Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 9/15 kk. 29-30
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngaphuphunyelwa Yisisu
    I-Phaphama!—2002
  • Amaphuzu Avelele Encwadi KaJobe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Incwadi YeBhayibheli Ye-18—UJobe
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Indoda Eyisibonelo Eyamukela Ukulungiswa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 9/15 kk. 29-30

Imibuzo Evela Kubafundi

■ Umngane wami waphuphunyelwa yisisu. Njengoba ngingowesifazane ngizwelana naye, kodwa ingabe kuyoba okufanelekile ukumkhuthaza ukuba abe nethemba ovukweni?

Ngokuqinisekile ungenza okuhle kakhulu ngokumnikeza usizo lothando lobuKristu. Kodwa iBhayibheli alinikezi isisekelo sokulindela ukuvuswa kwehlule. Cabangela izizathu:

Lapho owesifazane ekhulelwa, usuke enengqamuzana elilodwa kuphela, iqanda elivuthiwe. Ngokuvamile, esikhathini esiyizinyanga eziyisishiyagalolunye leyongqamuzana iyahlukana futhi ingene esizalweni sakhe, ihlule liyakhula, futhi ekugcineni umntwana uyazalwa. Ukuphuphuma kwesisu kunqamula lenqubo engokwemvelo, kuqede ukuphila obesekuqalile futhi okumelwe kukhule kube umuntu. Uma kukhishwa isisu, kuphikiswana nobungcwele bokuphila kanye nomyalo kaNkulunkulu ngokubulala.—Eksodusi 20:13; 21:22, 23; Numeri 35:16-18; 1 Petru 4:15.

UMniki-kuphila wethu uyakuqaphela ukuphila okukhula esizalweni, njengoba singabona kulokho iBhayibheli elikushoyo ngomkaJese owayekhulelwe ihlule elakhula, lazalwa futhi labizwa ngokuthi uDavide. (IHubo 139:13-16; qhathanisa noJobe 31:15.) Nokho, kuthiwani ngovuko ezimweni zokuphuphunyelwa yisisu noma ukuzalwa komntwana efile?

IBhayibheli liyavuma ukuthi umbungu noma ihlule kungafa. Lokhu kuphumela ekuchithekeni kwesisu noma ukuphuphuma kwesisu, noma ekuzalweni komntwana efile.—Genesise 31:38; Eksodusi 23:26; 2 Amakhosi 2:19-21; Jobe 21:10; IHubo 58:8; 144:14.

UJobe wakhuluma ngezindlela ezihlukahlukene ukuphuphuma kwesisu okungenzeka ngazo, enomuzwa wokuthi noma iyiphi yazo yayiyoba ngengcono ngaye kunobuhlungu ayebuzwa. Wathi kwangathi ngabe waba “njengokuphuphumileyo okuthukusiweyo,” othile ‘ongazange abe khona njengezingane ezingazange zibone ukukhanya.’ (Jobe 3:16) Lokhu kungabhekisela ekuphuphumeni kwesisu sowesifazane ngisho nangaphambi kokuba azi ukuthi ubekhulelwe nalapho ihlule lingakakwazi ukuziphilela. Incwadi ethi The Body Machine ithi: “Amaqanda amaningi alumbanisiwe awakhuli ngendlela efanele, eqinisweni isibalo esikhulu kunalawo akhulayo. Cishe angamaphesenti ayishumi ayehluleka ukungena esizalweni futhi kulawo angenayo cishe ingxenye yawo iyachitheka, ngokuvamile kwenzeka umama engazi.”

UJobe wabuye wathi uma ‘izivalo zesizalo sikanina zazivaliwe, ngabe wafihlwa ekuhluphekeni.’ Ngakho wayeyosinda ekuhluphekeni uma ‘wayefele esizalweni.’ (Jobe 3:10, 11) Ubuthakathaka obungathi sína behlule noma bombungu ngezinye izikhathi bungabangela lokhu. Noma kungase kubangelwe ukungakheki kahle kwezitho zokuzala zikamama; ukuntula amavithamini, amahormone noma ioksijini; noma isifo esikumama.

Ezinhlungwini zakhe uJobe waba nomuzwa wokuthi izenzakalo ezinjalo zaziyoba ngezingcono ngaye. Nokho unina wayeyodabuka, ngisho nanjengoba kwenza abesifazane namuhla lapho ukungapheleli okwazuzwa njengefa kuphumela ekuphuphumeni kwesisu noma ekuzalweni komntwana efile. Lapho ekhuluma ngezimo ezinjalo ezinokwenzeka, uJobe akazange asho ukuthi nakanjani wayeyolindela ukuvuswa. Inzuzo, njengoba ayibona, yayiwukuthi wayezofihlwa ezinhluphekweni noma angaphazanyiswa.

UJobe wenezela enye into eyayingase yenzeke: “Angifanga ngani esizalweni na? Angibhubhanga ngani ekuphumeni kwami esiswini na?” (Jobe 3:11) Uma, njengoba kwenzeka ngezinye izikhathi, uJobe wayeye wazalwa, futhi ngokushesha ngemva kwalokho wafa, mhlawumbe ngisho nangaphambi kokuba anceliswe, ayeyoba yini amathemba akhe esikhathi esizayo? Akakuchazanga lokhu. Kodwa kamuva wabonisa ukuthi, uma wayefile futhi waya eSheol ngemva kokuba esephile njengomuntu, kungenzeka ukuthi uNkulunkulu ‘wayeyomnqumela isikhathi, amkhumbule.’ UMniki-kuphila wethu ‘wayeyobiza futhi uJobe aphendule.’ Yebo, uJehova uNkulunkulu wayengabuyisela uJobe ekuphileni, amvuse.—Jobe 14:13-15.

Lokhu kuvumelana nolwazi lwethu lovuko olusezibonelweni eziseBhayibhelini. Ngokusobala labo abavuswa babuyiselwa ekuphileni bengabantu ababeyibo lapho befa. Okungukuthi, abantwana abafa bavuswa njengabantwana, abantu abadala njengabantu abadala. (2 AmaKhosi 4:17-20, 32-37; Luka 7:12-15; 8:40-42, 49-55; Johane 11:38-44) Ingabe kuyoba okunengqondo ukucabanga ukuthi uma ‘okuphuphumileyo okufihlakeleyo’ kwakwenzekile endabeni kaJobe, oHlelweni Olusha lelohlule elincane laliyobuyiselwa esibelethweni sikanina ukuze liqhubekise ukukhulelwa okungenzeka ukuthi wayengakakuqapheli? Lokhu akuvumelani nalokho iBhayibheli elikushoyo ngovuko, ngokuvamile olwaluhilela abantu ababeke bazalwa futhi baphila njengabantu abahlukile phambi kukaJehova.—Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15.

Kodwa kuthiwani uma ihlule lase likhulile, seliwumbungu noma ngisho sekusondele isikhathi sokuba lizalwe? Kunezimo eziningi ezingenzeka. Nokho, asikho isidingo sokucabanga ngalokho, ngoba kunemiphumela eminingi edabukisayo yokungapheleli eba khona namuhla. Epharadesi elibuyiselwe uBaba wethu wasezulwini onothando uyoguqula isimo somuntu sokuba nesono futhi alethe izibusiso ezimangalisayo. Abantu abaningi bayovuswa. Isinqumo sokuthi uvuko luyokwenziwa ngayiphi indlela, futhi lufinyelele kuliphi izinga, siyokwenziwa uJehova noJesu Kristu. Singaqiniseka ngokuthi isinqumo siyobonisa ukuhlakanipha okuphelele nokwahlulela ngokulunga kukaJehova.

UElihu waqinisekisa uJobe: “Makube-kude noNkulunkulu ukuba enze okubi, nakuSomandla ukuba enze ukona. Ngokuba uyabuyisela kumuntu njengokwenza kwakhe . . . impela uNkulunkulu akenzi okubi.” (Jobe 34:10-12) Sonke, kuhlanganise nemibhangqwana eye yaba nalokhu okuhlangenwe nakho kokuphuphunyelwa yisisu noma ukuzalwa komntwana esefile, singaduduzeka ngokwazi ukuthi “uJehova muhle, ulungile.”—IHubo 25:8.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela