Owesifazane Ozibusayo—Angayithola Kanjani Injabulo Emshadweni?
Lokhu kwakuwukukhathalela kwentokazi eyalobela iWatchtower Society. Yachaza:
“Okwamanje angishadile futhi anginawo umkhaya, kodwa lokho bekuwumgomo wami ngaso sonke isikhathi. Nokho, ngiphila impilo yokuzibusa kakhulu, futhi ngemva kokuziphatha iminyaka eyisithupha ngiye ngalingabaza njalo ikhono lami lokuphumelela kahle elungiselelweni lomshado. Kodwa lencwadi iveze izici zomshado nokukhulisa umkhaya ngendlela yokuthi ngiye ngawubona ukuthi uyilungiselelo laphezulu ngempela.”
Uma ufuna injabulo elungiselelweni lomshado, siyaqiniseka ukuthi uyozuza kakhulu ngokufunda incwadi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise. Zitholeli eyakho ngokumane ugcwalise futhi uthumele ikhuphoni elingezansi lihambisana namasenti angama-90.
Sizani ningithumelele incwadi enoqwembe oluqinile, enamakhasi ayi-192 Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise. Ngithumela u-90c.