Kubaluleke Kakhulu Kunokuya Esontweni
Yini leyo? Ngokwendoda ehlala eItaly, ukufunda umagazini INqabayokulinda. Yabhala:
“Ngathola isipho sesikhokhelo sikamagazini wenu INqabayokulinda komunye wenu futhi ngazifunda ngokushesha ngangokunokwenzeka lapho zifika.
“Ngempela kumelwe nginibonge ngezihloko zenu ezimangalisayo eziqukethwe kulomagazini. Nakuba kujulile, ukwaziswa kuchazwe ngokusobala, futhi ngaphezu kwakho konke, ababhali ngokungenakuphikwa banamathela embhalweni weBhayibheli.
“Nakuba ngesinye isikhathi ngangijwayele ukuphindaphinda umthandazo kuMdali wami ngokushesha uma ngivuka ekuseni, manje ngafunda esinye sezihloko kumagazini wenu futhi khona-ke ngazindla ngesasikuqukethe.
“Ngingumlimi ompofu ohlala yedwa, kodwa kusukela ngazi oFakazi BakaJehova ngibonakala nginabangane abaningi kakhulu. Uma besuka eAsti bezongivakashela kunjengokuthola isivakashi esivela kubaphostoli. Kumelwe ngivume ngiye ngafunda okwengeziwe ngeBhayibheli ezinyangeni ezimbalwa ezidlule kunaseminyakeni engamashumi amahlanu yokuya esontweni.”
Uma uthanda ukufunda okwengeziwe ngezimfundiso zeBhayibheli, sinomuzwa wokuqiniseka ukuthi nawe uyoyazisa INqabayokulinda. Ngo-R4,00 kuphela ungazitholela iziboniselo ezingamashumi amabili nane zithunyelwa ekhaya lakho phakathi nezinyanga eziyishumi nambili ezilandelayo.
Sizani ningithumelele INqabayokulinda. Ngifaka u-R4,00.