Amatekisi Ezinsuku ZikaOctober, 1983
1 Uma nithukwa ngenxa yegama likaKristu, nibusisiwe, ngokuba uMoya . . . kaNkulunkulu uhlezi phezu kwenu.—1 Pet 4:14. wZU 3/15/83 17-19
2 Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana; ngakho-ke nxusani eNkosini yokuvuna ukuba ithume izisebenzi, ziye ekuvuneni kwayo.—Math. 9:37, 38. wZU 6/1/83 5, 6a
3 Kepha nina-bathandekayo, yakhelanani ekukholweni kwenu okungcwele kakhulu.—Juda 20. wZU 2/15/83 1, 2, 8a
4 Bayizikhonzi zikaKristu na? . . . ngiyiso kakhulu kunabo; ekukhandlekeni kakhulu kunabo, nasekuboshweni kaningi kunabo.—2 Kor. 11:23. wZU 6/15/83 7, 8
5 Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kepha okukhulu kulokho luthando.—1 Kor. 13:13. wZU 5/1/83 10, 11a
6 Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho, inhliziyo yakho ikuphe ukwenama.—UmSh. 11:9. wZU 4/15/83 11-13a
7 Ungamangali ngokuba ngithé kuwe: Nimelwe ukuzalwa ngokusha.—Joh. 3:7. wZU 4/1/82 18-20a
8 Uyambona umuntu ehlakaniphile emsebenzini wakhe na? Uyakuma phambi kwamakhosi.—IzAga 22:29. wZU 1/15/83 2, 3a
9 Ngakho singamanxusa kaKristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; siyanincenga esikhundleni sikaKristu, sithi: Buyisanani noNkulunkulu.—2 Kor. 5:20. wZU 4/1/83 17, 18
10 Ngokuba sebengenile ngokunyenya abantu abathile okwalotshwa ngabo phambili endulo ukuthi bayakwehlelwa yilokhukulahlwa, abangamesabi uNkulunkulu.—Juda 4. wZU 2/1/83 14-16
11 Nxa nibona amanyala encithakalo . . . emi endaweni engcwele— . . . khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni.—Math. 24:15, 16. wZU 3/1/83 1, 2
12 Injabulo kaJehova iyinqaba yenu.—Neh. 8:10. wZU 3/15/83 23, 24a
13 Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokho nginithandile, nani nithandane. Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.—Joh. 13:34, 35. wZU 5/1/83 14, 15b
14 Onke amadoda ayemi, kwaba-yileyo naleyo, ahaqa ikamu.—AbAhl. 7:21. wZU 11/15/82 17, 18a
15 Uma icilongo likhala ngezwi elingaqondakaliyo, ngubani oyakuzilungiselela ukulwa na?—1 Kor. 14:8. wZU 5/15/82 15, 16
16 Nibe-ngofakazi bami . . . naseSamariya.—IzE. 1:8. wZU 4/15/82 16
17 Sinezipho zomusa ezahlukileyo ngokomusa esiwuphiweyo.—Roma 12:6. wZU 6/1/83 8, 9a
18 UJesu waphendula wathi: Owokuqala ngowokuthi: Yizwa, Israyeli: iNkosi uNkulunkulu wethu, iNkosi, yinye.—Marku 12:29. wZU 9/1/82 24, 25a
19 Yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubhekakade.—Kol. 3:12. wZU 5/1/83 13-15, 17
20 Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe-mnene njengamajuba.—Math. 10:16. wZU 10/1/82 24, 25a
21 Boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu ukuba bangadangali.—Kol. 3:21. wZU 8/1/82 15
22 Sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu.—Thithu 2:12. wZU 6/1/83 16-18a
23 Ngiqinisile ngithi kuwe namuhla, Uzakuba-nami ePharadesi, “NW”.—Luka 23:43. wZU 5/1/83 6a
24 Usuku olukhulu lukaJehova luseduze.—Zef. 1:14. wZU 9/15/82 11-13a
25 Zonke izinsuku zobuNaziri bakho ungcwele kuJehova.—Num. 6:8. wZU 8/15/82 12, 13
26 Kepha siyalindela ngesithembiso sakhe amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.—2 Pet. 3:13. wZU 12/15/82 25, 26a
27 Makabongwe . . . uYise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke, osiduduza osizini lwethu lonke.—2 Kor. 1:3, 4. wZU 6/15/83 2, 3, 7
28 Uyavula isandla sakho, usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.—IHu. 145:16. wZU 12/1/82 2, 20a
29 Malingcweliswe ¡gama lakho; mawufike umbuso; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.—Math. 6:9, 10. wZU 10/15/82 8-10
30 Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, . . . nanto edaliweyo akuyikuba-namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.—Roma 8:38, 39. wZU 5/1/83 16a
31 Njengokuba kwenzeka emihleni kaNowa, kuyakuba-njalo nasemihleni yeNdodana yomuntu.—Luka 17:26. wZU 11/1/82 3, 4a