Ukuphila Ngokwesaba Isihlalo Sabakhubazekile
“NGIYADABUKA ukuthi kuzodingeka ukwamukele ukuthi abanye abantu babophekile ukuba basebenzise izihlalo zabakhubazekile ngaphambi kokuba babe neminyaka engama-30 ubudala.”
Ngangingenakukukholelwa. “Bheka! ngine-19, hhayi ama-90!” Ngaphuhluka.
“Akukho lutho esingalwenza,” kwavela impendulo epholile. “Ufanele ukwamukele. Kunabantu kulomhlaba abangeke bakwazi ukuhamba lapho beneminyaka engama-30, futhi uzoba ngomunye wabo.”
Lawomazwi ashaqisayo avela esazini esiyingcweti sezifo zokukhubazeka ayeyisibonakaliso sokuqala sokuthi isimo somhlandla wami engangizalwe naso ekugcineni sasizophumela ekukhubazekeni unomphela. Ngingakukholelwa nhlobo ngagxumela ebhayisikilini lami futhi ngahamba ngokushesha.
Ukusebenzisa Isikhathi Sami Ngokunenzuzo
Eminyakeni emibili bengikhonza enkonzweni yesikhathi esigcwele njengephayona lapha eNgilandi, futhi yeka iminyaka ejabulisayo ebe yiyo! Nganginesithakazelo sokuqhubeka, kodwa ngangilokhu ngikhumbula amazwi engcweti. Ingabe kungenzeka abe iqiniso? “Nokho, iqiniso noma amanga,” ngikhumbula ngizitshela ukuthi “asikho isizathu sokuphela amandla ngaphambi kokuba lesosikhathi sifike, ingabe sikhona?” Ngangizoqhubeka ngiphayona.
Phakathi neminyaka eyishumi eyalandela ukukhondama komhlandla wami kwaba sobala ngokuqhubekayo. Ukuthi ngangikwazi ukuqhubeka emsebenzini wokushumayela isikhathi esigcwele ikakhulu kwakungenxa yesikhuthazo kanye nosizo olungokomzimba lukaElsa, engangiphayona naye. Sasihamba ngamabhayisikili amakhulu amakhilomitha, sifakaza emadolobheni angasogwini lolwandle, sihamba emazweni amahle angaphandle, sihamba ezindaweni ezinhle ezisemaphandleni futhi ekugcineni sagxilisa umsebenzi wethu edolobheni eliphakathi laseLondon. Yeka umuzwa ojulile wokukhululeka nokwaneliseka esaba nawo ngokuphumelela ukuchitha sonke isikhathi sethu emsebenzini wokushumayela okuvela eZwini likaNkulunkulu ngesithembiso sakhe esimangalisayo sePharadesi elizayo lasemhlabeni!
Nakuba imisebenzi yami yaphazanyiswa izikhathi zokuba sesibhedlela lapho ngahlinzwa khona izikhathi eziningi, ngangikwazi ukuqhubeka ngiphayona. Ngaqala ukusebenzisa izingodo zemilenze futhi ekugcineni kwadingeka ngisebenzise uzime lwezindololwane. Eminyakeni emibili yokugcina yenkonzo yami yobuphayona, lena indlela engakwazi ngayo ukuya ezindaweni ezahlukene. Abantu babenomusa ngempela. Omunye umshayeli wetekisi wayengibheka njalo futhi angigibelise mahhala phakathi nokuhambela kwami. Abanye abantu abaningi banikela ngamakhaya abo ukuba ngiphumule noma nini lapho bengibona.
Ngakho amazwi esazi ngokudabukisayo aba iqiniso. Umhlandla wami ngokushesha wakhondama. Ngemva kwesikhathi eside ngisesibhedlela nezinyanga eziningi ngifakwe ukhonkolo, ngabopheleka ukuba ngisebenzise isihlalo sabakhubazekile.” Ngangicabanga, “Ngiyovuka ngelinye ilanga futhi ngithole ukuthi akusilo iqiniso.” Ngandlela thize nganginomuzwa wokuthi ngangimane nje ngilindile kuze kufike lolo suku.
Ukuzifanelanisa Nokukhubazeka Kwami
Ekuqaleni ngangicasuka. Ngangikudinga ngempela ukucabangela kanye nosizo lwabanye kodwa ngiba nomuzwa wokuhlazeka, ngisho nokululazwa, uma ngilwamukela. Kodwa ngangicasuka kakhulu njengalapho kwakungekho sizo engilunikezwayo. Cishe yilabo kuphela abaye baba nokuhlangenwe nakho okufanayo abangakuqonda ngokuphelele ukuthi kuba njani ngokushesha ukuba ngodinga usizo ngalendlela. Ukumamatheka engangikubonakalisa ngaphandle kwakumane nje kuwukuvala imizwa yami yokudabuka kanye nokungabi lutho okungenamkhawuko.
Njengoba isikhathi siqhubeka ngakwazi ukubhekana nalemizwa emibi. Uma ngikhumbula, kwaba noshintsho lapho omunye uFakazi efunda nami umbhalo wabe-2 Korinte 12:8-10 kuThe Living Bible, ingxenye yawo ethi: “ngiyajabula ukuba isibonakaliso esiphilayo samandla kaKristu, esikhundleni sokuziqhenya ngamandla ami kanye namakhono.” UFakazi owangifundela lamazwi omphostoli uPawulu naye ngokwakhe wayelimale kakhulu engozini, futhi ngabona ukuthi ayeyiqiniso nakuye.
Nganxusa kuJehova uNkulunkulu ukuba angibonise okuthile okwakhayo engangisengakwenza ukuba kungisize ngibe usizo kuyena nakwabanye ngaso sonke isikhathi, kunokuba ngizicabangele mina. Konke ukuphila kwami kwashintsha.
Injabulo Yokusiza Abanye
Lapho ngiqalaza, ngaqala ukubona ukuthi abantu abaningi babenezithiyo futhi bengakhululekile ukwenza abakuthandayo. Ngokwesibonelo, abesifazane abanemikhaya emikhulu okumelwe bayinakekele, amadoda abophelekile lonke usuku emsebenzini oyisicefe, kanye nabantu asebegugile futhi abangasenawo amandla okufeza okuningi. Ngaqala ukucabanga ngabo, nokuqaphela ukuthi babebhekane kanjani nakho.
Ngemva kwesikhashana ngabuzwa: “Ungathanda ukuqhuba isifundo seBhayibheli nentokazi engeza ekhaya lakho?” Yeka ukuthi kukhuthaza kanjani! Yaba ngeyokuqala kubantu abaningana engiye ngafunda nabo ngalendlela. Kwakujabulisa ukubona ukuthi isimo sami esingokomzimba asenzanga neze umehluko ekhonweni lami lokusebenzisa iminyaka yami yokuhlangenwe nakho ekwenzeni abafundi.
Ngangifuna njalo izindlela ezintsha zokuhlanganyela ekwenzeni abafundi. Ekuqaleni lokhu kwenziwa kakhulu ngokubhala izincwadi. Isabelo sami kwakuwuhide lwezitezi, lapho kunzima khona ukuthola imvume yokufakaza endlini ngendlu. Uma ngibhala ngizama ukuba nombono womninindlu ohlukile wendlu ngayinye futhi ngisebenzise intshumayelo engokoMbhalo ehlukile indlu ngayinye. Ngalendlela ngigcina ingqondo yami imatasa, ngizikhandlela inkonzo yasobala yeZwi likaNkulunkulu.
Ekugcineni, nganquma ukuba ngibhekane nesithiyo sami sokugcina ngiphinde ngihlanganyele ekushumayeleni endlini ngendlu. Ngiyajabula kakhulu ukuthi ngakwenza. Akukho lutho oluqinisa ukholo njengokukhuluma ngokholo lwakho. Manje abangane basebandleni bangithatha njalo nesihlalo sami sabakhubazekile, ngakho ngiyakwazi ngisho ukukhonza njengephayona elisizayo izikhathi eziningana.
Sekuyiminyaka eyisithupha manje ngingasaligibeli ibhayisikili lami. Ngezinye izinsuku ngilangazelela inkululeko yokuhamba enganginayo, yomoya opholile kanye nokuphila okumatasa engangikujabulela kakhulu. Nokho, ngakolunye uhlangothi olujabulisayo, ukuphila okumatasa engakuphila enkonzweni yobuphayona kwelula iminyaka yami yokukwazi ukuhamba kusukela eminyakeni eyayibikezelwe eyi-10 kuya ngaphazu kweminyaka eyi-15.
Eminyakeni embalwa eyedlule ngiye ngahlala ngedwa. Kodwa uElsa nomyeni wakhe bangiphatha njengomunye womkhaya. Izingane zabo zithandeka kakhulu kimi njengokungathi ezami siqu.
Ngiyakhumbula futhi, ukuthi ngiye ngathola izinzuzo engangingenazo ngaphambili. Phakathi kwezinkulu zalezi isikhathi. Ngasosonke isikhathi ngihlala ngikulungele ukulalela labo abadinga ukulalelwa. Ngiye ngaba nozwela olukhulu ngalabo abahlangabezana nezinkinga. Ngaphezu kwakho konke, kukhona ukusondelana okukhulayo noJehova uNkulunkulu, oye wangifundisa ngothando olungaka ukuba ngijabulele ukuphila njengoba kunjalo noye wanginikeza amandla ngenjongo yokuqhubeka ngimkhonza.