofuzo kuthinta futhi isimo sethu sengqondo. Sonke sizalwe sinokuthambekela kokwenza okubi. Manje, lokho akusho ukuthi abantu abanakukwazi ukuqondisa izenzo zabo. Bangakwazi uma bethatha izinyathelo eziqondile. IzAga 3:6 zibonisa lokhu, ngokuthi: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.” Nokho, uma abantu bengasinaki iseluleko esifanele, khona-ke bangena enkathazweni enkulu. Futhi uma abantu nezizwe beqhela emithethweni kaNkulunkulu, kubayilapho benza ngokuzibhubhisa ngokwengeziwe, bekhulisa isejwayezi esisegazini sobugovu. Ngokuphathelene nalokhu, uhlu lomhleli lweNew York Times lwaphawula: “Cishe awunakuzibheka izihloko zamaphephandaba zanamuhla ngaphandle kokumangala ukuthi lelizwe liyaphi. . . . Bheka ukuthi kwenzekani lapho abantu, izinhlangano nezizwe zibeka izithakazelo zazo zobugovu ngaphambi kwakho konke okunye. . . . Iqiniso elisobala kuwo wonke amazwe liwukuthi ukudlala umdlalo wobugovu akusebenzi.”

Ithonya LikaSathane

17, 18. Isiphi esinye isici esiyinhloko esisiza ekuchazeni isizathu sokuba isintu sihluleke ukufeza izinhloso zaso?

17 Esinye isici esiyinhloko esisiza ekuchazeni ukuthi kungani abantu bengenakuzifeza izinhloso zabo futhi bavimbele inhlekelele siyithonya eliphawulwe kweye-2 Korinte 4:4, ekhuluma ‘ngonkulunkulu walelizwe.’ Abanye abangajwayelene neBhayibheli bangase bacabange ukuthi unkulunkulu okubhekiselwe kuye lapha uNkulunkulu uMninimandla onke. Kodwa ivesi elifanayo linezela ngokuthi lonkulunkulu ‘uphuphuthekise izingqondo zabangakholwayo.’ Ngokuqinisekile, uMdali onothando akanakukwenza lokho. Unkulunkulu okubhekiselwe kuye uyefana nalowo oshiwo kweyoku-1 Johane 5:19, ethi: “Izwe lonke limi [emandleni omubi].”—Qhathanisa neNW.

18 Unkulunkulu oqondisa lelizwe lamanje uchazwa kusAmbulo 12:9 ngokuthi “umhlebi noSathane, odukisa izwe lonke.” Igama elithi Sathane lisho “uMphikisi, noma iMbangi. Igama elithi “uDeveli” lisho “iSitha” “uMmangaleli Wamanga” noma “umnyundeli.” Lawa ngamagama afanelekile, ngoba ukuhlubuka kuka-Adamu noEva kwashoshozelwa yilesihlubuki endaweni yomoya. Yiso esatshela uEva, ngezindlela eziphansi, sithi: ‘Anidingi ukulalela imithetho kaNkulunkulu. Ningazinqumela okulungile nokungalungile.’ Nokho, ngokuhlubuka kuNkulunkulu, uSathane waba nengqondo eyonakele. Lokhu kungabonakala ngemisebenzi yakhe, ngoba bheka nje izwe elingaphansi kokuqondisa kwakhe! Umlando omubi nowonakele wesintu ufakazela ukuthi sinethonya elibi noma elonakele, elisengamele.

Liyini Ithemba?

19. Yini eye yasikiselwa ezinye izingqapheli njengamakhambi okugula kwalelizwe?

19 Izingqapheli ezithile zalelizwe elisesiphithiphithini zinokuphawula okuthakazelisayo ngekhambi lokugula kwesintu. IThe Gazette yaseMontreal yathi: “Cishe amaqembu ayi-150 ezazi zezombangazwe zezizwe adonsela ezinhlangothini ezihlukene, eqhubela umhlaba esiphithiphithini. Nokho eziningi zezinkinga ezinkulu zezwe zingezembulunga yonke ngoba ubuchwepheshe bezokuthutha nezokuxhumana buye bahlanganisa izwe laba umphakathi wembulunga yonke noma idolobhana.” Khona-ke yeluleka: “Kudingeka uhlobo oluthile lukahulumeni womhlaba.” Isazi sezokuhlalisana uErich Fromm wathi izifo zalelizwe zingasuswa “kuphela uma sonke isimiso [sokuhlalisana kwabantu nesezombangazwe] njengoba siye saba khona phakathi neminyaka yokugcina eyizi-6 000 yomlando singathathelwa isikhundla esinye esihluke ngokuphelele.”—Omalukeke sizenzele.

20. (a) Kungani imigomo efiselekayo ingenakufinyelelwa ngemizamo yomuntu? (b) Kumelwe sithembele kubani ngesikhathi esizayo?

20 Izingqapheli ezinjalo azikuqapheli, kodwa sonke isimiso sokuhlalisana kwabantu nesezombangazwe sizothathelwa “isikhundla esinye esihluke ngokuphelele”! Ngokushesha kuzoba nohulumeni owodwa kuphela waso sonke isintu. Awuyikuba khona ngemizamo yomuntu. Abantu ngokwabo abakwazi ukuvimbela inhlekelele. Ngokuqinisekile abanakukwazi ukususa lesimiso sezinto bafake esingcono esikhundleni saso, njengoba umlando uye wakufakazela lokho. Abakwazi ukususa ukungapheleli kofuzo, ukugula, nokufa. Futhi ngeke bamsuse uSathane namademoni akhe. Esikhundleni salokho, inkambo edlule yezenzo zomuntu iye yafakazela amazwi aphefumlelwe: “Akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” (Jeremiya 10:23) Kanjalo iZwi likaNkulunkulu liyeluleka: “Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza.” (IHubo 146:3) Khona-ke, kumelwe uthembele kubani? IzAga 3:5 zithi: “Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda.” Kungani kumelwe sithembele kuJehova? Kungoba angenza lokho umuntu angenakukwenza, njengoba isihloko esilandelayo sizobonisa.

Imibuzo Yokubukeza

◻ Iziphi izinto ezibalulekile abantu abaye bahluleka ukuzifeza?

◻ Ezobuchwepheshe ziye zayenza kanjani imiphumela yempi yaba mibi kakhulu?

◻ Kungani imizamo yomuntu yehluleka njalo?

◻ Uma sibheka umlando womuntu, iyiphi inkambo ehlakaniphile?

[Isithombe ekhasini 9]

Isayensi yezokwelapha iye yahluleka ukuvimbela igagasi lezifo nokufa

[Isithombe ekhasini 10]

Ohulumeni babantu abanakubususa ubumpofu embulungeni yonke

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela