“Iqhawe” Elithembekile Liyadlula EJalimane
UKONRAD FRANKE wathintana okokuqala nesigijimi soMbuso ngo-1920, lapho eneminyaka eyishumi kuphela ubudala, futhi wabhapathizwa ngo-1924. ISonto ngalinye yena noyise babeqala ekuseni enkonzweni yabo, bethwele izikhwama ezinkulu zezincwadi zeBhayibheli ngamabhayisikli abo. Kusihlwa babebuya ekhaya bekhathele kodwa bejabulile, beqatshuliwe futhi baye esifundweni samasonto onke seNqabayokulinda.
Ngo-1931 uMzalwane uFranke wangenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Ngokushesha ngemva kwalokho washada nomkakhe, uTrudl, owahlanganyela naye ekubekezeleleni ukushushisa kombuso kaHitler. Ngemva kokuboshwa okuningana okufushane, uMfowethu uFranke waboshwa ngo-1936 futhi wafakwa etilongweni iminyaka eyisishiyagalolunye, iminyaka emine yokugcina wayichitha ekamu lokuhluswa eSachsenhausen. NgoApril 1945 wayengomunye weqembu elibumbene loFakazi abangama-230 abasinda ohambweni lokufa besuka eSachsenhausen beya eSchwerin.
Phakathi neminyaka yokugcina yawo-1940 uMfowethu uFranke wahola ekumisweni futhi kwehhovisi legatsha leWatch Tower Society, ngalesikhathi eWiesbaden, lapho akhonza iminyaka ethile njengombonisi wegatsha kwaze kwaba sekushoneni kwakhe ekhonza njengelungu leKomiti yeGatsha laseJalimane. Ukugula kwamuva komkakhe, uTrudl, kwamphazamisa, kodwa waba khona eMhlanganweni Wesigodi “Wobunye BoMbuso” eMunich, lapho ngoJuly 31, 1983, ashona khona elele ngosuku olungaphambi kokuba anikeze inkulumo yakhe. Ngaleyondlela wadlulela emvuzweni wakhe wasezulwini ngendlela ayelokhu eyifuna ngayo—eshiseka ‘ekulweni ukulwa okuhle’ “njengeqhawe” loMbuso.—2 Thimothewu 4:7, 8.
[Isithombe ekhasini 30]
UKonrad Franke—ngenyunifomu yakhe yasenkanjini yokuhlushwa—noTrudl Franke