Izimpendulo Eziwusizo Ezinkingeni
Yilokho okunikezwa umagazini INqabayokulinda. Okulandelayo kuyisiboniso sezincwadi zokwazisa ezamukelwayo:
“Nginibonga ngokujulile ngeNqabayokulinda ephathelene nokuziphatha ngokobulili. Nginomuzwa wokuthi yayiyimpendulo emithandazweni yami. Ngayazisa ngokukhethekile indlela engagwegwesi nenamandla enikhuluma ngayo ngezinkinga esizibona kuyo yonke indawo.
“Ngemva kokuzibonela ngokwami ukuthi izwe alinalutho olubalulekile elingasinika khona, ngibe nesandla esiqinile ezinganeni zami. Lomagazini wokuziphatha awusizanga nje bona kuphela ukuba babone izingozi zezindlela ezithile, kodwa wasiza nami ngoba waqinisa kabusha izinkolelo ezijulile ngezindaba ezithile. Ngiyajabula ngokuthi lokhu nikunyathelisele thina bazali ukuze izingane zethu zibone ukuthi umama nobaba bebengebona neze abangenangqondo.
“Ngakho ngiyanibonga ngokubhekana ngokuqondile nezimo ezikhona. Thina bazali singakujabulela ukuthola ezengeziwe zalezihloko.”
INqabayokulinda ibhekana ngendlela engokoqobo nezinkinga zangempela zosuku—uphuzo oludakayo, idivosi, ukuba nobuhlobo bobulili nesihlobo, inhlamba nokunye—ibonisa indlela iBhayibheli elingaxazulula ngayo ngempela lezinkinga. Ungaphuthelwa omagazini abalandelayo!
Sizani ningithumelele isikhokhelo sonyaka sikamagazini INqabayokulinda. Ngifaka u-R6,50 ngomagazini abangama-24.