Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 3/1 kk. 3-5
  • Kungani Kunamahlelo Amaningi Kangaka Amasha?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kunamahlelo Amaningi Kangaka Amasha?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isonto Noma Ihlelo?
  • Liyini Ihlelo?
  • ISonto Liyawaklolodela Amahlelo
  • Kungani Kunamahlelo Amaningi Kangaka Amasha?
  • Ingabe Ukukhulekela Ngokwamahlelo Kuyamukeleka KuNkulunkulu?
    I-Phaphama!—1988
  • “Yinye INkosi, Yinye Inkolo, Munye Umbhapathizo”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • ‘Ukungenisa Ngasese Izimfundiso Ezibhubhisayo’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Ingabe Niyihlelo LaseMelika?
    Imibuzo Evame Ukubuzwa
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 3/1 kk. 3-5

Kungani Kunamahlelo Amaningi Kangaka Amasha?

KUNEZINKOLO eziyishumi ezinkulu, kodwa kukhona amahlelo ayizi-10 000! Lelo inani lamuva elilinganiselwayo lamahlelo isintu esihlukaniselwe kuwo. Kulawa, athi awabe izi-6 000 kubikwa ukuthi aseAfrika, ayi-1 200 aseUnited States, angama-421 aseJapane nangama-247 aseFrance.

Amanye alamahlelo angamaqembu enkolo akade amiswa enkolo futhi azibheka njengamasonto amakhulu. Izinkolo ezithile ezindala zihlukaniswe zaba amahlelo nawo ahlukaniswe aba amahlelo amancane. EJapane inkolo yobuShinto inamahlelo ayi-153 namahlelo amancane, nobuBuddha buhlukaniswe baba amahlelo ayi-171 namahlelo amancane. Ngokuthakazelisayo, abaningi eJapane bangamahlelo angaphezu kwelilodwa.

ENingizimu Afrika, uMnyango Wezokubala unombhalo wamaqembu enkolo angaphezu kwezi-4 000, angama-500 ngawabamhlophe kanti amanye ngawabamnyama. Amanye alamahlelo abandlululanayo athi angamaKristu.

Isonto Noma Ihlelo?

Igama elithi “isonto” alinayo incazelo efanayo kuwo wonke amazwe. Emazweni agcwele amaKatolika “iSonto” lisho iSonto lamaRoma Katolika. EFrance, ngokwesibonelo, igama elithi Eglise (iSonto) ngokuvamile alihambisani nesiphawulo catholique futhi akwenzeki nje lihambisane noromaine. Kumuntu ongumFulentshi igama elithi Eglise (elinonobumbakazi E) lingasho into eyodwa kuphela: iSonto lamaRoma Katolika. Ngokufanayo, emazweni lapho kugcwele khona amaSonto aseNtshonalanga obuOrthodox, igama elithi “isonto” lisho iSonto lobuOrthodox.

Emazweni agcwele amaProthestani, nokho, ngokuvamile kudingeka ubize isonto okulo. Ngisho nakulamazwe, ngokuvamile umuntu akanakusho ukuthi ungowesonto elithile ngaphandle kokuba eyilungu lenye yezinkolo ezinkulu ezikade zamiswa zobuProthestani. Ngaphandle kwalokho, ubhekwa njengowehlelo elithile lenkolo. Kuyiqiniso, eUnited States ngisho nezinkolo ezincane eziyimixhantela ngokuvamile zinikwa igama elithi isonto. Kodwa kwamanye amazwe amaningi kuyodingeka baneliswe ukubizwa ngokuthi bayihlelo.

Liyini Ihlelo?

Ihlelo lichazwa “njengeqembu elincane lenkolo elizehlukanisile elisanda kuhlelwa muva nje; ikakhulukazi: lelo eliye laqembuka ebandleni elikade lamiswa.” Ngokwenye incazelo, ihlelo “iqembu elingavumelani nebandla lesonto elimisiweyo; ikakhulukazi: eliyimbuka emehlweni amanye amalunga asebandleni elifanayo.”

Abanye bathi igama elithi “ihlelo” lisuselwa esenzweni sesiLatini esithi secare (ukunquma) bese bechaza ihlelo njengeqembu eliye laqembuka esontweni elimisiwe. Abanye bachaza leligama elithi “ihlelo” ngokwesenzo sesiLatini esithi sequi (ukulandela) kanjalo balisebenzise eqenjini elilandela umuntu othile ongumholi noma umfundisi.

ISonto Liyawaklolodela Amahlelo

Kungakhathaliseki ukuthi ihlelo liyiqembu loqhekeko eliye lahlubuka esontweni elikhulu noma iqembu labafundi abalandela indoda ethile noma owesifazane, into eyodwa okuqinisekwe ngayo: amasonto akade amiswa awabukela phansi amahlelo. Ichaza lokhu kuklolodela, iGrande Encyclopédie yesiFulentshi ithi igama elithi “ihlelo” nokusetshenziswa kwalo “ligcwele imizwa eqinile ngisho nesankahlu,” futhi iyenezela: “Ngokuvamile, ibandla okuphuma kulo iqembu elincane lithi lineqiniso futhi ayicabangela njengokuyilona kuphela elinemfundiso ephelele nezindlela zomusa, likhuluma ngamahlelo ngokweyisa okuthile okudabukisayo. Lesisimo sokubukela phansi ngokuvamile sihambisana nokususa uthuthuva okukhulu, ikakhulu ngoba ihlelo liyisikhumbuzo esibuhlungu sakho konke isonto elaliyikho, kodwa elingaseyikho—ubuzalwane obufudumele, obuphilayo, obunamandla, obunqobayo.”

Kungani Kunamahlelo Amaningi Kangaka Amasha?

Amahlelo adume kakhulu kulezizinsuku—ngokuvamile ngenxa yemisebenzi yawo yezimali nezindlela zokufundisa—wonke aye avela phakathi neminyaka engama-20 noma engama-30 edlule. Lokhu kuphakamisa imibuzo ukuthi kungani izikhathi zethu ziye zabona ukuqhibuka kwamaqembu anjalo enkolo. KuyiSupplément yayo ka-1981, iencyclopedia ecashunwe ngenhla yesiFulentshi ithi: “Kungani amahlelo anjalo ephumelela kangaka? Okokuqala, isimo esibucayi manje esivamile kwezempucuko yaseNtshonalanga (ukubekelwa inselele kwawo wonke amagunya, njengomkhaya, izikole, amabutho, amasonto, njll.) kunjengomhlabathi ovundile wokumilisa lokhu. . . . Ekuphetheni, amahlelo ngaphezu kwakho konke ayisibonakaliso sezikhathi, uphawu lokungakhululeki kwentsha eyomele okuthile okuhlukile ‘emphakathini wethu, ohlotshisiwe.’”

Ngomqondo ofanayo uR. Quebedeaux, onolwazi olukhethekile ngamahlelo, uyabhala: “Umphakathi oyekelelayo uye wadala indlala enkulu yokuqina kwesandla nokweluleka negunya. (Intsha) ikhathele umphakathi othanda izinto ezibonakalayo futhi ngenxa yalokhu kuye kwaba khona ukufuna injongo entsha ekuphileni.”

Zombili lezincazelo zibonisa, ngokuvumelana okuthile, ukuthi izinkolo ezikade zamiswa ziye zahluleka ukondla lezizigidi zabantu, abancane nabadala, abaye baphendukela emahlelweni anjalo amasha. Ukuvela kwamahlelo amasha phakathi namashumi eminyaka ambalwa edlule kuwubufakazi obengeziwe “bosizi lwezizwe” olwabikezelwa uJesu njengengxenye “yesibonakaliso” esibonisa ukuthi lesisimiso sezinto siyaphela nokuthi “umbuso kaNkulunkulu useduze.”—Mathewu 24:3; Luka 21:10, 11, 25-31.

Nokho, lamahlelo amasha athola amalungu amaningi awawafundisi ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwethemba lesintu. Kunalokho, akufundisayo kufana nomcabango wokuphila, ngokuvamile osekelwe enkolweni yaseMpumalanga noma ezimfundisweni zabefundisi bakhona (guru). Umfundisi onjalo ngamunye onabaningi abamlandelayo uqamba ihlelo elisha. Lokhu akumangalisi ezinkolweni zaseMpumalanga, lapho imfundiso yabefundisi abanjalo isamukelwa namanje.

Nokho, kuyamangalisa ukuthi emasontweni ayizi-10 000 namahlelo okuthiwa akhona kulo lonke izwe, amakhulu amaningi uma kungezona izinkulungwane, athi angamaKristu. Kungani lokhu kumangalisa kangaka? Kungoba amalungu amaningi alamahlelo alandela umholi othile ongumuntu, kanti uJesu Kristu wathi: “Munye umholi wenu, uKristu.” (Mathewu 23:10) Okumangalisayo futhi, ukuthi labo abathi bangamaKristu bahlukaniswe baba amasonto amaningi, izinkolo namahlelo, kanti uKristu wathandaza kuYise ngokuqondene nabalandeli bakhe ukuthi “bonke babe-munye.”—Johane 17:20, 21.

Khona-ke, kungani kunamasonto amaningi kangaka namahlelo athi angamaKristu? Futhi lesiphithiphithi esingokwenkolo senzeke kanjani?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela