Impumputhe Ibonisa Indlela
Kwaba nengozi eminyakeni eyishumi edlule, lapho ngisanda kweva emashumini amabili. Ukuphuza kakhulu nokunye ukusebenzisa kabi impilo yami kwase kungingene kakhulu. Ngaba yimpumputhe ngokuphelele. Ngenxa yokuba yayiseminingi iminyaka eyayingaphambi kwami yokuphila, esikhathini esiningi ngangimangala ukuthi ngingenzani ngakho.
Ekhathazekile ngezenzakalo zezwe nangekusasa lendodakazi yethu, umkami waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Nakuba ngangisola ekuqaleni, ekugcineni ngahlanganyela ezingxoxweni. Akusithathanga isikhathi eside ukubona ukuthi esasikufunda kwakuyiqiniso, futhi-ke ngo-1978 sabhapathizwa.
Isifiso sokuhlanganyela nabanye ukholo lwami engangisanda kuluthola ngokushesha saba ngamandla. Ngosizo nangesikhuthazo somkami, ngafunda iBraille ngezinyanga eziyisikhombisa. Kwangilethela injabulo enkulu ukwazi ukuhambela amakhaya nabanye oFakazi, ngimemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 24:14) Kodwa, yini engangingayenza ukuze ngibe matasa ngokwengeziwe kulomsebenzi obalulekile?
IBhayibheli leBraille likhulu ngokweqile futhi liyasinda; ukulisebenzisa ekushumayeleni kubantu kwakuyinto engekhona neze ukuhlakanipha. Ukusikisela kokuba ngibeke okuthile eBhayibhelini futhi ngibambe ngekhanda itekisi kwakukuhle, kodwa kungilinganisela. Khona-ke ngafikelwa omunye umcabango! Uma ngithola amaphepha alula epulasitiki ayengabhalwe lutho ngangibhala ngomshini kuwo ngeBraille umnyombo wombhalo engangifuna ukuwusebenzisa. Ngokunamathisela lamaphepha eBhayibhelini lami ngangingakhomba emibhalweni ebonakala ngale kwepulasitiki ngesikhathi esifanayo njengoba ngifunda imibhalo ngeminwe yami. Ngakuhlola lokhu, futhi kwasebenza kahle. Imithandazo yami yokwandisa inkonzo yami yobuKristu yayiphenduliwe!—Kolose 4:3.
Njengoba ikhono lami lokuphatha iBhayibheli likhula, nesibindi sami sakhula. Ngokushesha ngangifakaza ngedwa endlini ngendlu kwezinye izindawo. Onyakeni odlule, ngiye ngaba nenjabulo yokukhonza njengephayona (ummemezeli woMbuso wesikhathi esigcwele) nokuqhuba izingxoxo eziningi zeBhayibheli zasemakhaya.
Njengoba ngibusisiwe manje ngamehlo angokomoya, yeka ukuthi ngijabula kanjani ukukwazi ukusiza labo abaseyizimpumputhe ezindabeni ezinhle! (2 Korinte 4:4-6) Yeka ukuthi ngijabula kanjani, naphezu kokukhubazeka kwami, ngokuba nengxenye egcwele kanjalo ekudumiseni uJehova!—Inikelwe.