Ubunye BoMbuso Bungokoqobo Namuhla
“Nxa nibona lezozinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.”—LUKA 21:31.
1. UJesu waprofetha ngani kuLuka isahluko 21?
AMAZWI angenhla akhulunywa umprofethi omkhulu kunabo bonke, uJesu Kristu. Futhi uJesu wayebhekisela kuziphi izinto lapha? Phela, zona kanye izinto ezisizungezile kulelizwe lanamuhla eliyinhlakanhlaka! Lelizwe liyawohloka. Yilokho uJesu akuprofetha njengesibonakaliso ‘sesiphelo’ sesimiso sezwe, uma ekhuluma ‘ngezimpi neziyaluyalu . . . usizi lwehlela izizwe, zixakeke.’ (Mathewu 24:3, 7, 8; Luka 21:9, 25) Isiyaluyalu yonke indawo! Kodwa ingabe oFakazi BakaJehova kumelwe baphazamiseke ngenxa yesiyaluyalu sezwe?
2. Kumelwe sisabele kanjani ezimweni zezwe, futhi ngani?
2 INkosi yethu iyasiphendulela. UJesu wathi: “Kepha nxa kuqala ukuvela lokho, lulamani, niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu.” (Luka 21:28) Sikhululwa kuphi? Ezweni elineziyaluyalu eligulela ukufa.—1 Johane 5:19.
Usizi Lwezombangazwe
3. Abantu abanolwazi basisola kanjani isimo sezombangazwe?
3 Ngisho nenhlangano yeZizwe Ezihlangene iphambene negama layo. Ayinabo ubunye. Unobhala-jikelele wayo, esola ukwehluleka koMkhandlu Wokulondeka ukugcina ukuthula nokulondeka, uye wathi: “Siseduze ngokuyingozi nesiphithiphithi esisha sezizwe zonke.” Lesiyaluyalu sishayisa uvalo. Umbhali weWashington Post uthi, “Izenzakalo azilawuleki.” “Kusukela ngawo-1960 ohulumeni yonke indawo, eNtshonalanga naseMpumalanga, baye baqala ukungasebenzi,” kubhala owayengumsizi weWhite House nomeluleki kwezombangazwe. Futhi owayeyinxusa leU.S. eZizweni Ezihlangene uye waphawula ukuthi Isishaya-mthetho siba “yiNkundla yokungahleleki.”
4. Kungaziphi izindlela eziphawulekayo uLuka 21:26 manje agcwaliseka ngazo?
4 Nokho ngisho okubi kakhulu kungalandela, ngoba ukulwisana ngamazwi bekulokhu kuqina, futhi kakade imibuso yenyukliya isiye yanqwabela iziqhumane ezinamandla okubhubhisa aphindwe izikhathi eziyi-1 600 000 kunalawo abhubhisa iHiroshima. Owayeyinxusa laseU.S. eMoscow ubona imibuso emibili emikhulu “isendleleni yokungqubuzana,” futhi uthi “kumelwe kube khona ukushayisana endaweni ethile.” Lezi izithelo zesiyaluyalu sezwe lethu namuhla. Ukusongela kungokoqobo. Kunjengoba nje uJesu athi kwakuyoba njalo esikhathini ‘sesiphelo salesimiso sezinto’: “Abantu baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba; ngokuba amandla ezulu ayakunyakaziswa.” (Luka 21:26) Yebo, ngisho namazulu, njengoba izizwe zilungiselela ukuthumela iziphuphutheki ezinamakhanda aqhumayo ezikhali zenyukliya emkhathini!
Ibhizinisi Enkulu Iyantengantenga
5. Ikuphi ukwesaba nokuphelelwa yithemba okukhungethe ezentengiselwano?
5 Isiyaluyalu nokwesaba kugcwele futhi nakwezentengiselwano. Umongameli weBhange Lomhlaba uthi, “Angiboni ukuthi kukhona okuyobe kusalondekile eminyakeni eyishumi ezayo.” Emhlanganweni othile wamazwe amakhulu ezomsebenzi angama-24 ngo-1982, kwabikezelwa ukuthi ayeyoba nezigidi ezingama-30 zabantula umsebenzi ngo-1983. Lesisiprofetho sagcwaliseka ngempela!
6. Lithini iZwi likaNkulunkulu ngesimo esibucayi sezomnotho enkolweni nomphumela waso?
6 Owazuza umklomelo kaNobel kwezokonga ukhulumela ngamafuphi isimo sezwe ngokuthi, “Yonke into ixhaphazelisa amathumbu.” Kulokhu, inkolo yezwe ihileleke ngokujulile. “Amanzi amaningi” esAmbulo 17:1, 15—“angabantu, nezixuku, nezizwe, nezilimi” zalelizwe elingamesabi uNkulunkulu—aye ahoxisa ukusekela kwawo inkolo, kangangokuthi ukusekelwa kwenkolo ngokwezimali kuyancipha. (Qhathanisa nesAmbulo 16:12.) Kodwa isimo esibucayi esikhona esingokomnotho samasonto asilutho uma siqhathaniswa nosizi abayobhekana nalo lapho iNkosi yamakhosi uJehova yehlisa isahlulelo sayo ekugcwalisekeni kwamazwi ayo: “Ingozi! Ingozi inye nje! Bheka, iyeza. Bayakuphonsa isiliva labo ezitaladini, igolide labo libe-yinto engcolileyo, isiliva labo negolide labo kungabi-namandla okubophula ngosuku lwentukuthelo kaJehova.” (Hezekeli 7:5, 19) Futhi abaphathi abanobugovu bebhizinisi enkulu bayohlanganyela kulolusizi lwenkolo yezwe!—IsAmbulo 18:2, 3, 16.
Isiyaluyalu Esingapheli Senkolo
7. UbuKatolika buye bahluleka kanjani ukuletha ubunye?
7 Make siyihlolisise manje inkolo. Lapha isiyaluyalu ngempela siyinto engokoqobo. AmaKatolika ahlanganisa uhide kusukela kubapristi abahola amaqembu amancane ezimpi kuye kubabhishobhi abenza umkhankaso wokunciphisa ukwenziwa kwezikhali zenyukliya. Upapa wabiza u-1983 ngokuthi uNyaka Ongcwele. Ingabe lokhu kwasiza? Ukulwa ngamazwi kwaqina. Khumbula ukuthi unyaka ka-1933 nawo wawuwuNyaka Ongcwele kapapa, kodwa yini owayifeza? UHitler wabusa, eqalisa uchungechunge lwezenzakalo ezaholela eMpini Yezwe II.
8. Yiziphi izimo ezingafaneleki eziphawuleka kumaProthestani?
8 UMkhandlu Wezwe Wamasonto, osekelwa izinhlangano zamasonto ezingama-301 zobuProtestani nobuOrthodox ezinamalungu ayizigidi ezingama-400, uye wanikela amakhulu ezinkulungwane zamaRandi kubashoshozeli bezinguquko bezombangazwe. EUnited States iyodwa kunezinkolo ezingaphezu kwe-1 200. Yeka ukukhala kwecilongo okubhimbayo lezi ezikuzwakalisayo! Isiyaluyalu sazo siye sanezela kakhulu ‘eziyaluyalwini’ ‘nasekwandeni kobubi’ uJesu athi kwakuyoba ngokoqobo kanjalo ‘esiphelweni salesimiso sezinto.’—Luka 21:9; Mathewu 24:3, 12.
9. Ibandla leqiniso lamaKristu lingabonakala kanjani?
9 Isiyaluyalu esingapheli esiphawulekayo namuhla ezinkolweni zeLobukholwa siphikisana ngokuphelele nokuchaza kukamphostoli uPawulu ibandla lobuKristu leqiniso ‘njengelikhuthalele ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula.’ UPawulu wathi: “Munye umzimba, munye uMoya, . . . yinye iNkosi, yinye inkolo, munye umbhapathizo; munye uNkulunkulu, uYise wabo bonke, ophezu kwabo bonke, okubo bonke, ophakathi kwabo bonke.”—Efesu 4:3-6.
Lapho Ubunye Buvama Khona
10. Kukuphi lapho kungatholakala khona “isibopho sobunye sokuthula,” futhi kungani kulapho kuphela?
10 Khona-ke, singasithola kuphi ‘lesisibopho sokuthula’? Akunakuba sezweni, ngoba ukukhululwa kwethu kuwukukhishwa ezweni likaSathane nasesiyaluyalwini salo sezombangazwe, sezomnotho nesingokwenkolo. NjengamaKristu asekelwe yiBhayibheli asiyona ingxenye yalelizwe elinesiyaluyalu. Kungakho uJesu athi, lapho ethandazela abalandeli bakhe abagcotshiwe: “Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.” Futhi wanezela: “Angiceleli laba bodwa kepha nalabo abakholwa yimi ngezwi labo ukuba bonke babe-munye, njengalokhu wena-Baba ukimi, nami ngikuwe, ukuba nabo babe-kithina, ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile.”—Johane 17:16-21.
11. AmaKristu eqiniso aye aba kanjani “mhlambi munye”?
11 Lobubunye obumangalisayo namuhla sibubona enhlanganweni yezwe lonke yoFakazi BakaJehova. Ngokujabulisayo, izigidi eziphuma ezweni ziye zabuqaphela lobobunye, futhi abaningi balaba abatadisha iZwi likaNkulunkulu bahlangana manje ‘njengezinye izimvu’ zeNkosi. Njengoba laba behlangana “nomhlambi omncane” wamaKristu agcotshiwe, bonke baba “mhlambi munye” ngaphansi kukaMalusi Omuhle. (Johane 10:16; Luka 12:32) Bonke bayajabula ngokubizwa ngokuthi oFakazi BakaJehova, beqoqelwe ebunyeni obungokoqobo boMbuso!
Isizathu “Sobunye BoMbuso”
12. (a) Kungani uMbuso kaNkulunkulu kumelwe ube isihloko esiletha ubunye ekuphileni kwethu? (b) Kungani kumelwe sijabule naphezu kwesiyaluyalu esandayo ezweni?
12 Kungani sithi “ubunye boMbuso?” Nokho, ingabe uMbuso kaNkulunkulu awusona isihloko seBhayibheli lilonke? Ngakho, ingabe akumelwe uMbuso ube yisihloko esihlanganisayo ekuphileni kwethu? Kuye kwavusa amadlingozi ukubona ukugcwaliseka kwesibonakaliso sikaJesu esibonisa ukuthi uMbuso wamiswa emazulwini ngalowonyaka wezigigaba ka-1914. Futhi uJesu uye wasitshela ukuthi sijabule uma sibona amafu amnyama esiphepho seArmagedoni eqoqana kusukela ngalesosikhathi. Uye wasitshela ukuthi “isizukulwane” sika-1914—unyaka lesosibonakaliso esaqala ukugcwaliseka ngawo—“asiyikudlula kungakenzeki konke lokhu.” (Mathewu 24:34) Abanye ‘balesosizukulwane’ bangaphila kuze kube-sekupheleni kwalelikhulu leminyaka. Kodwa kunezimpawu eziningi zokuthi “ukuphela” sekusondele kakhulu kunalokho!
13. Kungani singenakho ukwesaba kwezwe elingenabunye?
13 Umprofethi kaJehova ukhuluma ngenhlekelele esondelayo, uthi: “Wulindele, . . . awuyikwephuza.” (Habakuki 2:3) Okwamanje asinakho ukwesaba kwezwe elinesiyaluyalu, ngoba siye sahlanganiswa emhlabeni wonke ngaphansi koMbuso. UMbuso kaNkulunkulu, esiwuthandazelayo, manje ungokoqobo. (Mathewu 6:9, 10) Futhi ubunye bethu obukhazimulayo bungokoqobo. Lokhu kuye kwenzeka njengoba kwabikezelwa ngabaprofethi bakaJehova basendulo.—Isaya 9:6, 7; Daniyeli 2:44; 7:13, 14, 27.
“Amathambo Omileyo” Ayavuswa
14. Isiphi isenzakalo esimangalisayo esichazwa kuHezekeli 37:1-4?
14 Maqondana nalokhu, ake sihlole uHezekeli isahluko 37. Yini umprofethi ayishoyo?
“Isandla sikaJehova sasiphezu kwami, sangikhipha ngoMoya kaJehova, sangibeka phakathi kwesigodi; sasigcwele amathambo. Wangidlulisa kuwo, ngawazungeza; bheka, ayemaningi kakhulu ebusweni besigodi, futhi bheka, ayomile kakhulu. Wayesethi kimi: Ndodana yomuntu, lawamathambo angaphila na? Ngathi: Nkosi Jehova, wena uyazi. Wayesethi kimi: Profetha phezu kwalawamathambo, uthi kuwo: Nina-mathambo omileyo, zwanini izwi likaJehova.”—Hezekeli 37:1-4.
15. Isiphi isimo sanamuhla esifanekiswe lapha?
15 Ungaba nawo umbono walokho? Sonke isigodi sigcwele amathambo omileyo! Nokho, lokhu asinakukubona ngemva kweArmagedoni. Kufanekisela okuthile okwenzeka ngaphambili ekhulwini lethu. Ngoba lawomathambo amelele isimo sokungaphili, ukungasebenzi kwezinceku zikaNkulunkulu ezigcotshiwe emhlabeni ngalesosikhathi.
16, 17. Yini uJehova athembisa ukuyenza, futhi lokho kwakuyoba isimangaliso kanjani?
16 Nokho, uJehova wenza okuthile ngalokho. Yizwa amazwi akhe:
“Isho kanje iNkosi uJehova kulawamathambo, ithi: Bhekani, ngiyakungenisa kini umoya, niphile. Ngiyakubeka imisipha phezu kwenu, ngihlumise inyama phezu kwenu, nginimboze ngesikhumba, nginike umoya, niphile, nazi ukuthi nginguJehova.”
Ngakho aphila, “impi enkulu kakhulu impela.”—Hezekeli 37:5-10.
17 Lapha uJehova wafeza okuthile okungekho sazi sesayensi esingakulingisa. Akuyona inkinga ngezazi zesayensi ukuba zakhe kabusha uphahla lwamathambo omuntu njengoba sibona eminyuziyamu namuhla. Kodwa isiphi isazi sesayensi esake sakwazi ukufaka imisipha emathanjeni, inyama nomoya wokuphila?
18. (a) Kungani isimo sabantu bakaNkulunkulu sabonakala singenathemba ngo-1918 nasekuqaleni kuka-1919? (b) Ngokuvumelana nalesisiprofetho, uJehova wabakhumbula kanjani labo abathembekileyo?
18 Kodwa sona kanye lesimangaliso senziwa uJehova uNkulunkulu emlandweni wanamuhla woFakazi BakaJehova. Njengalawomathambo omileyo, abantu bakaNkulunkulu babehlakazekile ngeMpi Yezwe I, indlunkulu yabo eBrooklyn yayivaliwe, abaphathi benhlangano yabo enyathelisayo babevalelwe ejele ngesigwebo seminyaka engama-20 futhi umsebenzi wabo wenkonzo yasensimini wamiswa. Emuva ngo-1918 nasekuqaleni kuka-1919, isimo sabo sabonakala singenathemba. Kodwa uJehova wawakhumbula lawomanxusa athembekile oMbuso. Ngo-1919 wawavusa, njengoba ayebikezele kuHezekeli 37:14:
“Ngiyakuwufaka uMoya wami kini, nize niphile, nginibeke ezweni lakini, nazi ukuthi mina-Jehova ngikhulumile, ngakwenza, usho uJehova.”
19. (a) UJehova uye wababuyisela kanjani abantu bakhe futhi ngayiphi injongo? (b) Kungani kuye kwadingeka kunwetshwe izakhiwo zeNhlangano emhlabeni kabanzi?
19 Kanjalo uJehova wabuyisela abantu bakhe ababeshushiswa ezweni lokuchuma okungokomoya futhi wababeka emsebenzini wokunikeza ubufakazi boMbuso osuye wasakazeka nomhlaba wonke. Manje, usuku ngalunye amahora angaphezu kwesigidi asetshenziswa ekumemezeleni izindaba ezinhle. Lokhu kufakaza okumangalisayo kuye kwenza kwafuneka ukuba kwandiswe izakhiwo zeWatch Tower Society eBrooklyn naseWallkill eNew York. Lezi zisebenzelana namafektri amaningi amagatsha namahhovisi kuwo wonke umhlaba ekulungiseleleni amaBhayibheli, izincwadi nomagazini, kanye nentshiseko, ukuze ‘lezizindaba ezinhle zombuso zishunyayelwe kuwo wonke umhlaba owakhiwe kube ubufakazi kuzo zonke izizwe; andukuba kufike ukuphela.’—Mathewu 24:14.
20. Yini manje eba ngokoqobo, futhi luya kubani udumo ngakho?
20 Ubani othola lonke udumo lokubuyisela labofakazi njengabantu abahlelekile, ngaleyondlela enze kwenzeke ukusebenza ngobunye obuphawulekayo? ‘Ngikwenzile, usho uJehova.’ Futhi kanjalo kuye kwaba yinto engokoqobo yoMbuso!
Ubufakazi Obandayo
21. (a) OFakazi BakaJehova baye baba kanjani njengamaKristu ekhulu lokuqala? (b) Isiphi isimemo esidluliselwayo, futhi sinamuphi umphumela?
21 Ubufakazi obuhle buyaqhubeka banda kuwo wonke umhlaba, izigidi zezithunywa zevangeli ezithembekile, amaphayona nezisebenzi zasemabandleni zihlanganyela kubo. NjengamaKristu ekhulu lokuqala, ofakazi bakaJehova banamuhla baye bashumayela ithemba lezindaba ezinhle “kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu.” (Kolose 1:23) Siqaphela ukuthi “uJehova unguNkulunkulu omkhulu, uyinkosi enkulu phezu kwawonkulunkulu bonke,” sidlulisela lesisimemo kubo bonke abanhliziyo ziqotho: “Wozani; masikhuleke, sikhothame, siguqe phambi kukaJehova, uMenzi wethu.” Yeka injabulo okuyiyo ukwazi ukuthi isonto ngalinye, ngokwesilinganiso, abasha abangaphezu kwezi-3 000 bayabhapathizwa futhi balethwe ebunyeni bomhlambi kaMalusi Omuhle! Laba manje ’bakhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso.’—IHubo 95:3-6; Johane 4:23, 24.
22, 23. (a) Kungani kubalulekile ngabanjengezimvu ukuba babe munye? (b) ImiBhalo ibuchaza kanjani ubunye bethu nesizathu sabo?
22 Kulolusuku lokwahlulela kukaJehova izwe likaSathane elingezwani, kubaluleke kakhulu ukuba bonke laba abanjengezimvu abaphuma kuzo zonke izizwe bahlangane ekulaleleni isigijimi sengelosi ‘enezindaba ezinhle zaphakade ezishumayelayo,’ ithi ngezwi elikhulu: “Mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo, ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile; nikhuleke kuye owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.” Ingabe uyilowo oye walethwa kulobobunye boMbuso?—IsAmbulo 14:6, 7.
23 Yeka iqembu elinobunye lezi-2 500 000 zabamemezeli boMbuso manje abakhonza emazweni angama-205! Umoya ongcwele kaNkulunkulu usebenza kubo futhi baveza izithelo zawo. (1 Korinte 2:12; Galathiya 5:22, 23) Nakuba bevela kweziningi izinhlu zozalo zezizwe ezihlukahlukene, bakhuluma ulimi olulodwa oluhlanzekile lweqiniso. (Zefaniya 3:9) Bakhonza ngobunye—ebunyeni boMbuso!
24. Amavesi 17 no-22 kaIsaya isahluko 60 aye agcwaliseka kanjani?
24 Kungakhathaliseki ukungezwani okuye kwaba khona esikhathini esidlule, kuye kwaqedwa, futhi ikakhulukazi kusukela uJehova aletha abantu bakhe ngaphansi kwelungiselelo elingokwasezulwini kusukela ngonyaka ka-1938. Lokhu kwakuwukugcwaliseka kwesithembiso sakhe esingokwesiprofetho esikuIsaya 60:17: ‘Ngiyakubeka ukuthula kube ababonisi bakho nokulunga kube ngababusi bakho.’ Naphezu kwencithakalo yeMpi Yezwe II, eyayihambisana nokushushiswa ngonya koFakazi BakaJehova, umsebenzini woMbuso wabantu bakaNkulunkulu ababumbene uye waqhubeka ukhula futhi wanda, kangangokuba emazweni ahlukahlukene kuwo wonke umhlaba kuye kwaba njengoba kushiwo kuIsaya 60:22: “Omncane uyakuba-yinkulungwane, ophansi abe-yisizwe esinamandla; mina nginguJehova, ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.”
25. Yini ebufakazela ngokumangalisayo ubunye boMbuso?
25 Ubani owayengacabanga phakathi nezinsuku ezinzima zempi yezwe yesibili, lapho kwakunoFakazi abangaphansi kwezi-100 000 emhlabeni wonke, ukuthi ngasekuqaleni kwawo-1980 wayeyothola oFakazi abangaphezu kwezi-70 000 abakhonza ngobunye eCanada nenani elifanayo eFrance, nabayizi-80 000 eJapane, abayizi-90 000 eBrithani, abangaphezu kwezi-100 000 eItaly, eFederal Republic of Germany naseNigeria, abangaphezu kwezi-130 000 eMexico nabangaphezu kwezi-140 000 eBrazil, noFakazi abathembekile abangaphezu kwezi-250 000 emazweni lapho umsebenzi wethu ungaphansi kokuvinjelwa noma uvinjelwe ingxenye? Futhi manje iUnited States ibika oFakazi abakhuthele abayizi-643 170. Ngokungangabazeki, uJehova uye wasigcwalisa isithembiso sakhe sokuthi uyokwenza abantu beGama lakhe babe “isizwe esinamandla.” Ngempela, kuwubufakazi obumangalisayo bobunye boMbuso obungokoqobo!
Ungaphendula kanjani?
□ Isiphi isiyaluyalu esibonakala ezingxenyeni ezinkulu ezintathu zenhlangano yezwe kaSathane?
□ Kukuphi lapho ubunye beqiniso buvame khona, futhi ngani?
□ UHezekeli 37:1-14 uye wagcwaliseka kanjani?
□ Ubunye boMbuso buye baholela kubuphi ubufakazi?
[Isithombe ekhasini 17]
Isiyaluyalu esingapheli kwezombangazwe zekhulu lama-20, ebhizinisini enkulu nasenkolweni sandulela ukukhishwa kwesahlulelo saphezulu
[Isithombe ekhasini 19]
Umbono kaHezekeli ‘wamathambo omileyo’ avuselelwa ufanekisela ukubuyiselwa kwabantu bakaNkulunkulu ekuchumeni okungokomoya