IZwi LikaNkulunkulu Liphilile
Ukuphila Okuphakade—Bayokwamukela Kuphi?
UJesu lapha utshela abafundi bakhe: “Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; . . . ngiya ukunilungisela indawo. Nanxa ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginibuyisele kimi ukuba lapho ngikhona nibe-khona nani.”—Johane 14:2, 3.
Izulu kwakuyikhaya likaJesu. UNkulunkulu wayemthumele emhlabeni esuka khona. Manje uJesu wayethembisa abaphostoli bakhe ukuthi babeyokuyiswa ekhaya ukuba bayophila naye ezulwini. Kodwa yini eyokwenziwa uJesu nabafundi bakhe ezulwini?
Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhetha uJesu ukuba abe yiNkosi yoMbuso waKhe. Kanti abanye kumelwe babe ngababusi kanye noKristu kuhulumeni kaNkulunkulu wasezulwini. UJesu watshela abaphostoli bakhe: “Nanjengoba uBaba engimisele umbuso, nami nginimisela wona.” (Luka 22:29) UPawulu noThimothewu babeyokuba phakathi kwalabobabusi noKristu. Ngenxa yalesosizathu, uPawulu wabhalela uThimothewu: “Uma sikhuthazela, siyakubusa naye [njengamakhosi].”—2 Thimothewu 2:12, qhathanisa neNW.
Kodwa obani abayoba yizikhonzi zasemhlabeni zoMbuso kaNkulunkulu? Lendoda ebhapathiza uJesu umzala wakhe, uJohane uMbhapathizi. UJesu wathi ngaye: “Kwabazelwe ngabesifazane akuvelanga omkhulu kunoJohane uMbhapathizi.” Ngokulungiselela uKristu indlela ngokwethembeka, ngisho nokubuthela ndawonye labo kamuva ababezokuba abafundi bakaJesu bokuqala, uJohane ngempela wazibonakalisa emkhulu. Nokho uJesu wathi ngaye: “Omncane embusweni wezulu mkhulu kunaye.” (Mathewu 11:11) Ngakho uJohane akayikuba phakathi kwabaya ezulwini ukuyobusa noKristu. Uyobalwa phakathi kweziningi izikhonzi zoMbuso zasemhlabeni.
IBhayibheli libonisa ukuthi inani labantu elilinganiselwe kuphela, “umhlambi omncane,” liyoya ezulwini ukuba libe amakhosi noJesu Kristu. IBhayibheli linikeza ingqikithi yenani labo njengabayizi-144 000. Iningi lesintu esithembekile liyohlala emhlabeni njengezikhonzi zalababusi.—Luka 12:32; IsAmbulo 14:1, 3.
Ngaphansi kokubusa okulungileyo koMbuso kaNkulunkulu, umhlaba uyoba iPharadesi, njengoba nje uNkulunkulu ayehlosile ekuqaleni ukuba ube yilo ngenkathi ebeka uAdamu noEva ePharadesi lase-Edene. Khona-ke lesithembiso seBhayibheli siyogcwaliseka: “Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.”—IHubo 37:29.