Kwenzekeni Ekulindeni KobuKristu?
“LOKHU engikusho kini ngikusho kubo bonke, ngithi: Lindani.” Lawomazwi kaJesu Kristu abezwakala ezindlebeni zamaKristu aqotho kuwo wonke amakhulu eminyaka. Kodwa mangaki amalungu eSonto lamaRoma Katolika, obuOrthodox noma awamaProtestani amakhulu asasizwayo lesosixwayiso esishukumisayo ezindlebeni zawo?—Marku 13:37.
Kungani amaKristu kwakumelwe alinde? UJesu wayesanda kuthi: “Lindani, ngokuba anazi ukuthi iNkosi yendlu iyakufika nini, . . . funa ifike ngokuzuma, inifumane nilele.” (Marku 13:35, 36) Ngakho abafundi bakaJesu kwakumelwe balinde ukuza kweNkosi yabo, okungukuthi ukuza kukaKristu.
Yayizoba yini injongo yokuza kukaJesu? Umyalo wakhe wokulinda wanikezwa njengengxenye yempendulo yalombuzo oqondile awubuzwa abafundi bakhe: “Siyokuba yini isibonakaliso sokuba-khona kwakho nesesiphelo sesimiso sezinto [“ukuphela kwezwe,” iBhayibheli lesiZulu]?” (Mathewu 24:3, NW) Ngokokulandisa okufanayo, ngemva kokunikeza isibonakaliso esinezici eziningi, uKristu wathi: “Khona bayakuyibona iNdodana yomuntu iza efwini, inamandla nenkazimulo enkulu. Kepha nxa kuqala ukuvela lokho, lulamani, niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu. . . . nxa nibona lezozinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.”—Luka 21:27-31.
Izizathu Ezinhle Zokulinda
Kanjalo, uJesu Kristu wanikeza abafundi bakhe izizathu ezinhle zokuzigcina beqaphile ngokomoya ukuba balinde ukugcwaliseka ‘kwesibonakaliso.’ Lokhu kwakuyosho ukuthi iNkosi yabo ‘yayikhona’ ngokungabonakali ngoba kwakungenakudingeka isibonakaliso uma ukuba-khona kwayo kwakuzoba ngokoqobo, kubonakale. Kodwa ukuba-khona kwakhe okungokomoya kwakuyosho futhi ukuthi ‘lelizwe’ elibi, noma “isimiso sezinto,” lingenele ‘isiphelo’ salo noma isikhathi sokuphela. Futhi kumaKristu, kwakuyosho ukuthi ‘ukukhululwa kwawo kuyasondela.’ Yebo, kwakuyosho ukuthi “umbuso kaNkulunkulu useduze.”
Ingabe lesi akusona yini kanye isizinda sethemba langempela lomKristu? Akuyona yini kanye into wonke amaKristu atshelwa ukuba ayikhulekele, ngokuthi: “Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini”? (Mathewu 6:9, 10) Ukuze kube nengqondo akumelwe yini amaKatolika aphindaphinda imithandazo yawo noma amalungu amanye amasonto asho uMthandazo WeNkosi alindele ukubona imithandazo yawo igcwaliseka? Noma kungenzeka yini ukuthi izimfundiso zamasonto awo ziye zawenza cishe ize lowomthandazo, kangangokuba basalelwe okuncane kokuba bakulindele?
Isizathu Sokuba Abaningi Bangasalindi
AmaKristu kwakumelwe alinde isibonakaliso sokuba-khona kukaKristu (ngesiGreki, pa·rou·siʹa, okuhunyushwa ngokuthi “ukuza” ezinguqulweni eziningi zeBhayibheli). Ngani? Ngoba lokhu bekuyosho ukuthi uMbuso kaNkulunkulu, ukukhululwa kwawo nokuphela “kwezwe,” noma “isimiso sezinto” samanje esibi, kuseduze. Amasonto ahlukahlukene eLobukholwa bekumelwe ukuba aye asiza amalungu awo ukuba azigcine eqaphile ngokomoya ukuze angafunyanwa elele lapho iNkosi ifika. Ingabe amasonto aye agcwalisa ukuthunywa kwawo kulokhu?
Incwadi yezazi ithi: “Ngokwesonto, njengoba isikhathi sasidlula iparousia ingenzeki, yaqhubeka iya kude esikhathini esizayo, futhi kamuva yaba sengozini yokuba ilahlwe ngokuphelele njengesici sokholo.”—The New International Dictionary of New Testament Theology.
Yilokhu empeleni okuye kwenzeka. Amasonto eLobukholwa aye alahla ukulinda kobuKristu uJesu ayala abafundi bakhe ukuba bangalingi bakuyeke. Awasaqaphile ngokubakhona kukaKristu nokuza koMbuso kaNkulunkulu. Aye ayeka ukulinda “isiphelo sesimiso sezinto,” noma “ukuphela kwezwe.”
Iencyclopedia yesiFulentshi ewumqulu owodwa iQUID 1984 inikeza incazelo yamuva ngenkolelo engokwenkolo mayelana nokuphela kwezwe. Ngaphansi kwesithi “Izimpawu Zenkolo YobuKatolika,” ithi: “Isonto muva nje libonakala lichaza ukuphela kwezwe njengokuwuvivinyo umuntu ngamunye abhekana nalo lapho efa.” Lapho ichaza lenkinga, iThe New Encyclopædia Britannica ithi: “Amasonto amakhulu obuKristu alahla imfundiso ‘ngeZinto Zokugcina’ njengokungasho lutho noma inganekwane eyize.”
Ngakho, iyiphi impendulo emangazayo kodwa engenakubalekelwa yombuzo othi “Kwenzekeni Ekulindeni KobuKristu?” Kuye kwaqedwa “amasonto obuKristu amakhulu,” okungukuthi, amaRoma Katolika, obuOrthodox baseMpumalanga namasonto amakhulu obuProtestani. Nakuba amalungu alamasonto engenacala, amaningi awo angase axakeke ukuthi kukanjani futhi kungani isonto lawo liye layeka ukulinda kobuKristu ukuba-khona kukaKristu, ukuza koMbuso kaNkulunkulu nokuphela kwesimiso esibi sezinto samanje. Amaqiniso angokomlando aholela kulokhu azohlolwa esihlokweni esilandelayo.