IZwi LikaNkulunkulu Liphilile
Ingabe Unovalo Ngokucatshangwa Abanye?
“OFAKAZI BAKAJEHOVA abawona amaKristu,” kusho lentombazane yesikole. “Abawugubhi ngisho noKhisimusi.” Abanye ekilasini bayahlanganyela ekuhlekeni oFakazi BakaJehova ngenxa yezinkolelo zabo.
Ake sithi ungomusha onguFakazi futhi ukhona lapho kushiwo lezizinto. Labo abasekilasini abazi ukuthi uKhisimusi empeleni uwumkhosi wamaqaba nokuthi wawungagujwa amaKristu akuqala. Futhi abazi ukuthi ezinye izinto ezishiwo koFakazi nazo zingamanga. Kuthiwani uma omunye enifunda naye ephendukela kuwe futhi ekhulumela phezulu ethi: “Ungomunye woFakazi BakaJehova, akunjalo?” Ubungathini?
Ubuyobe usesimweni esifana nesikamphostoli uPetru ngobusuku bangaphambi kokubulawa kukaJesu Kristu. Ngalobo busuku uJesu wayiswa endlini yompristi omkhulu lapho kwakunomhlangano wabaholi benkolo. UPetru walandela futhi wama ngaphandle egcekeni. Enye yezincekukazi zompristi omkhulu yambona uPetru futhi yathi: “Nalona ubenaye.” Kodwa uPetru waphika.
Ngemva kwesikhashana omunye umuntu wambona uPetru futhi wathi: “Nawe ungomunye wabo.” UPetru waphendula: “Angisiye.” Cishe ngemva kwehora, abanye baqala ukuqinisa ngokuthi: “Nempela ungomunye wabo, ngokuba ungowaseGalile.” Khona-ke uPetru njengoba ungabona, waphendula: “Angimazi lowomuntu enikhuluma ngaye.”—Luka 22:54-60; Marku 14:53-71.
Kodwa lokhu kwakungelona iqiniso. UPetru wayemazi kahle nje uJesu. Eqinisweni, emahoreni ambalwa ngaphambili, wayeye waqinisa kuJesu wathi: “Nkosi, ngilungele ukuya nawe nasetilongweni nasekufeni.” (Luka 22:33) Yini eyabangela lolushintsho masinyane esimweni sikaPetru? Uvalo. Ngalobo busuku iqiniso lahlanekezelwa. Okwakulungile kwenziwa kwabonakala njengokungalungile, futhi ongenacala wabonakala njengonecala. Ngakho, ngenxa yovalo lwalokho abanye abangase bakucabange futhi mhlawumbe bakwenze, uPetru akazange alikhulume iqiniso. Akamdumisanga uNkulunkulu noma iNdodana yakhe, uJesu Kristu.
Izimo ezifanayo zingaphakama namuhla. Kuyiqiniso ukuthi uPetru waphenduka ngokujulile ekuphikeni kwakhe nokuthi wathola ukuthethelelwa akufuna ngobuqotho. (Luka 22:61, 62) Kodwa yeka ukuthi kungcono kangakanani ukuba okuhlangenwe nakho okunjengalokhu kugwenywe! Ingabe ukulungele ukuhlangabezana nezimo ezifana nezabhekana noPetru—ngokwesibonelo, phakathi nenkathi kaKhisimusi? Ingabe uye wakwenza ukuzimisela okuqinile kokumelela iqiniso nokudumisa uJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe kungakhathaliseki ukuthi iziphi izimo ezingase ziphakame?