Imibuzo Evela Kubafundi
▪ Njengoba uJesu athi amaKristu ‘awasiwo awezwe,’ kumelwe senze njani ngokuqondene nezindaba zomphakathi noma ukukhathalela ezenhlalo, njengokuvikeleka kwezinto ezisendaweni?
AmaKristu awawona angazinaki izindaba zomphakathi ezithinta abantu bonke, ngisho nezindaba ezinjengokungcola noma ukuvikeleka kwezinto ezizungezile. Kodwa izinga lokuhileleka ezintweni ezinjalo kumelwe linqunywe ngokuvumelana nemiBhalo nesibopho sawo sokuqala kuNkulunkulu.
UJehova unokukhathalela okufanelekile ngokulondeka kwabantu nempilo, njengoba singabona emithethweni yakhe kuIsrayeli wasendulo. Ngokwesibonelo, wakhuthaza ukuqoqwa kwezilwane eziyingozi ezifuywayo, ukuvala imigodi evulekile nokunakekela uthango lophahla ukuze kubalekelwe ukuwa okuyingozi nengozi kubantu abangaphansi. (Eksodusi 21:28-34; Duteronomi 22:8) Isithakazelo sakhe empilweni yabantu sisobala ngokwemithetho yakhe yokuvalelwa kwabanezifo ezithathelwanayo nokugqitshwa kwendle, okwakungangcolisa amanzi futhi kwandise izifo. (Levitikusi 13:1-59; Duteronomi 23:9-14) Mayelana nokungcola, ukonga nezinto ezisizungezile, iZwi likaNkulunkulu lisitshela ukuthi ‘uyobhubhisa ababhubhisa umhlaba.’—IsAmbulo 11:18.
Nokho, kumelwe kuphawulwe ukuthi uNkulunkulu akaqondisanga izinceku zakhe—amaIsrayeli noma amaKristu—ukuba ziguqule abantu kulezozinto. AmaJuda ayengatshelwanga ukwenza umkhankaso phakathi kwezizwe ezaziwazungezile wokuthuthukisa inqubo yokuhlanzeka noma impilo engcono noma imithetho yokwakha. Futhi akukho bufakazi bokuthi bona (noma amaKristu kamuva) benza kanjalo lapho behlala kwamanye amazwe. Ngokungaphezulu, uNkulunkulu wathi nguYe owayezomelana nalabo ababhubhisa umhlaba; akabonisanga ukuthi lokhu kwakuyoba ukukhathalela okuyinhloko kwe‘zinceku zakhe abaprofethi nabangcwele nabesaba igama lakhe, abancane nabakhulu.’—IsAmbulo 11:18.
Ngokuqondakalayo, amaKristu namuhla ayaqaphela ukuthi kunezinto namuhla ezingenza ukuphila kube ngcono kuwo nakubantu abaseduze nawo. Anozwela ngezidingo zabantu; ayabazisa futhi abuhlakulele “ububele.” (Qhathanisa nezEnzo 28:2, 7-9; Marku 7:24-30.) Lokhu kungathonya inkambo yawo uma kuphakama izindaba ezithile ezihilela intuthuko yomphakathi. Ngokwesibonelo, abantu abakhelene bangase bacelwe ukuba baveze imibono yabo ngesidingo samalambu engeziwe emgwaqweni noma izimpawu, izikole ezintsha noma ukulethelwa amanzi angcono namapayipi okuhambisa indle. Ngokuvamile akuyikuba nangozi ukuveza komKristu umbono wakhe ngentuthuko enjalo. Angase abe nomuzwa wokuthi angasisayina isicelo esinjalo.
Kodwa amaKristu akumelwe angalinaki iqiniso lokuthi izindaba ezinkulu ezithinta umphakathi ngokuvamile ziba izimpikiswano zombangazwe. Amaqembu aqala ukusebenzisa izindlela zombangazwe ukuze aphumelelise izinguquko anomuzwa oqinile wokuthi zinhle kakhulu. Noma abathile bezombangazwe (noma abayizimbangi) basekele impikiswano. Khona abantu bajikela ezindleleni zezombangazwe noma bahlanganyele ‘imithetho yalesisimiso sezinto, esizophela.’ (1 Korinte 2:6, 8; IsAmbulo 19:17, 18) Uma lokhu kwenzeka elungwini lebandla lobuKristu, lingase lifinyelele ezingeni lokungayifanelekeli incazelo kaJesu: “Uma beningabezwe, izwe belizakuthanda okwalo, kepha lokhu ningesibo abezwe kodwa nganikhetha mina ezweni, kungalokho izwe linizonda.” UKristu ngokuqondile wathi ngabafundi bakhe abathembekile: “Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.”—Johane 15:19; 17:16.
Kunezinye izindaba ezingase zingabi ezombangazwe lapho sihlala khona, noma lezo abantu abazilungisa ngaphandle kokusebenzisa ezombangazwe. Kungase kube njengezindaba zokuvimbela ukungcola, ukongiwa kwamanzi nezinto ezimbiwa phansi noma ukuvikela izindawo ezingamahlane. Umuntu angase abone ubuhle kulemisebenzi futhi abe nomuzwa wokuthi kuyoba okufanayo nakuNkulunkulu. Kodwa akumelwe sikhohlwe umsebenzi uJehova aye wayala amaKristu ukuba agxile kuwo: Ukusakazwa kwezindaba ezinhle zoMbuso, oyoletha izibusiso zaphakade ezigidini zabantu kuwo wonke umhlaba. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Ukwenza lowo msebenzi kuyosivikela ukuba singangeni emizamweni yokuguqula abantu leyo eye yathumba imizwelo yabaningi.
Iqiniso liwukuthi leyomizamo yabantu ayinakuba nemiphumela emihle yonke indawo nehlala njalo njengokusiza abantu ukuba bathuthukise ukwesaba uNkulunkulu, oku‘siza ezintweni zonke, okunesithembiso salokhukuphila nalokho okuzayo.’ (1 Thimothewu 4:8) Yebo, ngisho nangokubheka okunengqondo, singenza okuhle kakhulu ngokusiza abantu ukuba babe ngamaKristu aqotho. Lokhu kungabasiza ukuba bagweme imikhuba eyingozi empilweni. Singabasiza ukuba basebenzise izimiso zeBhayibheli ukuze babe usizo olukhulu emphakathini wabo. Kodwa, njengesibusiso esikhulu, imizamo yethu iyobenza “babambe ukuphila okuyikho.” (1 Thimothewu 6:19) Izinzuzo abayozamukela ziyoba nokwethenjelwa kakhulu kunalokho okungase kutholakale emizamweni yomphakathi. Futhi njengamaKristu, ukunakekela kwethu ukuba singaphambukiswa emsebenzini uNkulunkulu asabele wona kuyobonlsa ukulalela kwethu uJehova, ‘yonke imindeni emkweleta igama layo,’ impilo namathemba esikhathi esizayo.—Efesu 3:15, “NW”.