‘Ifinyelela Izinhliziyo Zabantwana’—Ukulalela UMfundisi OMkhulu
Ingabe ungakujabulela yini okuthile okwenza lokho? Incwadi evela eNgilandi iyachaza:
“Ngifuna ukunazisa ukuthi incwadi ebomvana okuthiwa Ukulalela UMfundisi Omkhulu iyakwazi ngempela ukufinyelela izinhliziyo zabantwana abancane. Indodakazi yami ngaso sonke isikhathi ifunda incwadi UMfundisi futhi nendodana yami uPaul ngokuvamile ifunda eyayo.
“Kumelwe nginihalalisele nezisebenzi zenu ngendlela eniye nahlanganisa ngayo incwadi. Abantwana bami ababili, uPaul oneminyaka eyi-11 ubudala noDawn Caroline oneminyaka eyi-9 1/2 ubudala, bayazijabulela ngempela izincwadi. Futhi zenza umsebenzi wami ube lula, njengoba umkhaya wethu uwumkhaya womzali oyedwa, ngoba izincwadi zibaqondisela ezindleleni eziqondile.”
Ungaluthola lolusizo ekukhuliseni umntwana ngokumane ugcwalise futhi uthumele ikhuphoni elingezansi namasenti angama-90.
Sizani nithumele incwadi enoqwembe oluqinile, yamakhasi ayi-192 Ukulalela UMfundisi Omkhulu, iposi selikhokhelwe. Ngithumela ama-90c.