Ingabe ‘Uthuma Isinkwa Sakho Ebusweni Bamanzi’?
NJENGEMIKHAYA eminingi eyisibonelo umbhangqwana onguFakazi ngaseningizimu yeBrazil wawumatasatasa ngomsebenzi wokuziphilisa nje. Ngaphandle kokunakekela abantwana bawo abathathu, bonke bengaphansi kweminyaka eyisithupha, wawunesitolo sokudla somkhaya. Ngenxa yokuthi wawungamaKristu azinikezele, nokho, wawukhathalela inhlalakahle engokomoya yabantwana bawo nababili abeve eshumini elinambili ababeqashwe njengabasizi abahlala nawo. Lokhu kwakungo-1946, futhi kwakuyinselele yoqobo. Zazingekho izincwadi ezinhle zentsha manje ezitholakalayo, futhi kwakukhona oFakazi abayisishiyagalombili kuphela kulo lonke izwe laseSanta Catarina, nabathathu kuphela edolobheni owawuhlala kulo. Wawungenzani?
Ngokuvumelana neseluleko seNkosi ehlakaniphile uSolomoni soku“thuma isinkwa sakho ebusweni bamanzi” (UmShumayeli 11:1), wanquma ukuba uphane ngokusakaza isinkwa esingokomoya ngokusebenzisa kahle amatekisi eBhayibheli ansuku zonke akhishwa iNqabayokulinda. (Lokhu kwakungaphambi kokuba iYearbook ikhishwe ngolimi lwawo.) Wonke umkhaya, kuhlanganise nezisebenzi, babebakhona ekudleni kwasemini, futhi lesi kwakuyisikhathi sokucabangela itekisi leBhayibheli losuku. Omunye womkhaya wayabelwa ukuba athole umagazini okhulumela itekisi, futhi lalifundwa kakhulu futhi ngamunye wayekhululekile ukuba akhulume. Ekuqaleni abasizi abancane bathola lomkhuba ungajwayelekile, kodwa ngokushesha bawujwayela futhi baqala ukuhlanganyela ezingxoxweni zansuku zonke.
Imiphumela Ekhuthazayo
Imizamo eqotho yombhangqwana eminyakeni eminingi yavuzwa kakhulu. Umntwana wabo omdala, kuhlanganise nomyeni wakhe, bakhonza njengamaphayona akhethekile (ummemezeli wesikhathi esigcwele) kwaze kwabasekutholeni umntwana, manje onama-20 futhi othathe inkonzo yesikhathi esigcwele. Umntwana wesibili, indodana, uye wakhonza uJehova isikhathi esigcwele cishe iminyaka engama-20. Manje yena nomkakhe bakhonza ehhovisi legatsha leWatch Tower Society eBrazil. Indodana encane ingumdala ebandleni futhi manje iqeqesha indodana yayo endleleni yokulunga.
Kodwa kuthiwani ngabasizi abaqashiwe? Eminyakeni eminingi abafana namantombazana abayishumi nambili basebenza nomkhaya. Phakathi kwamantombazana, uEster walamukela ngokushesha iqiniso, futhi kanye nomyeni nabantwana, baqhubeka ngokwethembeka ekushumayeleni izindaba ezinhle. Indodakazi yakhe endala iye yakhonza iminyaka engaphezu kweyishumi njengephayona elikhethekile. UVitalina wayengumKatolika oqinile lapho eqala ukusebenzela lomkhaya. Kamuva wavuma: “Ngangi‘lukhuni ngiyitshe,’ kodwa manje ngijabula kakhulu ngokukhonza uJehova. Ngiye ngaba iphayona elikhethekile ngaphezu kweminyaka eyishumi.” UMarta wakhonza isikhathi eside egatsheni lomkhaya weWatch Tower Society eRio de Janeiro. Manje yena nomyeni wakhe bamatasa nokuqeqesha abantwana babo ukuba bakhonze uJehova. Amanye amantombazane amabili, uNelci noSueli, ngokufanayo bamukela iqiniso futhi baqhubeka bekhonza uJehova ngokwethembeka.
Futhi kuthiwani ngabafana? URudibert noPedro bobabili bakhonza njengabadala emabandleni abo namuhla. UAbrilino nomkhaya wakhe ngokufanayo bayizikhonzi ezithembekile zikaJehova.
Namuhla uma onke amalungu omkhaya abengahlanganiswa ndawonye, bekungabakhona iqembu labadumisi bakaJehova abangama-40, abaningi abasenkonzweni yesikhathi esigcwele. Yeka umbhalo omuhle wokholo lobuKristu nokuqina! Futhi konke kuwumphumela wobuhlobo bomkhaya obufudumele nobujabulisayo, nokusebenzisa kahle nangokuthembeka ilungiselelo elihle letekisi losuku nokulikhulumela. Lomkhaya ngempela uye wathola ukuthi isinkwa esingokomoya esathunywa ngesihle ebusweni bamanzi satholwa futhi “emva kwezinsuku eziningi.”