Iminyaka Yethu Yokuphelelwa Yithemba
“BENGINGATHANDA ukubona ukuthula kwezwe osukwini lwami,” kusho umfundi osemusha wasekoliji, “kodwa ngiyazi ukuthi lokhu kumane kuwumcabango ongenakwenzeka ngenxa yayo yonke inzondo esemhlabeni.” Ingabe nawe uzizwa ngalendlela? Ingabe isimo sezwe sibonakala singenathemba kuwe?
Umbono odumaza kanjalo awuwona ongasekelwe ndawo. Izimo ezweni zinzima kuzo zonke izimo zokubheka. Khona kanye ukuba khona komuntu kuyasongelwa. Umoya womhlaba, ukudla namanzi kungcoliswa ngezinga elethusayo. Izimo zezomnotho zimbi ngokwedlulele nobudlova buyadlanga, kugcina abaningi besaba njalo ngokuphila kwabo nempahla. Ukungabi nakuthula kwezwe nobudlova kungokungakaze kubonwe ngaphambili.
Okwethusa nangokwengeziwe ukusongela kwembubhiso yenyukliye okulenga njengendwangu emnyama phezu komhlaba njengoba izimpi nokuvukela umbuso kuqhubeka kungenasibonakaliso sokuphela. Ezwakalisa ukuphelelwa yithemba kwabaningi, omunye umfundi wathi: “Kubonakala kungekho lutho umuntu angalwenza ngalempikiswano yempi yenyukliye.”
Ngisho noma imbubhiso yenyukliye ibingavinjelwa, ubukhona bomuntu bufakwa engozini umonakalo wabantu ngokwabo. “Inani labantu likhula ngokungabambeki embulungeni yonke nangezinga elithusa kangangokuthi ngonyaka ka-2000—eminyakeni eyi-16 kuphela kusukela manje—umhlaba, nezinkulungwane zezigidi zawo ezengeziwe, uyobe ungasakwazi ukunikeza ukudla okwanele namandla, kungasakhulunywa ngemisebenzi, izindlu, imfundo nokunakekelwa kwempilo,” kubika umagazini iParade. “Futhi ukuthi kuyokwenzekani ekhulwini lama-21 leminyaka (uma izingane ezizalwa kulelishumi leminyaka zifinyelela ezingeni lokuguga) kungaphezu kokucatshangwa.”
Unyaka ngamunye, izigidi ziyafa ngenxa yesimo sendlala esesabekayo esikhona emazweni amaningi asathuthuka. Uchwepheshe othile e-U.S. Census Bureau’s Center for International Research uthi: “Ngaphandle kokuba kuthathwe isinyathelo esisheshayo sezizwe zonke ekunciphiseni ukwanda kwenani labantu, ngibona izimiso zohulumeni ziwohloka.” Okubonakala kuza kanye nokuncishiswa kwemithombo eyisisekelo, ukuswelakala kokudla okunomsoco nezifo, ukuthuthela kwamanye amazwe okukhulu, indlala enkulu, umbango wangaphakathi ngisho nezimpi.
Manje, ukwanda kwenzondo yabantu nobugovu kuvimbela noma iliphi ithemba lokuthi abantu bayolungisa izinkinga zabo nokungezwani ngendlela enengqondo neyokuzwana. Umqondo wokuthi izinto zilungiswa ngodlame uyabusa njengoba ubudlova buba yindlela evamile yokuveza ukunganeliseki, okungokoqobo noma okucatshangwayo. Ukwaziswa kobuzalwane “okuyisidala”—ukucabangela nenhlonipho ngabanye—cishe kubonakala kungasekho ezweni lethu lesimanje. Ngempela, njengoba iBhayibheli labikezela, kukhona ‘usizi olwehlela izizwe zixakeke . . . , abantu baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba.’—Luka 21:25, 26.
Ungase uthi, ‘kodwa ngokuqinisekile njengoba amadoda avuthiwe eyiqaphela inhlekelele esondelayo yezikhathi zethu ezinzima, angase akhe izivumelwano zobunye ukuze kuqinisekiswe ukuthula nokuchuma ezweni.’ Njengoba lokhu kungase kubonakale kufiseleka, ingabe kuyithemba elingokoqobo? Ubonisani umbiko womlando?