Amatekisi Ezinsuku ZikaMay, 1984
1 Futhi-ke wozifunela phakathi kwabantu bonke amadoda anamandla amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekileyo, azonda inzuzo engalungile, . . . zithwalisane nawe.—Eks. 18:21, 22. wZU 2/15/84 4, 5
2 Ngokuba ngitsheliwe ngani . . . ukuthi kukhona ukuphikisana phakathi kwenu.—1 Kor. 1:11. wZU 3/1/84 6, 7
3 Nginamandla ukwenza konke ngaye [uJehova uNkulunkulu] ongiqinisayo.—Fil. 4:13. wZU 9/15/83 7, 8a
4 Ngizakumenzela umsizi onjengaye.—Gen. 2:18. wZU 11/15/83 11, 12a
5 Ukuzigabisa ngalokhukuphila . . . kuvela ezweni.—1 Joh. 2:16. wZU 12/1/83 11, 12a
6 Lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, . . . [ma]sigijime ngokubekezela kulokhukuncintisana esikumiselweyo.—Heb. 12:1. wZU 8/1/83 8-10a
7 Ngiyakubeka ukuthula kube ababonisi bakho nokulunga kube ababusi bakho.—Isaya 60:17, “NW”. wZU 1/1/84 4, 5a
8 INdodana yomuntu iyakuthuma izingelozi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi, zibaphonse eziko lomlilo.—Math. 13:41, 42. wZU 2/15/84 16a
9 Ngakho-ke osuka ethi umi, akaqaphele ukuba angawi.—1 Kor. 10:12. wZU 2/1/84 6-8, 15b
10 Nikhuthalele ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula; munye umzimba, munye uMoya, . . . yinye iNkosi, yinye inkolo, munye umbhapathizo; munye uNkulunkulu, uYise wabo bonke.—Efe. 4:3-6. wZU 8/15/83 16a
11 Sithandwa, ungalandeli okubi kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu; owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.—3 Joh. 11. wZU 10/1/83 18-20a
12 Inkanuko yamehlo, . . . akuveli kuyise kodwa kuvela ezweni.—1 Joh. 2:16. wZU 7/1/83 12, 13
13 Abayekanga ukufundisa nokushumayela ivangeli ngoJesu Kristu imihla yonke ethempelini nasemakhaya.—IzE. 5:42. wZU 7/15/83 12, 13a
14 Nomuzi ongcwele ziyowunyathela phansi izinyanga ezingamashumi amane nambili.—IsAm. 11:2. wZU 1/15/84 14, 15a
15 Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu njengabazakulandiswa ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula, bangabubuli, ngokuba lokhu akunakunisiza.—Heb. 13:17. wZU 2/15/84 20, 21a
16 Enanikade nihamba kuzo . . . ngokombusi wamandla omkhathi.—Efe. 2:2. wZU 2/1/84 3, 4b
17 Ngimnene, ngithobile ngenhliziyo.—Math. 11:29. wZU 11/15/83 6-8, 10a
18 Imvubelo encane ibilisa inhlama yonke.—1 Kor. 5:6. wZU 12/1/83 17, 18
19 Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade.—Joh. 11:26. wZU 12/15/83 21a
20 Umgomo womyalo uluthando oluvela enhliziyweni emhlophe, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisiyo.—1 Thim. 1:5. wZU 9/15/83 22, 23b
21 Kuphela hambani ngokufanele ivangeli . . . nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumlo munye nilwela inkolo yevangeli.—Fil. 1:27. wZU 3/1/84 21, 22a
22 Nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya.—Efe. 6:18. wZU 7/1/83 18, 21a
23 Bheka-ke ububele nobukhali bukaNkulunkulu; ubukhali kulabo abawayo kepha kuwe ububele bukaNkulunkulu, uma uhlala ebubeleni.—Roma 11:22. wZU 2/1/84 3, 6, 7a
24 Ngakho lindani, nikhumbule ukuthi ngeminyaka emithathu ubusuku nemini angiyekanga ukuniluleka nonke ngabanye ngezinyembezi.—IzE. 20:31. wZU 2/15/84 17, 18a
25 Ngakho-ke osuka ethi umi, akaqaphele ukuba angawi.—1 Kor. 10:12. wZU 8/1/83 14-16a
26 Ngokuba abakhohlisayo abaningi baphumele ezweni, labo abangamvumi uJesu Kristu ukuthi uzile ngenyama.—2 Joh. 7. wZU 10/1/83 13, 14
27 UNowa wayehamba noNkulunkulu.—Gen. 6:9. wZU 1/1/84 7, 8
28 Izingelozi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi zibaphonse eziko lomlilo.—Math. 13:41, 42. wZU 3/1/84 15, 16
29 Wozifunela phakathi kwabo wonke amadoda anamandla amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekileyo, azonda inzuzo engalungile.—Eks. 18:21. wZU 2/15/84 4, 11-14
30 UNkulunkulu munye impela oyakulungisisa abasokileyo ngokukholwa nabangasokile ngokukholwa.—Roma 3:30, “NW”. wZU 2/1/84 10-12
31 Ndodana yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yami ukuba ngiphendule ongisolayo.—IzAga 27:11. wZU 9/15/83 23, 24b