Ingabe Umncane Kakhulu Ukuba Ube Obalulekile?
INGABE ngesinye isikhathi unomuzwa wokuthi akukho muntu onendaba nawe? Ingabe wake wazizwa unesizungu nakuba uhlala nabantu? Kungani uhlaselwa imicabango enjalo? Kungoba ezimweni eziningi namuhla umuntu akasabalulekile.
Emazweni amaningi imithetho nenqubo kahulumeni iye yenza bangaba yilutho ngaphandle kwemininingwane nje efakwe kucomputer. Baye baba izinombolo nje, emnyangweni kahulumeni ongenasithakazelo kumuntu ngamunye. Ingabe unawo lowomuzwa ngezinye izikhathi?
Noma mhlawumbe usebenzela inkampane enkulu enamakhulu noma izinkulungwane zezisebenzi. Ngenxa yalokho ungase ube nomuzwa wokuthi umncane ngisho kunezinyo lesondo esondweni noma kunokotini osengutsheni. Ngisho nalabo abahlala emadolobheni amakhulu bangase bazizwe benesizungu ngokuphelele. Kungani kunjalo? Kungoba omakhelwane ngokuvamile abazani nhlobo, ngenye inombolo nje emnyango olandelayo.
Yebo, kulula kakhulu ukukholelwa ukuthi umncane kakhulu ukuba ube obalulekile, umncane kakhulu ukuba uqashelwe ekuphileni kwanamuhla kokuphuthuma nokukhwishiza. Lokhu kunjalo ikakhulu emphakathini wesimanje, lapho umoya wokuncintisana uye waveza abantu abaningi abangenaluzwela komunye nomunye. Ukuhlonipheka komuntu siqu kuye kwanyathelwa futhi inkulumo yokuthi “Hlukana nami!” icatshangelwa njengempendulo enhle.
Kodwa ingabe kungokufanayo ngoNkulunkulu? Ingabe yena, iNkosi ePhakeme yendawo yonke, inkulu kunesintu kangangokuba sonke sibancane kakhulu ukuba sibe ababalulekile kuyo? IBhayibheli libonisa ukuthi ngesinye isikhathi uJehova uNkulunkulu waye“nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumi [izigidi eziyi-100]” zezingelosi zimi phambi kwakhe. (Daniyeli 7:10) Futhi uwuMdali wezinkanyezi ezingenakubalwa ezulwini. Ingabe mhlawumbe sezimdidile zonke lezidalwa zomoya nendalo ebonakalayo? IBhayibheli liyaphendula: “Uyabala inani lezinkanyezi, azibize zonke ngamagama.” (IHubo 147:4) Ngokuqinisekile, lezizinkanyiso ezisezulwini ziphethwe. Ngokuqondene nezingelosi ezilungileyo, ngokungangabazeki uJehova nazo uzibiza ngamagama, ngisho nakuba kungamagama ezimbili kuphela, uMikayeli noGabriyeli, aye embulwa kumuntu.—Daniyeli 12:1; Luka 1:26.
Khona-ke kuthiwani ngesintu? Ingabe uNkulunkulu unendaba? Umhubi uDavide wabhala: “Jehova, ngazise ukuphela kwami, nesilinganiso sezinsuku zami ukuba siyini; mangazi ukuthi ngingodlulayo. Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla; imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe; impela yilowo nalowomuntu ungumoya nje.” (IHubo 39:4, 5) Uma umuntu ephila isikhashana njengenkungu nje, khona-ke singaqiniseka kanjani ukuthi akamncane kakhulu futhi akasiye owesikhashana kuNkulunkulu ukuba amnakekele? NgokukaNkulunkulu, ingabe abantu babaluleke ngempela? Ingabe WENA ubaluleke ngempela?