Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 8/1 kk. 8-12
  • Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni—Kodwa Kanjani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni—Kodwa Kanjani?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izimfuneko Ezine
  • Usizo Lokufundisa Oluphumelelayo
  • Isishukumisela Ukulalela Iqiniso
  • Iqondisa Abasha Enhlanganweni
  • Igcizelela Ukushunyayelwa KoMbuso
  • Yisebenzise Ekusizeni Abanye
  • Ukuphila Phakade Akulona Nje Iphupho
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Ungaphila Ezweni Elisha LikaNkulunkulu Elinokuthula
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • Iyini Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba?
    Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
  • IPharadesi
    I-Phaphama!—2013
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 8/1 kk. 8-12

Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni—Kodwa Kanjani?

‘UKUPHILA phakade emhlabeni kumane kuyiphupho elingenakwenzeka. Ayikho indlela noma ubani angakwenza ngayo.’

Kungenzeka uke wezwa abantu besho kanjalo. Nokho kungenzeka uyazi ukuthi ekuqaleni kwakuyinjongo kaNkulunkulu ngabantu abalalelayo ukuba baphile phakade ePharadesi lasemhlabeni. Futhi uNkulunkulu akahluleki ukufeza lokho akuhlosile! (Genesise 1:28; Isaya 55:11) IZwi lakhe lithembisa ngokusobala: “Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.”—AmaHubo 37:29.

Leso isigijimi esivusa amadlingozi esilethwa oFakazi BakaJehova kubantu lapho befika emakhaya abo. UMbuso, onoJesu Kristu njengoMbusi, uyokwenza ukuba injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni ifezeke. Ngaphansi kokuphatha koMbuso olungileyo lomhlaba uyolinywa ukuba ube iPharadesi elihle. Nokho, akuwona wonke umuntu oyovunyelwa ukuba aphile emhlabeni oyiPharadesi. Kunezimfanelo okumelwe zihlangatshezwe. Lokho kunengqondo.—Mathewu 6:10.

Cabanga: Uma ubungumnikazi wekhaya elihle elizungezwe izingadi ezinakekelwa kahle, ingabe ubungavumela noma ubani nje ukuba ahlale lapho? Cha, bekungafuneka amukeleke kuwe, ahlangabezane nezimfuneko zakho. Yini uNkulunkulu ayifunayo kulabo abazohlala phakade emhlabeni wakhe oyiPharadesi? Ake sihlole izimfuneko ezine eziyisisekelo.

Izimfuneko Ezine

UJesu Kristu wabonisa imfuneko yokuqala lapho ethi kuyise ngomthandazo: “Ukuphila okuphakade yilokhu [ukungenisa ulwazi ngawe] Nkulunkulu wedwa oqinisileyo nomthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Ulwazi ngoNkulunkulu noJesu Kristu luhlanganisa ulwazi lwezinjongo zikaNkulunkulu maqondana nomhlaba nendima kaKristu njengeNkosi entsha. Ingabe uyalungenisa ulwazi olunjalo ngokutadisha iBhayibheli?

Abaningi baye bathola imfuneko yesibili inzima kakhulu. Iwukulalela imithetho kaNkulunkulu, yebo, ukuba umuntu avumelanise ukuphila kwakhe nezimfuneko zokuziphatha ezibekwe eBhayibhelini. Lokhu kuhlanganisa ukubalekela indlela yokuphila eyonakele, neyokuziphatha okubi.—1 Korinte 6:9, 10; 1 Petru 4:3, 4.

Imfuneko yesithathu iwukuba sizihlanganise nelungiselelo likaNkulunkulu, inhlangano yakhe. Ngaso sonke isikhathi uNkulunkulu uye wasebenzisa inhlangano. Ngokwesibonelo, yilabo ababesemkhunjini kuphela ngosuku lukaNowa abasinda kuZamcolo, futhi yilabo kuphela abazihlanganisa nebandla lobuKristu ekhulwini lokuqala abavunyelwa uNkulunkulu. (IzEnzo 4:12) Ngokufanayo, uJehova usebenzisa inhlangano eyodwa kuphela namuhla ukuba afeze intando yakhe. Ukuze sithole ukuphila okuphakade ePharadesi lasemhlabeni kufanele siyazi lenhlangano futhi sikhonze uNkulunkulu njengengxenye yayo.

Imfuneko yesine iphathelene nokuthembeka. UNkulunkulu ufuna ukuba labo abayokuba izikhonzi zoMbuso wakhe basekele uhulumeni wakhe ngokumemezela ngokuthembeka ukubusa koMbuso wakhe kwabanye. UJesu Kristu wachaza: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke.” (Mathewu 24:14) Ingabe uyohlangabezana nalemfuneko ngokutshela abanye ngoMbuso kaNkulunkulu?

Mhlawumbe ujwayelene kahle nalezizimfuneko. Nokho abantu abaningi abazazi izinjongo zikaNkulunkulu nalokho akufunayo. Manje sinethuluzi elimangalisayo lokusiza abanjalo. Yincwadi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Ingabe uke wayisebenzisa ukuba usize abanye bafunde lokho uNkulunkulu akufunayo kubo?

Usizo Lokufundisa Oluphumelelayo

Incwadi entsha Ungaphila Phakade iqukethe ulwazi oluholela ekuphileni okuphakade. Ikhuluma ngamaqiniso abalulekile eBhayibheli abantu abadinga ukuwaqonda ukuze banikele ukuphila kwabo kuJehova uNkulunkulu futhi bamkhonze ngokwamukelekayo. Ebonakalisa ukwazisa kwakhe ngalencwadi entsha yokufunda iBhayibheli, uFakazi waseOhio, U.S.A., wabhala:

“NgoJune ngangingenazo izifundo zeBhayibheli. Manje nginezifundo ezintathu zeBhayibheli futhi ngilindele ukuqalisa esesine. Zontathu ziqhutshwa ngalencwadi entsha. Zontathu ziqhutshwa njalo futhi ziyajabulisa. Incwadi iphendula imibuzo yomfundi ngendlela eqondile nezwakalayo. . . . Angikwazi ukunibonga ngokwanele ngokwenza kube lula ukuqhuba izifundo zeBhayibheli, ngokufanayo nokuhlanganisa zonke izici ezibalulekile ezidingwa umfundi ukuze abe nokwazisa okuhlala njalo nokusuka enhliziyweni ngoJehova nenhlangano yakhe.”

Futhi okunye okukhomba ekuphumeleleni kwalencwadi yincwadi elandelayo: “Ngiye ngakwazi ukuqala izifundo ezintathu zeBhayibheli ngalencwadi futhi engiye ngakuthola ukuthi lencwadi inhle kakhulu kubantu babo bonke ubudala. Nginesifundo nowesifazane oneminyaka engama-83 ubudala, namantombazane amabili aneminyaka eyi-11 ubudala nesinye nowesifazane oneminyaka engama-50. Kuyilungelo elikhulu ukuhlanganyela nenhlangano eyazi kahle ukuthi yini edingekayo ukuba kusizwe abantu abaningi bafunde ngoJehova nezinjongo zakhe ngomhlaba naso sonke isintu.”

Isishukumisela Ukulalela Iqiniso

Ngaphandle kokungenisa ulwazi olunikeza ukuphila, umuntu kumelwe avumelanise ukuphila kwakhe nezimfuneko zikaNkulunkulu uma ezophila phakade ePharadesi emhlabeni. Incwadi Ungaphila Phakade isiza abantu ukuba benze lokhu. Ayinikezi nje kuphela iseluleko esiqondile maqondana nobubi nokuthi ungabugwema kanjani kodwa futhi inikeza isikhuthazo sokwenza okulungileyo. Ngendlela enhle lencwadi idalula amacebo obuqili kaSathane. Ichaza ngokusobala impi umKristu okumelwe ayilwe ukuze enze okulungileyo.

Ngokwesibonelo, isithunywa sevangeli esinguFakazi KaJehova ePanama sabhala ngensizwa eyayitadisha iBhayibheli: “Ngesonto lokugcina likaJuly yathola incwadi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Unina wayitholela yona eMhlanganweni Wesigodi ‘WeQiniso LoMbuso’ eHawaii. EMhlanganweni Wenkonzo ngoLwesine, July 29, yangitshela ukuthi yayiyekile ukubhema ngenxa yalokho eyakubona encwadini.

“NgoLwesihlanu esifundweni sayo seBhayibheli sasekhaya ngayicela ukuba ingitshengise ukuthi yini eyayihlaba umxhwele kangaka. Yakhomba ekhasini 131, elibonisa imisebenzi enqatshwa uNkulunkulu okumelwe igwenywe izikhonzi zikahulumeni kaNkulunkulu. Yathi, ‘Bheka, izikhala ezimbili eziphelele zisetshenziselwe usikilidi!’ Khona kwadonselwa ukunakekela kwami emfanekiweni osekhasini 227 nendaba esekhasini 226 ekhuluma ngokukhulekela usizo lapho ulingelwa ukuba ubheme. ‘Yilokho okwangisiza! Ngatshela uSunshine [indodakazi yayo encane] ukuba asuse osikilidi ngaso leso sikhathi!’ Kwaphela kanjalo ukubhema kweminyaka eyi-17! Akudingi nokuba ngisho, ngabo lobo busuku saqalisa isifundo salencwadi nayo. Noma iyiphi incwadi enamandla anjalo akufanele ihlale ingasebenzi eshalofini.”

Kwenye incwadi yokwazisa omunye umuntu wabhala: “Bengifuna nje ukunibonga ngencwadi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Ukufunda leyoncwadi kwangivimbela ukuba ngenze iphutha elikhulu.

“Omunye walabo engisebenza nabo weza kimi wangicela ukuba siyozijabulisa. Ngangazi kahle ukuthi yini lomuntu ayeyicabanga kodwa ngakolunye uhlangothi ngiphakathi kokushaqeka nokuzizwa ngilingiwe, angizange ngiphendule. Ngakho lomuntu washiyela kimi indaba futhi wathi, ‘Masibonane lapha ngo-4 p.m. uma ufuna ukuhamba.’

“Ngo-3 p.m. ngangilokhu ngingazi ukuthi yini engangizoyenza. Ngangazi ukuthi lokhu kwakuzokwenzani ebuhlotsheni bami noJehova, kodwa okuthile kwakulokhu kungitshela ukuthi akukho lutho olwaluzokwenzeka. Ngangazi ukuthi ngokucabanga ngakho esikhundleni sokukuchitha engqondweni yami ngangizenze buthakathaka kwaze kwaba sephuzwini lokuba ngifune ukuvuma—kodwa kungekhona ngokuphelele.

“Ebusukwini obubodwa nje ngaphambi kwalokho, ngangifunda incwadi Ungaphila Phakade futhi ngahlatshwa kakhulu umxhwele isihloko ‘Ukulwela Ukwenza Okulungileyo’ nesihloko esikhuluma ‘Ngomthandazo.’ Nokho, encwadini kuthi isikhathi sokuthandazela amandla kuJehova akukhona ngemva kokwenza okungalungile, kodwa ngesikhathi esifanele lapho uzizwa ulingwa. Ngokwazi ukuthi ngempela ngangingenamandla okulwisana nokubonana nalomuntu ngo-4 p.m., nganxusa amandla kuJehova okulwisana nakho. Ngamtshela ngokuqondile ukuthi ngangizizwa kanjani. Umthandazo wami ongathi sína ngokwawo wanginika amandla. . . . Lapho ekugcineni ngimbona futhi lona engisebenza naye nganginamandla ngokwanele ukuba ngithathe ukuma okuqondile kobuKristu futhi ngaze ngafakaza. Ngiyabonga futhi ngalesiseluleko esiqonde ngqo.”

Iqondisa Abasha Enhlanganweni

Enye indaba ebalulekile equkethwe incwadi isidingo sokubona nokuhlanganyela nenhlangano kaNkulunkulu ebonakalayo. Isikhonzi esijikelezayo soFakazi BakaJehova sakhuluma ngalokhu, sithi: “Ngaphezu kweminyaka engama-25 siye safundiswa ukuba sifundise esibafundela iBhayibheli ngenhlangano, sithathe isikhathi esifundweni ngasinye ukuba sibajwayelanise nezici ezithile zayo. Ngijabula kakhulu ngoba sinalezici zihlanganisiwe encwadini esiza ekufundiseni abamemezeli nabafundi ngokufanayo ngeke balahlakelwe yiyo manje!”

Yebo, isahluko 23, “Inhlangano KaNkulunkulu Ebonakalayo,” inelungiselelo elihle elibonisa ukuthi uJehova uye wasebenzelana kanjani nenhlangano ngaso sonke isikhathi kuze kube yileminyaka. Futhi incwadi Ungaphila Phakade ichaza umsebenzi wenhlangano kaNkulunkulu ebonakalayo namuhla, iqondisa abasha kuleyondawo yokulondeka. Akukhona kuphela ukuthi ngamunye wemihlangano emihlanu yamasonto onke yoFakazi BakaJehova ikhulunyelwa kafushane kodwa abafundi beBhayibheli benziwa bajwayelane nelungiselelo lenhlangano lemihlangano yesifunda nemihlangano emikhulu.

Igcizelela Ukushunyayelwa KoMbuso

Umuntu angalazi iqiniso eliholela ePharadesi lasemhlabeni; kungenzeka uphila ukuphila kokuziphatha okuhle; kungenzeka uhlanganyela nenhlangano kaNkulunkulu; nokho kungenzeka angabibikho esimweni sokuthola ukuphila njengesakhamuzi sesimiso esisha sikaNkulunkulu sokulunga. Yini entulekayo? Umuntu kufanele futhi abe umsekeli weqiniso. Kufanele abe umshumayeli woMbuso! Incwadi Ungaphila Phakade iyalihlanganisa leliphuzu ngendlela enengqondo, esizayo. Ngokwesibonelo, ekuqaleni nje esahlukweni se-15, ngaphansi kwesihlokwana esithi “Ukuthembela KuHulumeni KaNkulunkulu,” ithi:

“Iqiniso lokuthi uJehova uNkulunkulu uyofuna izikhonzi zakhe ukuba zisekele uhulumeni woMbuso wakhe akumelwe lisimangaze. Ohulumeni babantu bafuna okufanayo kuzakhamuzi zabo. Kodwa kungayiphi indlela ekhethekile uNkulunkulu alindele ukuba ukusekela kokwethembeka kwenziwe ngayo? Ingabe kuwukuba izikhonzi zakhe zithathe izikhali zilwele umbuso wakhe? Cha. Kunalokho, njengoJesu Kristu nabalandeli bakhe bokuqala, kumelwe zibe abakhulumeli noma abamemezeli abathembekile bombuso kaNkulunkulu. (Mathewu 4:17; 10:5-7; 24:14) Kuyintando kaJehova ukuba wonke umuntu azi ukuthi umbuso wakhe uyini nokuthi uyozixazulula kanjani izinkinga zesintu. Ingabe lezizinto ozifundile eZwini likaNkulunkulu usuye wazixoxela izihlobo, abangane nabanye? Kuyintando kaNkulunkulu ukuba wenze kanjalo.”

Yisebenzise Ekusizeni Abanye

Njengezinye izincwadi ezikhishwe iWatch Tower eziyandulelayo, lencwadi inikeza amaqiniso eBhayibheli aholela ePharadesi lasemhlabeni. Uyakhuthazwa ukuba uyifunde futhi uyitadishe ngokucophelela. Khona-ke yisebenzise ekusizeni abanye ukuba bahlangabezane nezimfuneko zokuphila phakade ePharadesi emhlabeni.

Kungani ungahambisi lencwadi kulabo ohlangana nabo emsebenzini wakho wansuku zonke, njengabathengisi noma omakhelwane abafika kwakho? Emihlanganweni yoFakazi BakaJehova kulelihlobo elidlule, izisebenzi zabesifazane emahhotela, ngokufanayo nabanye abantu, bayibona lencwadi futhi babuza oFakazi ukuthi bangayithola kanjani. Yebo, abantu babona ukuhlanganiswa okuhle nesihloko esigqamile Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni futhi bafune lencwadi. Ngakho hlala unazo ukuze unike abantu njengoba ithuba livela. Ungakhohlwa izihlobo zakho. Kungani ungaqiniseki ukuthi zonke ziyayithola lencwadi?

[Isithombe ekhasini 10]

Incwadi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngempela inhle kakhulu ekuqhubeni izifundo ezintsha zeBhayibheli

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela