Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 3/15 k. 31
  • Amatekisi Ezinsuku Zika-April, 1983

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amatekisi Ezinsuku Zika-April, 1983
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 3/15 k. 31

Amatekisi Ezinsuku Zika-April, 1983

1 Nezingelosi ezingagcinanga ubukhosi bazo, . . . izigcinele ukulahlwa kosuku olukhulu ngezibopho ezimiyo phansi kobumnyama.—Juda 6. wZU 2/1/83 6-8a

2 Masinikele njalonjalo kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.—Heb. 13:15. wZU 1/15/83 4-6a

3 Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe.—Math. 6:33. wZU 5/15/82 1, 2

4 Nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi. . . . Qondani okuyintando yeNkosi.—Efe. 5:16, 17. wZU 11/1/82 12, 13a

5 Olungileyo ohamba ekupheleleni kwakhe, babusisiwe abantwana bakhe emva kwakhe.—IzAga 20:7. wZU 8/1/82 19, 20

6 Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe-nokuphila okuphakade.—Joh. 3:16. wZU 4/1/82 5, 6a

7 Lapho ngithé unyawo lwami luyashelela, umusa wakho, Jehova, wangiphasa.—IHu. 94:18. wZU 8/15/82 14, 16, 17a

8 Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na?—1 Kor. 6:9. wZU 1/1/83 18, 19

9 Ngikhathele ukubekezela, angikwazi.—Jer. 20:9. wZU 1/15/83 11, 12a

10 Ngalezozinsuku amadoda ayishumi azo zonke izilimi zabezizwe ayakubamba umphetho womuntu wakwaJuda ngokuthi: Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.—Zak. 8:23. wZU 10/15/82 4, 5b

11 Nokho ngokunjalo-ke nalabo abaphuphayo bangcolisa inyama.—Juda 8. wZU 2/1/83 11, 12a

12 Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo neqondayo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi sakho na?—Math. 24:45. wZU 9/1/82 5-8a

13 Nginezihluthulelo zokufa nezeHayidese.—IsAm. 1:18. wZU 9/15/82 4-6a

14 Usizi luyakwehlela izizwe, zixakeke ngokuduma kolwandle namaza, abantu baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba; ngokuba amandla ezulu ayakunyakaziswa.—Luka 21:25, 26. wZU 11/1/82 9-11

15 Ngakho-ke yilowo nalowo phakathi kwethu uyakuziphendulela kuNkulunkulu.—Roma 14:12. wZU 1/1/83 20a

16 Nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo.—Isaya 65:22. wZU 1/15/83 16

17 Nokuthi angigwemanga ukunitshela okusizayo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu, ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa yiNkosi yethu uJesu.—IzE. 20:20, 21. wZU 5/15/82 12, 13

18 Kepha laba bayahlambalaza konke abangakwaziyo.—Juda 10. wZU 2/1/83 18, 20a

19 [UJesu] wathi kubo: Akusibo bonke abangalamukela lelizwi, kuphela abakunikiweyo. . . . Ongakwamukela lokho akwamukele.—Math. 19:11, 12. wZU 12/1/82 3, 4a

20 Wayesebahlanganisela endaweni ethiwa ngesiHeberu iHar-magedoni.—IsAm. 16:16. wZU 12/15/82 22a

21 Naye umntwana uyaziwa ngezenzo zakhe, uma isenzo sakhe sihlanzekile, noma siqotho.—IzAga 20:11. wZU 8/1/82 7a

22 Ngalokhu uma ukudla kumkhubekisa umzalwane wami, angisoze ngadla-nyama kuze kube-phakade.—1 Kor. 8:13. wZU 1/1/83 9-12a

23 Kusukela kwelinye isabatha kuye kwelinye yonke inyama iyakufika ukukhuleka phambi kwami.—Isaya 66:23. wZU 12/15/82 26-28a

24 USimeyoni uselandile ngokuhlela kukaNkulunkulu ekuqaleni ukuba athathele igama lakhe isizwe kubo abezizwe.—IzE. 15:14. wZU 4/1/82 12, 13

25 Nokho . . . nalabo . . . bayeyisa imibuso, bahlambalaza ubukhosi (abenkazimulo).—Juda 8. wZU 2/1/83 11, 13-15a

26 Bheka, ngiyeza; . . . ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami.—IHu. 40:7, 8. wZU 4/15/82 12, 13

27 Hlanganyelani nami ukuhlupheka njengebutho elihle likaKristu.—2 Thim. 2:3. wZU 8/15/82 3, 4

28 Ukukhuthazela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba; ithemba alijabhisi.—Roma 5:4, 5. wZU 10/1/82 2-4a

29 Ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhu kuphila nalokho okuzayo.—1 Thim. 4:8. wZU 12/1/82 17-19

30 Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke.—Math. 24:14. wZU 9/1/82 8

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela