“Baye Bashintsha Indlela Yami Yokuphila”
Indoda ethile yaseGhana, eNtshonalanga Afrika, yasho lokhu ngeNqabayokulinda nePhaphama! Yabhala: “Ngingasho ngokuqinisekile ukuthi labomagazini baye bathonyela inhliziyo yami kuKristu. Banginikeza ukwaziswa okwengeziwe umuntu adinga ukukwazi ngoKristu nosindiso. Lapho nginikezwa labomagazini ngokokuqala ngumngane wami omkhulu, ngacabanga ukuthi babezoba nesidina. Ngokumangalisayo, lapho ngibafunda ngokwengeziwe ngabajabulela ngokwengeziwe. Baye bashintsha indlela yami yokuphila. Ngibathola bethakazelisa ngokwengeziwe futhi befundisa kakhulu.
“Sizani,” kwaphetha lendoda, “ningithumelele iziboniselo zalabomagazini ababalulekile inyanga nenyanga.” Nokho, nawe ungathunyelelwa INqabayokulinda nePhaphama! ekhaya lakho. Thumela kuphela u-R8,40 futhi uyobathola bobabili omagazini (iziboniselo ezintathu ngenyanga) unyaka owodwa.
Sizani ningithumelele isikhokhelo sonyaka somagazini INqabayokulinda nePhaphama! Ngifaka u-R8,40 womagazini abangama-36.