Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 12/1 k. 32
  • Yamenza Wamoyizela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yamenza Wamoyizela
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 12/1 k. 32

Yamenza Wamoyizela

Encwadini evela eBelgium, umbhali uchaza umeluleki ongokomthetho asebenza naye: “Njalo lapho kunokwenzeka, wayegwenywa ngenxa yedumela lakhe lokuthi wesabeka ngendlela emangalisayo. Ngaphezu kwalokho, wayengakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu futhi ukuthintwa nje kwegama elithi ‘Nkulunkulu’ kwakwanele ukuba kumthukuthelise. Ngaphambi kokuba iyeke umsebenzi, lendoda yavakashela eIsrayeli. Ngasebenzisa lesosikhathi ukuyinikeza incwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, okwangimangaza, yayithatha.

Lokhu kwanginika ithuba lokuxoxa nayo ngokuhlakanipha ngeBhayibheli. Washintsha ngokuphelele ekubeni yindoda okunzima ukukhuluma nayo kangangokuba abanye ababesebenza naye babengakholwa ukuthi wuye. Ihhovisi laba indawo yokuthula. Wonke umuntu wamangala ukubona leyondoda imoyizela futhi izithiba ngokwengeziwe.”

Incwadi eyasiza ukufeza lolushintsho INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Lencwadi enamakhasi angama-256, enezithombe ezinhle inika umfundi umbono obanzi walokho iBhayibheli elikushoyo. Ungaba nayo eyakho. Kalula nje gcwalisa bese uthumela nalelikhuphoni umnikelo wama-R3.

Ngicela ningithumelele, incwadi enoqwembe oluqinile ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. iposi likhokhelwe, ngifaka ama-R3.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela