Kungani Kukhulunywa Kangaka NgeArmagedoni?
“IARMAGEDONI”—lisho ukuthini leligama leBhayibhile? Uchungechunge lwezihloko ezifundisayo ngalendaba, olwethulwa yisembozo esinengqondo isikhathi ngasinye luvela komagazini abane beNqabayokulinda kaJanuary noFebruary 1985. Kwethenjwa ukuthi lezingxoxo ezingokomBhalo ziyokududuza ngolwazi lwalokho iARMAGEDONI eyikho ngempela.
“Uyazi, ngibheka emuva eziprofethweni zenu zasendulo kuTestamente Elidala nezibonakaliso ezibikezela iArmagedoni, futhi ngithola ngizibuza ukuthi—ingabe siyisizukulwane esizobona lokho kwenzeka.”—Ronald W. Reagan, umongameli waseUnited States, October 18, 1983.
“Isambulo namuhla asikhona nje ukufanekisa kweBhayibheli kodwa siye saba into enokwenzeka ngokoqobo. Akukaze kwenzeke emlandweni wesintu ukuba sibe phakathi kwenhlekelele nokusinda.—Javier Perez de Cuellar, unobhala-jikelele weZizwe Ezihlangene, June 8, 1982.
“IARMAGEDONI” iye yaba indaba esematheni emhlabeni. Leligama elizwakala ngokwesabisayo lizwakala ngokuphindaphindiwe kakhulu ezindebeni zabefundisi, izazi zombangazwe. izikhulu zombuso, ojenene bezempi, ososayensi, ngisho nezazi zezomnotho. EUnited States kuphela, igama elithi Armagedoni, litholakala okungenani ezihlokweni zezincwadi eziyi-15 eziye zahanjiswa phakathi no-1983. Liye laba sematheni kweziningi ezinye izincwadi, ezinye zazo eziye zathengiswa ngezigidi.
Kungase kubonakale kumangaza ukuthi leligama liye laduma kakhulu, ngoba ukusetshenziswa kokuqala okulotshiwe kwegama elithi Armagedoni kutholakala eBhayibhelini—futhi lapho lisetshenziswe kanye kuphela. (IsAmbulo 16:16) Nokho akubona bodwa abefundisi ababesebenzisa leligama. Ngawo-1800 igama elithi Armagedoni laqala ukusetshenziswa ngomqondo ongewona oweBhayibheli. Nokho, kwaze kwaba sekuqaleni kwawo-1900 lapho elithi “Armagedoni” laba nomqondo ofanayo ‘nanoma ikuphi ukuceka okukhulu’ noma “ukulwa kokugcina.”
Kusukela lapho igama elithi Armagedoni liye langena kancane kancane ohlwini lwamagama amaqembu ahlukene ezingcweti, ngayinye ilihlobisa ngencazelo enomqondo ohlukile. Ngo-1912, uTheodore Roosevelt, lapho ekhankasela ukuqhubeka engumongameli waseUnited States wanikeza leligama incazelo engokwezombangazwe. Waqhosha: “Ngenhliziyo eqinile neso elingafiphele, simi eArmagedoni futhi silwela iNkosi.” URoosevelt wehluleka kuleyompi yezombangazwe yokukhethwa futhi.
Namuhla kuyisimo esibi sokwesaba kwezwe esibangela konke lokhu kukhuluma ngeArmagedoni: ukusongela kokunanelwa kwembulunga yonke ngenyukliye, ubusika obude benyukliye ngenxa yokuqhunyiswa kwalezozikhali ezesabekayo, impi enkulu eMpumalanga ePhakathi, noma ukuwa okusheshayo kwesisekelo sezomnotho somhlaba. Kanjalo igama elithi Armagedoni namuhla livela ezindaweni ezingalindelekile neze:
◆ Ifilimu yemifanekiso eqhamile eshukumayo yamaJapane enobude obugcwele enesihloko esithi “IArmagedoni EKichijoji” ibonisa imifanekiso edwetshiwe, emelele abahle nababi, empini yokugcina,
◆ Ukuvela futhi ngo-1986 kweComet [inkanyezi enomsila] kaHalley okulindelekile kwabangela iFrankfurter Neue Presse ukuba ithi “kungase kubikezele iArmagedoni futhi” kwabakholelwa ezeni.
Kodwa akukho nokukodwa kwalokhu okuyileyoArmagedoni. Namuhla elinye izwi elimemezela iArmagedoni liyazwakala—liyakhula ngamandla futhi likhishwa abantu abangaphezu kwezigidi ezimbili nengxenye. Uye walizwa? Ngokulalela lelizwi, awuyikufunda kuphela lokho iArmagedoni engeyikho, kodwa okubaluleke kakhulu lokho eyikho ngempela.