Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 4/1 k. 32
  • Amatekisi Ezinsuku Zika-April, 1984

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amatekisi Ezinsuku Zika-April, 1984
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 4/1 k. 32

Amatekisi Ezinsuku Zika-April, 1984

1 Nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba.—Gen. 22:18. wZU 2/1/84 3-5

2 Ngokuba kwakumfanele yena, okukhona konke ngenxa yakhe nokukhona konke ngaye, ukuba, lapho eyisa amadodana amaningi enkazimulweni, amphelelise ngezinhlupheko yena oyinkosi yokusindiswa kwabo.—Heb. 2:10. wZU 8/1/83 14

3 Asihambe ngokufaneleyo njengasemini, kungabi-ngokuminza nokudakwa, kungabi-ngobufebe namanyala, kungabi-ngokuxabana nomhawu; kodwa yembathani iNkosi uJesu Kristu, ninganakekeli inyama kuvuswe izinkanuko.—Roma 13:13, 14. wZU 12/1/83 15

4 Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo.—Efe. 5:28. wZU 11/15/83 4-6a

5 Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nokukhubekisa, bephambene nesifundiso enafundiswa sona nina, nahlukane nabo.—Roma 16:17. wZU 8/15/83 17, 18a

6 Kodwa ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.—1 Kor. 9:27. wZU 7/1/83 16, 17a

7 Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke.—Math. 24:14. wZU 1/15/84 18-20a

8 Uma nina niselapho nimfuna uJehova uNkulunkulu wenu, niyakumfumana, uma nimfuna ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu.—Dut. 4:29. wZU 2/1/84 11-14a

9 Kwase kuphuma elinye ihashi elibomvu, nohlezi phezu kwalo waphiwa ukususa ukuthula emhlabeni, . . . wanikwa nenkemba enkulu.—IsAm. 6:4. wZU 1/1/84 9, 10

10 Nizihlambulule nina eniphatha izitsha zikaJehova.—Isaya 52:11. wZU 9/15/83 3, 18-20b

11 Uthando lukaKristu luyasiqhubezela, . . . wafela bonke, ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela bona.—2 Kor. 5:14, 15. wZU 11/15/83 19, 20a

12 Nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo.—Math. 5:44. wZU 9/15/83 16, 17a

13 Isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso; ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo. UNkulunkulu unguMoya; abakhuleka kuye bafanele ukukhuleka ngomoya nangeqiniso.—Joh. 4:23, 24. wZU 10/1/83 1, 2a

14 Kodwa izinto zobuwula zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise abahlakaniphileyo; nezinto ezibuthakathaka zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise izinto ezinamandla; . . . ukuze kungabikho-nyama ezibongayo phambi kukaNkulunkulu.—1 Kor. 1:27, 29. wZU 7/15/83 4, 19a

15 Sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu.—Heb. 12:2. wZU 8/1/83 19-21

16 Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu!—Roma 11:33. wZU 2/1/84 18-20

17 Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu.—Isaya 55:9. wZU 12/1/84 9-11

18 Afune ukuthula, akujonge.—1 Pet. 3:11. wZU 1/1/84 1, 2a

19 Nenkanuko yamehlo, . . . kuvela ezweni.—1 Joh. 2:16. wZU 7/1/83 3, 4a

20 Ngakho-ke osuka ethi umi, akaqaphele ukuba angawi.—1 Kor. 10:12. wZU 9/15/83 7-9b

21 Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa nokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.—2 Thim. 3:16, 17. wZU 10/15/83 16, 17

22 Akusuwe othwele impande, kepha impande ethwele wena.—Roma 11:18. wZU 2/1/84 8, 9a

23 Phumani kulo, bantu bami.—IsAm. 18:4. wZU 12/15/83 11a

24 Nophathiswe okuningi, kuyakubizwa kuye okungaphezulu kwalokho.—Luka 12:48. wZU 11/15/83 1-3a

25 Kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube-phakade naphakade.—Mika 4:5. wZU 1/1/84 15, 16

26 Ngokuba imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe.—Gen. 8:21. wZU 7/1/83 1-3a

27 Ngokuba asinaye umpristi omkhulu . . . kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.—Heb. 4:15. wZU 8/1/83 17, 18

28 Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho konke okukhona, nakho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba-namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.—Roma 8:38, 39. wZU 8/15/83 20a

29 Nakumuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, cingani ofaneleyo kuwo.—Math. 10:11. wZU 7/15/83 9, 10a

30 Sibambene . . . nabawomoya bobubi emkhathini.—Efe. 6:12. wZU 2/1/84 5, 6b

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela