Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 6/1 k. 31
  • Amatekisi Ezinsuku ZikaJune, 1984

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amatekisi Ezinsuku ZikaJune, 1984
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 6/1 k. 31

Amatekisi Ezinsuku ZikaJune, 1984

1 Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila. Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade.—Joh. 11:25, 26. wZU 4/1/84 1-3

2 Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo ngosuku lwempi yakho.—IHu. 110:3. wZU 3/15/84 1-3a

3 Ubeke uphawu emabunzini abantu ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso ezenziwa phakathi kwalo.—Hez. 9:4. wZU 5/1/84 1, 2

4 Ngisho lokhu kodwa, bazalwane, ukuthi isikhathi sesinciphile; ngakho emva kwalokhu abanabafazi mababe-njengabangenabo.—1 Kor. 7:29. wZU 4/15/84 3, 4a

5 Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.—Math. 17:5. wZU 6/1/84 3-6

6 Umbonisi umelwe ukuba abe-ngongasolekiyo njengomphathimuzi kaNkulunkulu, . . . ongesiye ohahela inzuzo embi, kepha ophatha kahle izihambi, othanda okuhle, oqondileyo, olungileyo, ongcwele, ozithibayo.—Thithu 1:7, 8. wZU 2/15/84 15, 16

7 Wanqunywa emnqumeni ongowasendle ngemvelo, wafakelwa emnqumweni omuhle ngokuphambene nemvelo.—Roma 11:24. wZU 2/1/84 16, 17

8 Wawubumba umhlaba, wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize, wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo.—Isaya 45:18. wZU 4/1/84 7, 8

9 Iningi labazalwane . . . [li]khuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi.—Fil. 1:14. wZU 5/1/84 8-10

10 Ngalokho kakhulu nga siqaphelisisa esikuzwileyo.—Heb. 2:1. wZU 6/1/84 7, 8

11 Nabasebenzisa lelizwe babe-njengabangalisebenzisi.—1 Kor. 7:29-31. wZU 4/15/84 5, 6a

12 Ubusisiwe umuntu . . . okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova, ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku.—IHu. 1:1, 2. wZU 3/15/84 6-8a

13 Ngibazisile igama lakho, ngizokubazisa lona.—Joh. 17:26. wZU 6/15/84 16

14 Kodwa uma leyonceku embi ithi enhliziyweni yayo: Inkosi yami ilibele.—Math. 24:48. wZU 3/1/84 17-19

15 Nolwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidese kwakhipha abafileyo ababekukho.—IsAm. 20:13. wZU 4/1/84 18-21

16 Iningi labazalwane eNkosini betholile ithemba ngezibopho zami bazuzile kakhulu isibindi sokukhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi.—Fil. 1:14. wZU 5/1/84 14-16a

17 Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo.—Joh. 4:34. wZU 3/15/84 19, 20a

18 Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini, kungabikho-nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo.—Heb. 3:12. wZU 6/1/84 9-11

19 Nabasebenzisa lelizwe babe-njengabangalisebenzisi.—1 Kor. 7:29-31. wZU 4/15/84 5, 9, 10a

20 Sitshele ukuthi lezizinto ziyokwenzeka nini,—nokuthi siyini isibonakaliso sokuba-khona kwakho nesokuphela kwesikhathi.—Math. 24:3, “The Emphasized Bible.” wZU 1/15/84 7-9a

21 Ukusindiswa kwabalungileyo kuvela kuJehova; uyinqaba yabo esikhathini sokuhlupheka.—IHu. 37:39. wZU 1/1/84 2, 3a

22 Kepha nxa kuqala ukuvela lokho, lulamani, niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu.—Luka 21:28. wZU 5/15/83 6-8

23 Sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu.—Heb. 12:2. wZU 4/15/84 19-21b

24 Ngiyayazi imisebenzi yakho; bheka, ngimisile phambi kwakho umnyango ovuliweyo, ongenakuvalwa-muntu.—IsAm. 3:8. wZU 3/15/84 17-19a

25 Ngokuba njengokuba izulu elisha nomhlaba omusha . . . kuyakuma phambi kwami, . . . kanjalo kuyakuma inzalo yakho negama lakho.—Isaya 66:22. wZU 4/1/84 8-10

26 Ngakho lindani ngesikhathi sonke, nikhuleke ukuba nibe-namandla okuphepha kukho konke lokhu okuyakwenzeka nawokuma phambi kweNdodana yomuntu.—Luka 21:36. wZU 6/1/84 18-20

27 Kepha thina asamukelanga umoya wezwe kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe uNkulunkulu ngomusa.—1 Kor. 2:12. wZU 4/15/84 12-14a

28 Ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga.—Roma 12:3. wZU 12/1/83 14, 15a

29 Imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe.—Gen. 8:21. wZU 2/1/84 1-3b

30 Ubeke uphawu emabunzini abantu ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso ezenziwa phakathi kwalo.—Hez. 9:4. wZU 5/1/84 2, 3

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela