Ukuhambisana ‘Nomqondo KaJehova’ Njengoba Wembuliwe Manje
1. Isiphi isizwe esingena esikhundleni sikaIsrayeli wemvelo, futhi kusiphi isivumelwano?
INDODANA kaNkulunkulu iye yangena esikhundleni somprofethi uMose, owayengumkhulumeli wesivumelwano somthetho phakathi kukaNkulunkulu namaIsrayeli emvelo. UJesu Kristu uye waba uMkhulumeli omisiwe wesivumelwano sikaJehova esisha esabikezelwa. Lesisivumelwano senziwa nesizwe esangena esikhundleni sikaIsrayeli wemvelo wasendulo futhi singuIsrayeli ongokomoya, “uIsrayeli kaNkulunkulu.” (Galathiya 6:16) Imiyalelo Eyishumi nayo yonke eminye imithetho yesivumelwano eyayihlobene nayo eyayinomuntu ongaphelele uMose njengomkhulumeli wayo yayilotshwe emibhalweni elotshwa ngesandla kodwa ayizange ngempela ilotshwe ezinhliziyweni nasezingqondweni zamaJuda enyama asokiwe, noma amaIsrayeli. Eqaphela lokho kwehluleka kwesivumelwano soMthetho kaMose, uJehova uNkulunkulu wabikezela ukwenziwa kwesivumelwano esisha ngomprofethi uJeremiya, njengoba kulotshwe kuJeremiya 31:31-34.
2. (a) UJesu waba kanjani umkhulumeli walesivumelwano? (b) Lokhu kwaqala kanjani ukusebenza futhi nini?
2 UJesu Kristu waqinisa leso “sivumelwano esisha” esithenjisiwe ngegazi lakhe lokuphila, lapho efa ngenhliziyo ebuhlungu esigxotsheni sokuhlushwa ngaphandle kweJerusalema. Ngobusuku obungaphambi kwalokho, lapho egubha isidlo sakhe sokugcina nabaphostoli bakhe abathembekile ngokulalela isivumelwano soMthetho kaMose, uJesu wabanika indebe yewayini futhi wanikeza ukubaluleka okusha kuyona ngokuthi: “Lesisitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.” (Luka 22:20; 1 Korinte 11:23-26) Ngalendlela waba uMkhulumeli walesosivumelwano esisha, esaba “isivumelwano esingcono” kunesivumelwano soMthetho kaMose. (Heberu 8:6, NW; 9:11-28) Ngakho kusukela aletha inani legazi lokuphila kwakhe okuphelele ezulwini ngo-33 C.E., uye wakhonza njengoMkhulumeli walabo bafundi uJehova uNkulunkulu abangenisa esivumelwaneni esisha.—1 Thimothewu 2:5, 6.
3. NgokwamaHeberu 10:15, 16, uJehova uyibhalaphi imithetho yalesivumelwano?
3 Lapho ekhuluma ngesivumelwano esisha, kumaHeberu 10:15, 16, umphostoli ucaphuna isiprofetho sikaJeremiya futhi uyabhala: “Kepha noMoya oNgcwele uyafakaza kithina, ngokuba emva kokusho kwakhe ukuthi: Yilesisivumelwano engizakusenza nabo, emva kwalezozinsuku, isho iNkosi: ngiyakufaka imithetho yami ezinhliziyweni [kar·diʹas] zabo, ngiyilobe engqondweni [di·aʹnoi·an] yabo.”
4. (a) Inhliziyo engokomfanekiso nengqondo kuhlukana kanjani? (b) Ngokuvumelana neHubo 119, amaKristu asesivumelwaneni esisha ayisebenzisa kanjani inhliziyo nengqondo? (c) Ukubhalwa kwemithetho kaNkulunkulu ezinhliziyweni nasezingqondweni kwaqala nini futhi kanjani?
4 Ngokuvumelana nemisebenzi yenhliziyo nengqondo engokomfanekiso, amaKristu angeniswa esivumelwaneni esisha ngoKristu uMkhulumeli ayezothanda imithetho kaJehova ngezinhliziyo zawo, kanjalo ashukunyiselwe ukuba alalele leyomithetho, futhi ayezokhumbula leyomithetho yaphezulu ngokunamathelayo. Njengoba umhubi akubeka, “Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka. Usuku lonke ngizindla ngawo.” (IHubo 119:97) Ukufakwa kwemithetho kaJehova ezinhliziyweni zabafundi bakaKristu nokubhalwa kwayo ezingqondweni zabo kwaqala ukwenzeka ngosuku lwePentekoste lika-33 C.E. Kwakuyilesosikhathi-ke lapho umoya ongcwele wathululelwa phezu kwabafundi bakaJesu Kristu ababelindile futhi “izilimi . . . kungathi ezomlilo” ezibonakalayo zahlala phezu kwamakhanda abafundi abayi-120 futhi baqala ukukhuluma ngezilimi zakwamanye amazwe ababengazange bazifunde. Isimangaliso ngempela! Ngenxa yobufakazi obanikezwa lapho ezibukelini ezibuthene, kwaba nabayizi-3 000 ababhapathizwa njengabakholwa kuJesu njengoKristu, noma uMesiya, futhi abangeniswa esivumelwaneni esisha anguMkhulumeli waso.—IzEnzo, isahluko 2; Joweli 2:28-32.
5. Obani namuhla abaye bangeniswa esivumelwaneni esisha, futhi ibuphi ubufakazi obubonisa laba ‘njengamagatsha’?
5 Namuhla, eminyakeni eyi-1 900 kamuva, kunensali ‘kaIsrayeli kaNkulunkulu’ emalungu ayo anikeza ubufakazi bokungeniswa esivumelwaneni esisha, ebhapathizwa ngomoya ongcwele. Inikeza ubufakazi bokungeniswa kwemithetho kaJehova ezihliziyweni zayo ezingokomfanekiso nokulotshwa kwayo ezingqondweni zayo. Ifeza okwabikezelwa uMkhulumeli wayo njengoba kulotshwe kuMathewu 24:14 nakuMarku 13:10. ‘Ingamagatsha’ kulowomuthi womnqumo ongokomoya ochazwe umphostoli uPawulu kumaRoma, isahluko 11, futhi ikhiqiza izithelo eziningi.
6. (a) Isiphi esinye isici ‘somqondo’ kaJehova esiye sembulwa kusukela ngo-1935? (b) “Ezinye izimvu” zibunikeza kanjani ubufakazi obanelisayo bothando lwazo ‘ngomthetho’ kaNkulunkulu walolusuku?
6 Esinye isici ‘somqondo’ kaJehova siye sembulwa kusukela ngomhlangano woFakazi BakaJehova waseWashington, D.C., ngonyaka ka-1935. Yini ‘eyayisengqondweni’ kaJehova ngokuphathelene nesixuku esikhulu esabikezelwa kusAmbulo 7:9-17? Lesisixuku esabikezelwa sabadumisi bakaJehova uNkulunkulu nabeWundlu lakhe, uJesu Kristu, esikhonza uNkulunkulu ethempelini lakhe elingokomfanekiso, siye sabonakala kusukela ngo-1935. Abangama-840 ababhapathizwa ngemva kwalokho eWashington ngoMgqibelo, June 1, baye banda kwehle kuze kube manje. Namuhla emhlabeni wonke kunabangaphezu kwezigidi ezimbili nengxenye balezi “ezinye izimvu” zikaMalusi Omuhle, uJesu Kristu, abahlanganyela njalo nabahlanganyeli besivumelwano esisha abazelwe ngomoya abahlanganyela emsebenzini wokufakaza ngoMbuso njengoba kwabikezelwa kuMathewu 24:14. (Johane 10:16) Njengomhubi banikeza ubufakazi obanelisayo bokuthi bathanda “umthetho” kaJehova ‘ngalesisiphelo sesimiso sezinto,’ nokuthi “umthetho” wakhe uyinto ethile abazindla ngayo ezingqondweni zabo nabayikhathalelayo ngezinhliziyo zabo.
Ukusindiswa Ngokukholwa Nokuvuma
7, 8. (a) Ingabe ukusindiswa kumane kuxhomeke olwazini lwasekhanda? (b) AmaRoma 10:5-10 athini ngokusebenzelana kwenhliziyo engokomfanekiso nengqondo?
7 Ukuzuza insindiso, kungaba eyokungena eMbusweni kaJehova emazulwini noma emhlabeni oyiPharadesi ngaphansi kokubusa kweminyaka eyinkulungwane kukaJesu Kristu, akuyona nje indaba yokuba nolwazi lwasekhanda, indaba yengqondo. Umphostoli uPawulu ukwenza kukhanye lokhu kumaRoma 10:5-10. Lapho ukhuluma ngamaKristu ayenezinhliziyo zemvelo, zenyama, hhayi nganoma ikuphi ukufakelwa kwenhliziyo noma ngisho inhliziyo ewumshini. Uqhubeka nephuzu lakhe ngalendlela:
8 “Ngokuba uMose uloba ukuthi umuntu owenza ukulunga okuvela emthethweni uyakuphila ngakho. Kepha ukulunga okuvela ngokukholwa kusho kuthi: Ungasho enhliziyweni yakho ukuthi: Ngubani ozakwenyukela ezulwini na? okungukuthi ukwehlisa uKristu, nokuba: Ngubani ozakwehlela kwalasha na? okungukuthi ukukhuphula uKristu kwabafileyo. Kepha kuthini na? Izwi liseduze nawe, emlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho, okungukuthi izwi lokukholwa esilishumayelayo. Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa; ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube-ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube-ngukusindiswa.”
9. (a) Yini ehilelekile ekusindisweni, futhi kungani uphendula kanjalo? (b) Yini umKristu okumelwe ayikholelwe ngempela enhliziyweni yakhe? (c) Isiphi isimo esathathwa ngabaseAthene, futhi ngani?
9 Lokhu kubonisa ukuthi indaba ishona phansi ngokujule kakhulu kumuntu kunokuba ibe semcabangweni, noma ingqondo. Akuyona indaba yokumane uqongelele ulwazi, uluhlukanise engqondweni futhi ukwazi ukuluphinda njengomkhuba. Akuyona ingqondo nolwazi lwayo eyisici esinqumayo; isisusa esihilelekile lapha phambi kukaNkulunkulu. Ukukholwa komKristu kumelwe kushukunyiswe inhliziyo engokomfanekiso. Kumelwe akholelwe ovukweni lukaKristu ngayo yonke inhliziyo yakhe, ngenxa yokwazisa okusuka enhliziyweni kwalesisimangaliso uNkulunkulu uMninimandla onke aye wasenza. Lokhu okuthile uKristu ayengenakuzenzela khona ngokwakhe, futhi kwakungenakwenziwa omunye umuntu, okungukuthi, ukuvusela kukaNkulunkulu iNdodana yakhe efile ekuphileni kwasezulwini. (2 Korinte 4:13) Siyakhumbula ukuthi izihlakaniphi zaseAthene zosuku lukamphostoli uPawulu, kwezinye izimo zazithambekele ‘ngasekuhlekeni usulu,’ lapho zizwa “ngokuvuka kwabafileyo,” kanti abanye abenzanga isinqumo esisheshayo ngendaba, kodwa bathi: “siyakuphinde sikuzwe ngaleyondaba.” Izingqondo zabo ezazigcwele ulwazi zabavimbela ekwamukeleni lokhu kwaziswa, ngisho nakuba kusekelwe emaqinisweni angempela. Abathile kuphela ababa ngabakholwayo futhi bazihlanganisa noPawulu—IzEnzo 17:21, 32-34.
10. (a) Ikuphi ukushukuma inhliziyo okumelwe ikunikeze? (b) Ngakho-ke, iziphi izinto ezimbili ezifunwa uJehova?
10 Ngakho-ke inhliziyo yomuntu kumelwe imshukumisele ukuba akholwe. Ngenhliziyo yakhe umuntu kumelwe abe nokholo. Lapho enza lokhu, khona-ke inhliziyo—ubuyena bangaphakathi—yokholwayo iyomshukumisela ukuba enze ukuvuma kwasobala ngomlomo wakhe. Ngayo yonke inhliziyo yakhe kumelwe abe nokholo. Ukuvuma kwasobala ngomlomo, okushukunyiswa inhliziyo ekholwayo, kuyolandela. Lapho okholwayo ecwiliswa emanzini njengesibonakaliso sokuzinikezela kwakhe kuJehova uNkulunkulu ngoJesu Kristu, wenza isimemezelo sasobala esiholela ekusindisweni. UJehova uNkulunkulu akahloli kuphela inhliziyo engokomfanekiso ukuba abone ukuthi ukholo olushukumisayo lukhona yini lapho kodwa futhi ulalela isimemezelo sasobala.
Ukuhlala Uthembekile Ngenxa ‘Yenhliziyo Epheleleyo’
11. (a) UDavide wayengahlala kanjani ethembekile kuJehova? (b) Naphezu kwesono sakhe, kungani uDavide ayengathandaza njengakumaHubo 86:11? (c) Ubani owalandela isibonelo sikaDavide esihle?
11 UDavide wasendulo, njengathi sonke thina bantu, wazalelwa ebubini futhi unina wamkhulelwa esonweni, kepha wahlala ethembekile kuNkulunkulu wakhe, uJehova, ngenxa yokuba nenhliziyo engokomfanekiso ‘eyayiphelele’ kuNkulunkulu wesizwe sakwaIsrayeli. (IHubo 51:5) Ubufakazi balokhu bunikezwa kweyoku-1 AmaKhosi 15:3: “Inhliziyo yakhe [uAbiyamu] yayingekho kuNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kaDavide uyise.” Kuyiqiniso, uDavide wasenza isono esibi kakhulu nomkaUriya umHeti, kodwa waphenduka ngobuqotho kulokhu futhi inhliziyo yakhe yabonakala iphelele futhi ingaxegi ekuzinikezeleni kwakhe kuJehova njengoNkulunkulu wakhe. (1 AmaKhosi 15:4, 5) Ngesizathu esihle uDavide wayengakhuleka: “Yenza inhliziyo yami iqonde-ntonye, yesabe igama lakho.” (IHubo 86:11) Wababekela isibonelo esihle kakhulu abamlandela ekubuseni uIsrayeli, futhi iNkosi uAsa yayiwumlingisi kaDavide kulokhu, ngoba ku-1 AmaKhosi 15:14 siyafunda: “Inhliziyo ka-Asa yayikuJehova ngokupheleleyo zonke izinsuku zakhe.”
12. Yini efuna isibindi nobuqotho, futhi uHezekiya wakubonisa kanjani lokhu?
12 Ngempela kufuna isibindi esikhulu nokwethembeka kumuntu ngokwakhe ukuzincengela kuNkulunkulu oNgcwelengcwele, uMhloli wezinhliziyo zabantu, ukumnxusela umusa nokucabangela kothando. Kodwa yilokho iNkosi uHezekiya yakwaIsrayeli eyakwenza. Ngenkathi engenwe isifo ngokuqinisekile esasizombulala ngaphandle kokuba uNkulunkulu wakhe angenele, uHezekiya wakhuleka: “Ngiyacela, Jehova: Ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.”—Isaya 38:3.
13. Yini amaKristu agcotshiwe okumelwe ayikhumbule njalo, ngemva kwesibonelo sikaJesu?
13 Ngesibonelo esinjalo, lawomaKristu agcotshiwe anamuhla aye angeniswa ‘esivumelwaneni soMbuso’ noJesu Kristu emazulwini kumelwe akhumbule njalo isibopho sokuhamba phambi kukaJehova “ngenhliziyo epheleleyo.” Njengoyisemkhulu wasebukhosini uDavide, uJesu Kristu lapho esemhlabeni njengomuntu ophelele wahamba phambi kukaYise wasezulwini, uJehova, “ngenhliziyo epheleleyo.” Ngakho-ke, uJehova uNkulunkulu, uMenzi-wenkosi, wakujabulela kakhulu ukumnika ukubusa eMbusweni wasezulwini, ukuba abuse lapho “njengeNkosi yamakhosi noMbusi wababusi” kanye nabafundi bakhe abagcina ubuqotho njengamakhosi nababusi abangaphansi.—Luka 22:29, NW; IsAmbulo 19:16.
14. “Ezinye izimvu” ziye zalethwa ‘emhlambini munye’ ngaphansi ‘kukaMalusi munye’ ngenxa yani?
14 “Isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu’ zikaKristu silindele ukuba ngabokuqala abayongena bephila ekubuseni kweminyaka eyinkulungwane kukaJesu Kristu nababusi abakanye naye abayizi-144 000. (IsAmbulo 7:9, 10; Johane 10:16; IsAmbulo 14:1; 20:4-6) Kusukela ngalowonyaka wesehlakalo ka-1935, amalungu aleso “sixuku esikhulu” abehlanganyela nensali yalezozindlalifa zoMbuso ezihamba phambi kukaJehova uNkulunkulu ngenhliziyo epheleleyo. Ngenxa yokuthi lezi “ezinye izimvu” zikaMalusi Omuhle, uJesu Kristu, zifuna ukuhamba phambi kukaJehova uNkulunkulu “ngenhliziyo epheleleyo” manje zenza ‘umhlambi munye’ nensali yezindlalifa zoMbuso ngaphansi ‘kukaMalusi munye,’ uJesu Kristu. Ngenxa yokugcina kwazo ubuqotho ngezinhliziyo ezinjalo ezinobunye, ezipheleleyo, ziyoba nengxenye eyilungelo ekulweleni ukubusa kwendawo yonke kukaNkulunkulu ezingofakazi bakhe, uJehova.—Isaya 43:10, 12.
15. Yini manje esingabonga ngayo sonke?
15 Ngendlela enjalo sonke, njengabafundi beNdodana kaNkulunkulu, uMalusi wethu Omuhle, sizihlela ‘nomqondo’ kaJehova njengoba manje wembulwa kubakhulekeli bakhe abazinikezele babhapathizwa. Yeka indlela esingabonga ngayo nokumelwe sibonge ngayo ngokuthi uNkulunkulu oPhezukonke ezulwini uye wambula kithina okuye kwafika kuqala ‘emqondweni’ wakhe futhi okungazange kuvele kunoma imuphi umuntu wenyama namathambo! Ngenxa yalesizathu sishukunyiselwa ukuba sicabange njengoba uJehova enza ngokuphathelene nenjongo yakhe ekhazimulayo.
16, 17. (a) Kweyoku-1 Korinte 2:16, yini eboniswayo ‘ngomqondo kaJehova’ ‘nangomqondo kaKristu’? (b) AbaseFilipi 2:5-8 bembulani ‘ngomqondo’ kaKristu?
16 Siyakwazisa esikulotshelwe kweyoku-1 Korinte 2:16, okungukuthi: “Ngokuba ngubani owake wazi umqondo weNkosi ukuba angaze ayifundise na? Kepha thina sinomqondo kaKristu.” Lapha igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “umqondo” ngunous kuzo zombili izingxenye.
17 “Umqondo” kaKristu wawuhambisana ‘nomqondo kaJehova’ ngokungenakuphikisana. Amazwi aphefumlelwe akwabaseFilipi 2:5-8 asisiza ukuba sihlole ‘emqondweni’ ngisho noweNdodana kaNkulunkulu ngaphambi kokuba umuntu, ngoba lapho siyafunda: “Mawube-kini lowomqondo owawukhona nakuKristu Jesu owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu, kepha wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu; wathi efunyenwe enjengomuntu ngesimilo, wazithoba, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni [esigxotsheni sokuhlushwa].”
18. Yini eyayidingeka ngeNdodana ekuhambisaneni ‘nomqondo’ kaYise?
18 UJehova uNkulunkulu unokuhlengwa kwesintu ekufeni kwaphakade engqondweni, futhi iNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa yayizimisele ukuhambisana nomqondo kaYise wasezulwini kulokhu, ngisho nakuba lokhu kwakuyosho ukuhlupheka okukhulu ngayo emhlabeni.
19. (a) Izinhliziyo zethu ezingokomfanekiso singazisebenzisa kanjani ngokuphathelene ‘nomqondo’ kaJehova? (b) Yini ngokuphathelene ‘nomqondo kaKristu’ okumelwe siyenze manje?
19 Ngokufanayo, uma thina namuhla sifuna ukuhambisana ‘nomqondo kaJehova,’ kumelwe ngokufanayo sizithobe ngendlela enjengekaKristu futhi sizibeke phansi kwentando kaJehova ngokungagodli lutho. Lokhu kusibopha ukuba sibe ngofakazi bakaJehova, futhi, sishukunyiswa inhliziyo [kar·diʹa] enothando nokwethembeka, kumelwe siqhube lokho uJesu Kristu ayenakho engqondweni yakhe ebona kude, lapho ethi: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke,” kwehle kuze kube sekupheleni.—Mathewu 24:14; Marku 13:10.
20. (a) Yini manje eyenza kube nesenzo sobunye emhlabeni wonke? (b) Iyiphi impumelelo umhlambi onobunye wabantu bakaNkulunkulu oyijabulelayo manje?
20 Sonke thina bofakazi abazinikezele, babhapathizwa bakaNkulunkulu oPhezukonke namuhla sifuna ukuba “nokuqonda kunye” ngalelilungelo lenkonzo. (Filipi 4:2) Lokhu kwenza ubunye besenzo emhlabeni wonke. Ngokwenza kwethu kanjalo, uJehova uNkulunkulu uye wabusisa kokubili “isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu’ zikaKristu nensali egcotshiwe yezindlalifa zoMbuso kaKristu ngempumelelo ejabulisayo abayitholayo emhlabeni wonke namuhla ekubutheni zonke “ezinye izimvu” nokunikeza isixwayiso sokugcina phezu kwaso sonke isintu ngaphambi kokunqoba kwakhe okukhazimulayo nokulwelwa kokubusa kwakhe kwendawo yonke eHarmagedoni.—IsAmbulo 16:16.
Imibuzo ethile yokubukeza:
□ “Inhliziyo” ‘nengqondo’ kuye kwahileleka kanjani ekulobeni kukaNkulunkulu “umthetho” wesivumelwano esisha?
□ Yiziphi izinto ezimbili ezihilelekile ekuzuzeni ukusindiswa?
□ Inhliziyo “epheleleyo” isisiza kanjani ukuba sihlale sithembekile?
□ Singabonisa kanjani ukuthi sinakho kokubili “umqondo kaJehova” ‘nomqondo kaKristu’?
[Isithombe ekhasini 15]
UJehova uye waloba “umthetho” wesivumelwano sakhe esisha ezinhliziyweni nasezingqondweni zabagcotshiwe. Ngenjabulo, “ezinye izimvu” manje zihlangana nabo enkonzweni engcwele
[Isithombe ekhasini 17]
UHezekiya wabonisa inhliziyo “epheleleyo” lapho engaphansi kobunzima. Nathi singakwenza