Ukuqondisisa Izindaba
Ukholo “Olulufifi”
“Ingabe ukhona owazi ukuthi kungani engumKristu?” kubuza iphephandaba laseJalimane i“Die Welt” esihlokweni esikhulumela amaholide amaIsta. Lombuzo wawuphakanyiswa ngoba “sekuye kwaba nesizukulwane esingase sibonakale singesesonto ngaphandle, sikhokhe izintela zesonto, futhi cishe sizuze nasezinkonzweni zalo,” kusho lesosihloko, “kepha asazi ngisho nento encane kakhulu ngokholo lwaso.” Eqinisweni, ukholo lwaso “lufiphele kangangokuthi,” sinezela, “noma yini umuntu ayithandayo ingabulungela ubuKristu.”
Ngokufanayo, ukubala kohlobo lukaGallup okusha okwenziwa phakathi namaholide afanayo futhi kwabikwa ku“The New York Times” kwathola ukuthi “Umfanekiso kaJesu Kristu waseMelika ngokwesilinganiso esithile ulufifi.” Lokhu kuhlola kuphawula “ukuzinikela kuJesu okusakazeke kabanzi” ngakolunye uhlangothi noku“vama kwezinkolelo ezingajwayelekile” ngakolunye, ngokwe“Times.” Kubonisa “izinga eliphansi lolwazi lweBhayibheli” phakathi kwalabo abahlolwa, kwaphawulwa ukuthi amaphesenti angama-43 awazange akwazi ngisho nokusho elilodwa lamaVangeli amane futhi cishe abangamaphesenti angama-60 babengazi ukuthi uJesu wanikeza iNtshumayelo yaseNtabeni.
Yeka ukungafani kwalolukholo “olufiphele” no“lulufifi” nokholo lweqiniso lobuKristu! KumaHeberu 11:1 umphostoli uPawulu waluchaza ngalamazwi: “Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.” Kunokuba “inoma yini umuntu ayithandayo,” uPawulu wachaza: “Ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu.” (Roma 10:17) Ngokungenisa ngenkuthalo ulwazi oluqondile lweZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, singaba nohlobo lokholo oluholela ekuphileni okuphakade.—Johane 17:3.
‘Umshayabhuqe Wezifo Odlangayo’
“Ngemva kokunqontshwa kwesifo esivimbanisa umphimbo, ingxibongo nepholiyo,” kusho i“The Washington Post,” abantu ngokuvamile “bakholelwa ukuthi imithi yesimanje yayiye yanqoba isifo esithathelwanayo. Imithi eyengeziwe nemijovo yayiza, futhi impumelelo eyengeziwe yayicatshangelwa njengeseduze.”
Ingabe lenkolelo iye yaba iqiniso? Isihloko siyaqhubeka: “Namuhla umshayabhuqe wezifo ezintsha uyadlanga, esinye phezu kwesinye, wezifo abantu abaningi abangakwazi ngisho nokuzibiza. Unyaka ngamunye, iNhlangano Yokuphathwa Kwezifo [Centers for Disease Control] CDC eAtlanta, eGeorgia ihlola ngaphezu kwe-1 000 yokugqashuka okusha kwezifo njenge-‘Acquired Immune Deficiency Syndrome (AIDS),’ i‘Legionnaires’ disease netoxic shock syndrome.’”
Okuningi kwalokhu kubangelwa umuntu ngokwakhe, kusho lesihloko. “Intuthuko kwezobuchwepheshe ezinhlobonhlobo njengokupholiswa komoya nezibhinco ziye zadala izinkundla ezinhle zokwandisa amagciwane aye aba-khona izinkulungwane zeminyaka. Ezohambo zesimanje ziye zayisa amagciwane akwelinye izwe kwabanye abantu.” Izindlela zokuphila ezixekethile ziye zasakaza futhi zaqhubela phambili izifo ezinjenge-“AIDS.”
Indida ‘yomshayabhuqe wezifo odlangayo’ namuhla naphezu kwentuthuko kwezokwelapha iyingqayizivele. Lokhu, kanye nezimpi, indlala nobugebengu obandayo, kunezela ebufakazini obungenakuphikwa manje obugcwalisa isiprofetho sikaJesu Kristu esikhulu nge“siphelo sesimiso sezinto.” Njengengxenye yalobobufakazi, wathi kwakuyoba khona izifo “izindawo ngezindawo.”—Mathewu 24:3, “NW”; Luka 21:10, 11.
Ukwesaba Kubamba Abantwana
“Emhlabeni usizi luyakwehlela izizwe, zixakeke . . . abantu baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba.” Leyo kwakungenye ingxenye ‘yesibonakaliso’ esanikezwa uJesu Kristu esiprofethweni sakhe nge“siphelo sesimiso sezinto.”—Luka 21:25, 26; Mathewu 24:3, “NW.”
Namuhla ukwesaba okunjalo akuthinti nje kuphela abadala kepha nabantwana. UDr. Ruth Formanek, isazi sengqondo yabantwana nonguprofesa wemfundo eYunivesithi yaseHofstra esifundazweni saseNew York, uphawula indlela ukwesaba okubamba ngayo abasha banamuhla. Lapho ibika ngakuthola i“Liverpool Daily Post” ithi: “Ekuhlolweni kwabantwana abangama-400 okwaqhutshwa ngo-1935 ukwesatshwa okwavela ngokuphindaphinda kakhulu kwakungokwezilwane, amakamelo amnyama, izindawo eziphakeme, okwabantu abangajwayelekile.” Manje, uDr. Formanek uthi, “abantwana basenakho lokhu kwesaba kodwa kuye kwandiswa kakhulu.” Bakhathazwa ukudivosa kwabazali babo, ukuthola koyise umdlavuza, ukuba konina imihuqa yemilaliso nempi yenyukliya engase ibe-khona. Khona-ke uyanezela: “Ngimangazwe indlela abantwana abangacindezeleka ngayo. Banezinkathazo eziningi kakhulu namuhla.”