“INqabayokulinda” Iqhubekela Ekukhishweni Kanyekanye
NgoJuly 1879, owokuqala walomagazini wathi: “Njengoba igama lawo libonisa inhloso yawo iwukuba umlindi omemezela izindaba ezithakazelisayo nezizuzisayo ‘emhlanjini omncane.’” Namuhla, INqabayokulinda inikeza ukudla okungokomoya ‘kwabomhlambi omncane’ nakubantu abaqotho abalangazelela ukuzuza ukuphila okuphakade lapha emhlabeni.—Luka 12:32; IsAmbulo 7:9-17.
Njengoba isilinganiso sokusakazwa kweNqabayokulinda sanda ngokufanayo nenani lezilimi enyatheliswa ngazo landa. Namuhla, lezilimi ziyingqikithi ye-102. Imibiko ibonisa ukuthi izikhokhelo ezintsha zeNqabayokulinda nomngane wayo iPhaphama!, ziye zanda ngokumangalisayo eminyakeni engama-70 edlule. Nanka amanye amanani atholakalayo:
Unyaka Izikhokhelo Ezintsha Omagazini Abahanjiswayo
1914 2 746 95 973
1944 292 258 9 293 913
1964 1 551 436 127 055 165
1984 1 812 221 287 358 064
Manje sifinyelela kwelinye iqophelo emlandweni weminyaka eyi-105 weNqabayokulinda—ukukhishwa kwayo ngesikhathi esifanayo ngezilimi ezingama-20 nangaphezulu. Inqubekela phambili ejabulisa ngempela! Sengathi uJehova angaqhubeka esebenzisa lomagazini ngamandla ekumemezeleni uMbuso wakhe ngoKristu Jesu.
[Izithombe ekhasini 8, 9]
IsiSwidi
IsiDanishi
IsiNorwegian
IsiFinishi
IsiPutukezi
IsiJalimae
IsiPedi
IsiSuthu
IsiTsonga
IsiZulu
IsiDashi
IsiFulentshi
ISipanishi
IsiNtaliyane
IsiBhunu
IsiJapane
IsiTswana
IsiVenda
IsiXhosa
ICibemba