Ingabe Izikhathi Zethu Zihluké Ngempela?
SICHAZA isimo sezwe sanamuhla, isazi sezomnotho uPeter F. Drucker wathi: “Akekho odinga ukutshelwa ukuthi isikhathi sethu yisikhathi sengozi engapheli. Akekho odinga ukutshelwa ukuthi umbuzo oyinhloko esibhekene nawo maqondana nekusasa lomuntu akuwona owokuthi liyoba yini, kodwa ukuthi liyoba khona yini.”
Yiziphi ezinye zezinkinga ezibangela abantu abaningi bangabaze noma isintu sinalo yini ikusasa? Yiziphi izingozi ezihlukanisa izikhathi zethu ezizukulwaneni zangaphambili?
Ukungcola
Umoya emadolobheni amaningi amakhulu uye waba ingozi empilweni. Izilwandle, amachibi nemifula kungcoliswa udoti wasezimbonini, wonakalise izinhlanzi esizidlayo. Ungqimba lomoya oyisivikelo emkhathini lusengozini yomoya ongcolile. Kungesizathu esihle ukuthi ukungcola kuyimbangela yokukhathalelwa izizwe zonke. Umhlangano weOECD (Organization for Economic Cooperation and Development) wabikwa kuyiLe Monde yesiFulentshi yansuku zonke: “Kusukela ngo-1965 kuya ku-1975 izwe lalimala kakhulu. Ngisho noma sithembela ekuhlehleni kwezomnotho okunciphisa kakhulu ukukhula [kwezemisebenzi], imvelo esizungezile iyoqhubeka yonakala eminyakeni ezayo uma ukulondeka kungaqiniswa.”
Abanye bathi ukungcola akuyona into entsha. Uma lokho bekuyiqiniso, kungani izindawo zesikhumbuzo eziye zabakhona izinkulungwane zeminyaka ngokushesha zisengozini? “Usuku nosuku umoya ongcolisiwe waseAthens uyaphumelela ekuchitheni lokho amasosha aseTheki ahluleka ukukuchitha phakathi nokuhlala kwawo eGreece iminyaka engama-400. Kancane kancane itshe lemabula liyadliwa.”—Paris Le Figaro.
Abantu Abaningi Ngokweqile
Ezinye izici zenza lukhuni kakhulu isimo esilinganisweni somhlaba jikelele. IScience et Vie (Science and Life) yaseFrance ephuma kanye ngenyanga yayinalokhu kokusho endabeni yokwanda kwabantu nokwanda kwezingwadule: “Ubuningi babantu ezweni buzokwanda kusuka ezigidini ezine kuya kweziyisithupha ngonyaka ka-2000, kanti umhlaba olimekayo kunokwenzeka ukuba unciphe ngamaphesenti angama-30 ngesikhathi esifanayo, ngenxa yokutshala ngokweqile . . . nokwakhiwa kwamadolobha. Ukwenzeka ngasikhathi sinye kwalokhu kokubili kulungiselela indlela yesimo esibi kakhulu.”
Yiqiniso, ukwanda kwenani labantu kuye kwancipha emazweni athile aseNtshonalanga namaZwe Ampofu. Kepha, ngokwabacwaningi, ukwanda okweqile kwenani labantu kuzoqhubeka okungenani kuze kube phakathi nekhulu leminyaka elilandelayo, ngoba emazweni amaningi isilinganiso sokwanda siyakhula futhi sizoqhubeka sikhula. Amaningi kakhulu amazwe asathuthuka aphakathi kwamazwe omhlaba anabantu abaningi ngokweqile. Inani eleqile labantu liphawula izikhathi zethu njengezihluke ngempela kwezidlule.
Izikhali
Kungenzeka ukuthi uqaphela kahle ukuthi abaningi bathuswa ukuncintisana ngezikhali. Izigidi zaseYurophu azikhululekile ngokuhlala endaweni eseduze nezikhali ezijikijelwayo ezisemazweni aseMpumalanga noma ngokuba iU.S. ibe nezikhali ezijikijelwayo ezigqitshwe endaweni yabo. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi uhlala kuphi emhlabeni kukhona isizathu sokukhathazeka ngezi“khali zemisebe yelaser noma yamaparticle, ukusetshenziswa kwamagciwane abulalayo, noma izingozi ezivela kumasatellites noma iziphuphutheki ezijikeleza emkhathini. Ngokungaphezulu, ezi“nye izazi ziqaphela ezinye zalezikhali njengendlela entsha enza izizwe ukuba zibe namandla alinganayo. Umuzwa wokuba sengozini eziwuvezayo ungaholela isizwe ukuba sicabange ukuthi kunenzuzo ukuhlasela kuqala.
Zibuze: Ingabe izizukulwane zangaphambili zazinamandla angaka okubhubhisa iningi labakhileyo emhlabeni ngemizuzwana nje embalwa? Noma ingabe lesi isici esivamile osukwini lwethu?
Izingozi ezinjengalezi esikhulume ngazo ziveza ukusabela okuhlukahlukene, ikakhulu emazweni ezemisebenzi. Ezinye izakhamuzi zakha amakomiti okulwisana nokungcoliswa komhlaba; ezinye zifuna ukuvikeleka ngazo zonke izindlela ngokuzihlomisa, ukwakha izindawo zokukhosela noma ngisho nangokucasha ezindaweni ezingenabantu. Ikhulumela lesigaba samuva, i-International Herald Tribune yathi: “Amaqembu amancane kodwa akhulayo aseMelika ayazihlomisa futhi afunda ukubulala ngoba akholwa ukuthi ukuhleleka kwezenhlalo yabantu kuyawohloka nokuthi kufanele azizamele ukuze aphile.” Abantu ngabanye kwamanye amazwe, nabo baziqeqesha ngezikhali—abesifazane ngokufanayo nabesilisa.
Kodwa kungase kube nolunye uhlobo lwengozi olungaba nzima kakhudlwana ukulubalekela noma ukubhekana nalo—ukuwohloka kwezomnotho. Kukhona izigidi ezintula imisebenzi emazweni aseNtshonalanga kanti izizwe zaseMpumalanga zinezinye izinkinga zomnotho. Ingabe awuyiboni imiphumela yezinkinga zomnotho lapho uhlala khona? Ekupheleni kuka-1980 owayengundunankulu waseFrance uRaymond Barre wathi ngomnotho wezwe: “Lena inhlekelele yomhlaba wonke. Akuyona eyesikhathi esifushane noma edlulayo, kodwa eyesikhathi eside futhi ijulile.” Isazi sezomnotho uSamuel Pisar wathi: “Yonke into iyabonisa futhi ifakazela iqiniso lokuthi sisonqenqemeni lokuwohloka okusha. Izinkinga zethu azifani ngalutho nalezo zeminyaka engama-40 edlule, futhi nalokhu kumane kukhulise ukwesaba kwethu.” Ngakho kukuphi lapho ungabheka khona kulezikhathi ezihluke kangaka?
Kudala uJesu Kristu wakhuluma ngezikhathi ezaziyophawuleka phakathi kwezinye izinto ngo“sizi luyakwehlela izizwe, zixakeke.” (Luka 21:25) Sibhekene nalezizehlakalo ezihlukene, kufanele sivume ukuthi amazwi akhe afanelana nezikhathi zethu, izikhathi ezihluke ka“khulu kunezinye zangaphambili. Nokho, uma uJesu ngempela ayebhekisela osukwini lwethu, kusho ukuthini ngathi? Ingabe ngempela zonke lezinto zibonisa ukuthi ushintsho olukhulu luseduze? Isihloko esilandelayo sizokusiza ukuba uphendule lemibuzo.
[Izithombe ekhasini 3]
Ukungcola
Abantu Abaningi Ngokweqile
Izikhali