Imibuzo Evela Kubafundi
■ Kungani INqabayokulinda iye yabhekisela ezenzakalweni ezibhalwe kuMaccabees wokuQala, njengoba lencwadi iyingxenye yeziNcwadi Eziyimfihlo (Apocrypha)?
Incwadi yethu yezikhombo iAid to Bible Understanding iqukethe isihloko eside esithi “Apocrypha.” Inikeza ubufakazi bokuthi kungani iziNcwadi Eziyimfihlo kumelwe zibhekwe njengezingeyona ingxenye yemiBhalo eNgcwele nakuba iSonto lamaRoma Katolika lizemukela. AmaJuda awakaze abheke imibhalo yeziNcwadi Eziyimfihlo njengengxenye yemiBhalo eNgcwele yesiHeberu, futhi uJerome, umhumushi owaziwayo ongumKatolika weBhayibheli iLatin Vulgate wavuma ukuthi aziyona ingxenye yemiBhalo eNgcwele. Khona-ke, iziNcwadi Eziyimfihlo aziyona imibhalo ephefumlelwe njengezincwadi zeBhayibheli.—2 Thimothewu 3:16.
Nokho, izincwadi eziyimfihlo zikaMaccabees wokuQala nowesiBili, zinakho ukwaziswa okuyiqiniso. Incwadi iAid ithi ngoMaccabees wokuQala: “Indaba engokomlando yokulwela kwamaJuda inkululeko phakathi nekhulu lesibili B.C.E., kusukela ekuqaleni kokubusa kuka-Antiochus Epiphanes (175 B.C.E.) kuya ekufeni kukaSimon Maccabaeus (cishe ngo-134 B.C.E.). . . . Ikhuluma ikakhulukazi ngempango yompristi uMattathias namadodana akhe, uJudas, uJonathan noSimon, ekulweni kwabo nama-Aramu. Lena ingxenye ebaluleke kakhulu yezincwadi eziyimfihlo ngenxa yokwaziswa okungokomlando ekunikezayo ngalenkathi. Nokho, njengoba iThe Jewish Encyclopedia isho, kuyona ‘umlando ulotshwe ngokombono womuntu.’”
Incwadi iAid iyanezela ngencwadi kaMaccabees wesiBili: “Nakuba ibekwe ngemva kukaMaccabees wokuQala, lendaba ilandisa ngengxenye yesikhathi esifanayo (kusukela cishe ngo-180 B.C.E. kuya ku-160 B.C.E.) futhi yabhalwa umlobi owehlukile kunoMaccabees wokuQala. Umlobi ubhala lencwadi njengewukubukezwa kwezincwadi zangaphambili zikaJason waseKhurene. Ichaza ukushushiswa kwamaJuda ngaphansi kuka-Antiochus Epiphanes, ukuphangwa kwethempeli, nokunikezelwa kwalo kwamuva.”
Ngokomphumela, ukubhekisela noma ukucaphuna ezincwadini zikaMaccabees kungenziwa ngenxa yezithakazelo ezingokomlando ngaphandle kokusikisela ukuthi lezi, noma eminye imibhalo yeziNcwadi Eziyimfihlo iphefumlelwe noma iyingxenye yemiBhalo eNgcwele.