Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 7/15 kk. 5-7
  • Inhlamba—Ingabe Iyingozi Ngempela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Inhlamba—Ingabe Iyingozi Ngempela?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe ‘Ukuzijabulisa Nje?’
  • Umphumela Wenhlamba
  • Gwema Ukubanjwa Ugibe
  • Gwema Inkulumo Elimazayo
    I-Phaphama!—2003
  • Isizathu Sokuba Inhlamba Ingawafaneli AmaKristu
    I-Phaphama!—1992
  • Yini Engalungile Ngokusho Inhlamba Ngezinye Izikhathi?
    I-Phaphama!—1989
  • Inkathi Yenhlamba
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 7/15 kk. 5-7

Inhlamba—Ingabe Iyingozi Ngempela?

KWAMANYE amadolobha amakhulu eUnited States, kulinganiselwa ukuthi ngalinye izwi lesihlanu elikhulunywayo lingase libe inhlamba. Eltaly, ngokwezilinganiso zeNational Union Against Blasphemy, izinhlamba ezingaphezu kwezigidi eziyinkulungwane ngosuku ziyashiwo kuNkulunkulu noma esontweni. Ngempela, ukuthuka kuwumdlalo omkhulu ezindaweni eziningi.

Lokho kumelwe kuhalaliselwe, kusho uReinhold Aman, umhleli weMaledicta, umagazini okhuluma ngokubhina. Unomuzwa wokuthi ukuhlasela ngamazwi kuyinzuzo njengoba kungcono kunokuhlasela ngezikhwepha. “Kungcono ukuba ngibizwe ngokuthi [*@*@] kunokuba ngingenwe inhlamvu yesibhamu noma ummese esifubeni,” kusho uAman.

Futhi evikela ukukhuluma okungcolile, uhaytor Mason uthi: “Ukubhina, ukuthuka, noma ngabe ukubiza ngokuthini kuyindlela endala nephumelelayo yokukhulula imizwelo eyakhiwa ukukhungatheka.”

Abantu abaningi ngokwengeziwe bayayibekezelela inhlamba, benomuzwa wokuthi ayinangozi. Banomuzwa wokuthi ukusebenzisa inhlamba ukuze ifanele isenzakalo kulungile. Eqinisweni, umagazini iSeventeen, wamantombazane asemasha, uyaphawula: “Njalo nje kanye ngemva kwesikhathi, kuyajabulisa ukuhlangana namantombazane noma nabafana—noma bonke—ukuba kube nomhlangano ongcolile womncintiswano wenhlamba. Ngicabanga ngomncintiswano wenhlamba owawusesitezi sesithathu ekamelweni lokulala labesifazane ekholiji. Izinhlamba ezazindiza emoyeni ngalobobusuku zazingafikisela amahloni ngisho nephoyisa elisebenza ukulwa nokuziphatha okubi.”

Ingabe uyavuma ukuthi inhlamba ifanelekile? Ingabe inhlamba iyingozi ngempela?

Ingabe ‘Ukuzijabulisa Nje?’

Ucabangani ngokuzama ukudlula abanye ekusebenziseni ulimi olubi?

Umgomo walemihlangano yenhlamba intsha ngokuvamile ehlangana kuyo namuhla ngokuvamile uwukuzama ukuthuka omunye ngonina ngenhlamba eyedlula eyabanye. Okuphikiswana nabo, ngokuvamile ababili, bazungezwa iqembu labangane abahlekayo njengoba lizwa unina wabangane babo elulazwa isitha esihlekisa kakhulu. Umkhuba ofanayo owokwethana. Kuwumkhuba wokuchaza ubunjalo bomunye, ukubufanisa nesilwane esithile esibi njengengulube, igundane noma iqaqa.

Lemikhuba, nokukhuluma amahlaya ayihlazo ngenxa yokujabulisa abanye, isiye yajwayeleka kakhulu. Ngokuhlanganyela kuyo, abahlanganyelayo babonisa ukuthi amachilo awamabi ngoba bangase bahlekise ngawo. Futhi bathi, ‘Bheka ukuthi baningi kangakanani abantu abahlekayo.’ Ngokungangabazeki imikhuba enjalo iye yabangela ukuba inhlamba ibe ingxenye yenkulumo yansuku zonke, esetshenziswa ngisho nangabantu “abayizingcweti” na”banolwazi.” Nokho, ingabe ukuthuka kunengozi enkulu kunokuba abanye bengase bacabange?

Umphumela Wenhlamba

Ukuthuka nokubuka izithombe ezi ngcolile kunethonya elifanayo. Ukuthuka kwakha emqondweni umcabango othile ngesitho sangasese. Ngakho yini engenzeka uma amazwi agagula izitho zangasese esetshenziswa njalo? Ingabe umuntu owasebenzisayo angeke athambekele ekwenzeni lokho akukhulumayo? Ngokuqinisekile kusobala ukuthi ukwanda okumangalisayo kokusetshenziswa kwenhlamba kuye kwalinganisana nokwanda kobufebe, ukuphinga nobungqingili.

Ngenxa yalokhu, ungase ukubone ukuhlakanipha kweseluleko seBhayibheli, uma linxusa: “Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele, nehlazo, nokubheda, nokulawula, okuyizinto ezingafanele.”—Efesu 5:3, 4.

Iqiniso liwukuthi, umuntu othukayo uzonakalisa yena. Futhi uthelela abanye ukungcola isikhathi ngasinye lapho ethuka. Ngakho-ke, ngesizathu esihle iBhayibheli liyeluleka: “Kepha kalokhu nani manilahle konke lokho, ulaka, nokuthukuthela, nobubi, nokuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo aphuma emlonyeni wenu.” “Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo.” (Kolose 3:8; Efesu 4:29) Futhi, liyanxusa: “Ngakho lahlani yonke insila.” (Jakobe 1:21) Ukuphambana nalesiseluleko kuphumela ekwenyeliseni uNkulunkulu.

Futhi, cabanga ngalokhu: Uma abantu ababili bethukana, ingabe baphetha umncintiswano ngobuhlobo obuhle? Futhi ngisho nakuba, ngenxa yokuthukana, ukulwa ngezikhwepha kugwenyiwe ungasho ukuthi ababili bayixazululile ngempela inkinga yabo? Lutho neze! Ngakolunye uhlangothi, ingabe ukuthukana ngempela akuholeli ekulweni kunokuba kukuvimbele?

Khona-ke, uthando nokuqonda kuthuthukiswa kanjani? Kungenziwa ngokuba “ningaphindiselimuntu okubi ngokubi.” IZwi likaNkulunkulu liyayala, “ningaziphindiseli.” Kunalokho, “dedelani ulaka” ngokushiyela ukuphindisela ezandleni zikaNkulunkulu. Amazwi enu omusa nezenzo kothile othukayo kuyaku”fumbela amalahle avuthayo ekhanda lakhe,” futhi mhlawumbe kumbangele ukuba athambise umbono wakhe ngakuwe. Ngokuhlakanipha, landela ngazo zonke izikhathi iseluleko esiwusizo esingokomBhalo: “Busisani, ningaqalekisi.”—Roma 12:17-20, 14.

Gwema Ukubanjwa Ugibe

Kusobala ukuthi kumelwe sizilinde ngaso sonke isikhathi ukuba singangeni emikhubeni yalelizwe elingcolile. Akekho kithi ovikelekile eziphambekweni. Njengoba umbhali wencwadi ethile ngenhlamba, uBurges Johnson, ethi: “Uma ukuthuka kuyisipho ezindaweni zonke solwazi lwamagama, sedluliswa kanjani futhi ubani ositholayo? Impendulo ilula: akusikho ukuthi siye sathelelwana nje kuphela kodwa siyanamathelana futhi, ngoba kunamagciwane aso agxile kithi sonke.” IBhayibheli liqinisekisa ukuthi thina bantu abangaphelele sithambekele ngasekwenzeni okubi nasemsebenzini ongalungile. Ngakho kumelwe silwe no kukhuluma inhlamba.—Genesise 8:21; IHubo 51:5.

Ukugwema inhlamba kuqala ngokufunda ukubamba imizwelo nezenzo eziholela kuyo. Ziyini lezo? IBhayibheli liyaphendula: “Konke okubabayo, nentukuthelo, nolaka, nomsindo, nokuhlambalaza makususwe kini.” (Efesu 4:31) Ngakho ngaphambi kokuthukuthelela othile kuze kube sezingeni lokufuna ukumthuka, yima futhi uziphoqelele ukuba ucabange ngokuhle okwaziyo ngalowomuntu. Ungavumeli ukuthukuthela kukubangele ukuba uthuke. Zama ukulalela umyalo weBhayibheli: ‘Kungaphumi lutho lokungazithibi emlonyeni wenu.’—1 Samuweli 2:3.

Ukuphela kwendawo ongathola kuyona imiqondo elungile kuseZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Ngokugcwalisa ingqondo yakho ngemiqondo efanele, uyobe wakha izifiso ezilungile zenhliziyo. Lokhu kuyoyithinta kanjani inkulumo yakho? UJesu wathi: “Ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.”—Mathewu 12:34.

Ungangabazi ukuthandaza kuNkulunkulu ukuba akusize futhi ucele umoya wakhe. Umhubi wathandaza: “Jehova, bekela umlomo wami umlindi, ugcine umnyango wezindebe zami.” (IHubo 141:3) Ngokuqapha kwethu ukuba silinde ulimi lwethu, kuhlanganise nokusekela kukaNkulunkulu, siyokwazi ukugwema isilingo sokuthuka.

[Isithombe ekhasini 6]

Ingabe uyophindisela uma omunye ekuthuka?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela