Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 1/15 k. 31
  • Amatekisi Ezinsuku ZikaFebruary, 1983

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amatekisi Ezinsuku ZikaFebruary, 1983
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 1/15 k. 31

Amatekisi Ezinsuku ZikaFebruary, 1983

1 Inyoka yathi . . . uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nizidla, kuyakuvuleka amehlo enu, nibe-njengoNkulunkulu, nikwazi okuhle nokubi.—Gen. 3:4, 5. wZU 11/15/82 5

2 Ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili, ngijonge emgomweni.—Fil. 3:13, 14. wZU 12/1/82 2-4, 9

3 Kepha nxa kuqala ukuvela lokho, lulamani, niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu.—Luka 21:28. wZU 10/15/82 1, 3, 4

4 Olungileyo ushiyela abantwana babantwana bakhe ifa.—IzAga 13:22. wZU 8/1/82 6, 7

5 Asibalaye, bangabe besakhuluma kumuntu namunye ngalelogama [likaJesu].—IzE. 4:17. wZU 10/1/82 8, 9a

6 Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi.—Math. 24:14. wZU 11/1/82 19

7 Zonke izinsuku zobuNaziri bakhe akayikudla-lutho olwenziwe ngewayini lezithelo zomvini, . . . Kungasondeli-mpuco ekhanda lakhe.—Num. 6:4, 5. wZU 8/15/82 14, 15

8 Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye. Kufana namazolo aseHermoni ehlela ezintabeni zaseSiyoni.—IHu. 133:1, 3. wZU 11/15/82 1

9 Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole [umklomelo].—1 Kor. 9:24. wZU 12/1/82 1, 2

10 Kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele.—2 Thim. 3:15. wZU 8/1/82 12-14

11 Ngumuphi-ke umphathi othembekileyo . . . inkosi yakhe eyakumbeka phezu kwabendlu bayo ukuba abanike isabelo sabo sokudla ngesikhathi sakho?—Luka 12:42. wZU 9/1/82 5, 15, 16a

12 INdodana ingenze-lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza.—Joh. 5:19. wZU 11/1/82 8, 9a

13 Nqumani nina ukuba kulungile yini ebusweni bukaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu, ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.—IzE. 4:19, 20. wZU 10/1/82 11-13

14 Emva kwalokho ngabona, bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa-muntu.—IsAm. 7:9. wZU 4/1/82 16a

15 Nakekela lezozinto, ume kuzo, ukuze ukuqhubeka kwakho kuqhame kubo bonke.—1 Thim. 4:15. wZU 8/1/82 20, 15, 16a

16 Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo neqondayo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi sakho na?—Math. 24:45. wZU 11/15/82 4

17 Ongaganiwe ukhathalela okweNkosi ukuba angayithokozisa kanjani iNkosi. Kepha oganiweyo ukhathalela okwezwe ukuba angathokozisa kanjani umkakhe.—1 Kor. 7:32, 33. wZU 12/1/82 5a

18 Ndodana yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yami ukuba ngiphendule ongisolayo.—IzAga 27:11. wZU 10/1/82 7, 26a

19 Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba sigcine imiyalo yakhe.—1 Joh. 5:3. wZU 5/15/82 4, 5

20 Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu; akukho-sikhubekiso kubo.—IHu. 119:165. wZU 11/1/82 1, 2

21 Usiphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla; usithethelele amacala ethu, njengalokhu nathi sibathethelela abanecala kithi; ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi.—Math. 6:11-13. wZU 10/15/82 10, 11

22 Ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga, kodwa acabange kube-ngokuqonda.—Roma 12:3. wZU 11/15/82 13, 14

23 Nikhumule umuntu omdala . . . , nembathe umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.—Efe. 4:22, 24. wZU 4/1/82 12, 14

24 Ngisho lokhu ukuba kube-lusizo kinina; akusikho ukuba nginigaxe ngentambo kepha ukuba nihambe ngokufaneleyo, nibambelele eNkosini ngokungaphazameki.—1 Kor. 7:35. wZU 12/1/82 5, 6a

25 Nginethemba kuNkulunkulu . . . lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungile nokwabangalungile. Kulokhu nami ngiyazama ukuba njalo ngibe-nonembeza ongenacala phambi kukaNkulunkulu nabantu.—IzE. 24:15, 16. wZU 9/15/82 1, 3

26 Imihla yonke ngiyakukubonga, ngilidumise igama lakho phakade naphakade.—IHu. 145:2. wZU 8/15/82 1, 3a

27 Ngabona, bheka, isixuku esikhulu . . . sembethe izingubo ezinde ezimhlophe.—IsAm. 7:9. wZU 4/15/82 18, 19a

28 Ngenxa yokwanda kokubi kuzakuphola uthando lwabaningi.—Math. 24:12. wZU 11/1/82 15, 14

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela