Abameleli Beqiniso LoMbuso Bayahlangana
ABANTU bakaJehova bangabameleli beqiniso lombuso. Bajabula kakhulu ngalo. Futhi, ngaso sonke isikhathi bayajabula uma bemenyelwa embuthanweni othile okhethekile olungiselelwa yiWatch Tower Society, ngoba bayazi ukuthi kuyoba inkathi yokuhlangana, yokukhuthazana neyeseluleko esinengqondo. Imihlangano YesiGodi “YeQiniso LoMbuso” ka-1982 ngokuqinisekile iphethe lokhu.
IQiniso LoMbuso Lagcizelelwa
Njengoba kwakuhlanganwa futhi kuhlalwa phansi engxenyeni yesimiso yokuvula ngoLwesine ntambama, ukulangazelela kwanda njengoba amanxusa ayebheka isimiso futhi ephawula izihloko eziningi ezibalulekile okuzoxoxwa ngazo. Eqinisweni, yonke leyontambama “IQiniso” lalizoqokonyiswa—hhayi iqiniso nje elivamile kodwa, kunalokho, “IQiniso LoMbuso,” kuhlanganise izinjongo zikaJehova uNkulunkulu mayelana nomuntu, umhlaba, yonke indawo neGama laKhe siqu elihle.
Ngakho-ke kwagcizelelwa ukwazi iqiniso nokwenza ngokuvumelana okugcwele nalololwazi. Kuyiqiniso, kudingekile ukuzuza ulwazi oluqondile lwezimfundiso eziyisisekelo zeBhayibheli, kodwa injongo iwukwenza abakhulekeli bakaJehova bakwazi ukuzifundisa ngokuphumelelayo abantu okuhlangatshezwana nabo emsebenzini wokushumayela endlini ngendlu. Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani futhi, ukwazisa ukuthi uJehova unguNkulunkulu oyedwa weqiniso, wona kanye umthombo walo lonke iqiniso, nokuthi uphikiswa izitha ezimbi ezingabonakali ezisebenzisa amaqhinga amaningi obunyelele ukuze zifulathelise abantu kuNkulunkulu nasekulungeni! Izilaleli ngokukhethekile zakwazisa ukuzwa izindlela zokunyonyoba nezihamba kancane kancane ezisetshenziswa uDeveli nezithunywa zakhe njengoba befuna ukukhukhula ukholo lwethu.
Indlela yokulwa naleyomimoya emibi futhi inqotshwe yaboniswa ngokufanele esimisweni. Sonke kumelwe siqaphele ukuthi isitha sifuna ukuchumisa umoya wokuzibusa kobugovu, ubumina, futhi nokusibamba ngogibe lokuziphatha okubi. Sidinga ukwazi futhi sithande uNkulunkulu futhi sibe nenzondo ngezinto azizondayo. Uma sinegama lakhe, khona-ke ngokuqinisekile asiyikufuna ukuletha isihlamba kuye noma ebandleni lakhe loFakazi abathembekile. Ngaphezu kwakho konke, sidinga ukuthola amandla akhe ngomthandazo oqotho, futhi sidinga ukusondela njalo enhlanganweni yakhe ebonakalayo engevikelayo.
Inkulumo eyisihluthulelo yomhlangano yaveza impikiswano ebalulekile umuntu ngamunye okumelwe ngokushesha athathe ukuma kwakhe. Ukukhetha kuphakathi kukaSathane, isixuku sakhe samademoni nazo zonke izinhlangano zakhe zezwe nezimfundiso zazo ezithile ezizisakazayo noma uJehova uMbusi uMninimandla onke nezithembiso zakhe ezinhle ezizogcwaliswa umbuso wakhe. Ukuxazululwa kwaleyompikiswano sekuseduze. Akukho ukuba phakathi nendawo. Isenzo esisheshayo nesiqondile singasiqinisekisa ngesivikelo nezibusiso zikaJehova.
Izikhonzi ZeQiniso LoMbuso
Leso kwakuyisihloko sesimiso ngoLwesihlanu, futhi ngokuqinisekile sasiza omunye nomunye ukuba aqaphele ukuthi intando kaJehova ngathi ukuba sibe yizikhonzi zombuso wakhe, siwumemezele lowombuso endlini ngendlu futhi kanjalo senze abanye bafaneleke ukuhlanganyela nathi inkonzo yelungelo elinjalo. Ngokombono wokuphuthuma kwesikhathi esiphila kuso, lisisiza sonke ukuba sifune izindlela namasu okwandisa ukuhlanganyela kwethu kulenkonzo esiyinikezwe uNkulunkulu, njengabamemezeli abavamile noma besikhathi esigcwele. Eminye imiboniso yabonisa indlela ukucabangela okuqotho okunganikezwa ngayo esidingweni sokwandisa ‘inkonzo yethu engcwele’ njengabantu ngabanye nanjengamaqembu emikhaya.—Roma 12:1.
Phakathi nalentambama zonke izikhonzi zikaJehova zaxwayiswa ngokuthi izitha okumelwe ziqashelwe akuzona lezi ezisobala ‘ezingaphandle’ kodwa yilabo abathi bangabethu kodwa ngobuqili abafuna ukwenza buthaka ukholo lwethu nenkonzo. Isikhulumi sathi: “Labo badlulisela umqondo wokuthi, njengoba uJehova ewuNkulunkulu onothando kanjalo, konke akufunayo kithi ukuba sibe ngabantu abahle, sinakekele abanye ngokwenyama futhi sithande omakhelwane bethu.” Imibono enjengalena ingaba yingozi, ngoba abawunaki umyalo owabekwa komunye nomunye wabalandeli bakaKristu, okungukuthi: “Hambani nenze izizwe zonke abafundi.”—Mathewu 28:19.
Abanye bayasingabaza isidingo sokuba nenhlangano futhi bathi into umuntu ayidingayo ukuzifundela iBhayibheli. Ukungavumelani okukhulayo kwalesisimo kungabonwa uma abanjalo beqhubeka bemisa eyabo siqu inhlangano futhi belandela eyabo inkambo emisiwe yokufunda, esekelwe ekuhlakanipheni kwabantu.
Uma sibhekene nezimpikiswano ezinjalo, iseluleko semiBhalo eNgcwele sisobala: Bayeke benjalo. Bagweme. Qhubekela phambili nenkonzo yakho eyigugu. (Mathewu 15:14; Roma 16:17, 18) Ukuphikisana obala nalabo ababangela ukwahlukana kuyoba ukubonisa ukuntula ukuhlakanipha. Ngamunye wethu kumelwe enze ingxenye yakhe ekusizeni umkhaya wokholo ukuba ugcine isimo esiqondile ngalabo abathuka uJehova, inhlangano yakhe nabantu bakhe abahlelekile. Ukumenyezelwa kombuso kuyoqedwa ngokuphumelelayo, ngoba uJesu Kristu wathembisa ukuba nezinceku zakhe “izinsuku zonke kuze kube-sekupheleni kwezwe.”—Mathewu 28:20.
Idrama eyenziwa ngoLwesihlanu yahlaba umxhwele abantu abaningi. Yeka indlela okwashukumisa ngayo ukubona indima abantwana abafundiswe kahle abangaba nayo ekusizeni abangenasithakazelo ukuba babukeze ukucabanga kwabo futhi baqaphele ukubaluleka kokwamukela nokulandela iseluleko sikaNkulunkulu!
Ukuphila Ngezimiso ZeQiniso
Leso kwakuyisihloko sesimiso sangoMgqibelo, isihloko esagcizelela ukusetshenziswa okuwusizo kwezinto esizifundile kulomhlangano. Njengabameleli beqiniso lombuso, kumelwe siphile ngezimiso zaleloqiniso.
Ngemva kokucatshangelwa kwetekisi losuku, sajabulela izinkulumo ezintathu ezilandelanayo zezikhulumi ezintathu ezaziqokomisa izimfuneko zikaNkulunkulu kwabasha nabadala, abantwana nabazali. Ukuqondisa izindaba zomkhaya ngokuvumelana nezimiso zikaJehova kwabonakala kuyindlela yempumelelo. Uthando, imfanelo eyinhloko yamaKristu eqiniso, lwenza kube nokwenzeka ngabantwana nabazali ukuba babambisane ngobunye.—Johane 13:34, 35.
Ngezinkulumo nangemiboniso samukela izikhumbuzo ngesikhathi esifanelekile ngengozi yokuyekelela. Kuye kwavulela izinkinga eziningi umnyango nobunzima futhi kumelwe kuhlangatshezwane nakho ngokunamathela okuqinile ezimisweni zeBhayibheli. Ngakho-ke, kumelwe kube khona ukuqina okuthile ezicini eziningi zokuphila kwethu kobuKristu. Nakuba lokhu kubeka imincele kithi, kwaphawulwa ukuthi ngalendlela izimo eziningi ezivivinyayo zagwenywa noma zasingathwa ngokuphumelelayo.
Olunye udaba olwanakekelwa ngokukhethekile ngolomculo. Safunda ukuthi umculo ungase uphakamise umoya noma uhlazise. Uye wasetshenziselwa ukugxilisa ubuSathane nokuziphatha okubi. UmKristu, khona-ke, kumelwe aqaphele ngokufanayo lokho akulalelayo njengoba eqaphela lokho akubuka kuTV.
Izingxenye zesimiso sangoMgqibelo zaphetha ngenkulumo eshukumisayo “IQiniso Eliholela EPharadesi Emhlabeni.” Isikhulumi sasikhumbuza ngeqiniso lokuthi uKristu Jesu wakhomba embusweni nasepharadesi emhlabeni. Ngokwesibonelo, uKristu wafakaza phambi kukaPilatu ukuthi wayeyinkosi futhi wayethunyelwe ukufakazela leloqiniso. Khona-ke ngemva kokuba umenzi wobubi owayelenga esigxotsheni eceleni kwakhe ethe, “Jesu, ngikhumbule, uma usufiké embusweni wakho,” uJesu waphendula: “Ngiqinisile ngithi kuwe namuhla, uzakuba nami ePharadesi.” (Luka 23:42, 43, NW; Johane 18:36, 37) Futhi kulabo abathanda uNkulunkulu nokulunga namuhla, yeka ukuthi lingokoqobo kanjani ithemba lokuphila phakade ePharadesi emhlabeni!
Ukubambelela EQinisweni LesiProfetho
Isikhulumi sasekuseni esimisweni sangeSonto sabonisa ukuthi namuhla sibhekene nezimo ezifana nalezo ezabhekana namaKristu ekhulu lokuqala. Kwakunalabo ababefuna ukubuyela ezintweni ezinyanyekayo nezasekuqaleni ezihilela ifilosofi yabantu nokuphikisana ngamazwi—izinto ezingakhiyo futhi ezingahlangani nokuzuza ukusindiswa. (Galathiya 4:9) Izingozi zanamuhla zihlanganisa ukuvumela isifiso esingaphezu kwezidingo zokuphila zibambe futhi zidonse ukucabanga kwethu nesikhathi sethu; ukufuna ezokuzijabulisa zezwe, ngokuvamile okungcolile futhi okudla isikhathi; ukudlala ngokuziphatha okubi kobulili nezingozi zakho eziningi. Ukuphila okuphakade kuxhomeke ekubambeleleni kwethu eqinisweni nasendleleni yeqiniso. Abanye abameleli beqiniso lombuso besikhathi eside abakhuthele kwaxoxwa nabo ngokwenzuzo yabo bonke abakhona. Okuhlangenwe nakho kwabo kwabonisa ukuthi kunokwenzeka ukuhlala ngokwethembeka kuJehova nasezimisweni zakhe naphezu kokuvivinywa nobunzima.
Kwalandela inkulumo enesihloko esithi “Ukubuthanela Ukuzihlelela Impi,” eyayithathelwe embhalweni we-1 IziKronike 12:38. Njengoba isikhulumi selula eqinisweni lokuthi amaKristu asempini futhi alindeleke ukubonakalisa ukwethembeka njengamasosha kaJesu Kristu, ebekezelela ubunzima futhi egcina ubunye ezigabeni, isimemezelo esisobala sempi samenyezelwa. Njengoba ukungenela kwethu impi yeNkosi, ikakhulukazi kusukela esikhathini sokuzinikezela kwethu nobhapathizo, noma imuphi omunye umsebenzi wokuphila kumelwe ubekwe ngaphansi kwenkonzo yethu yoMphathi Wempi omkhulu kaJehova, uJesu Kristu. NjengoMholi wethu nomphathi kumelwe sihlale njalo sikhumbula ukuthi igama elingcwele likaNkulunkulu noMenzi wethu lihilelekile kulempi.
Njengoba eyethu kuyimpi engokomoya, izikhali zethu nazo zingokomoya kodwa “ngaye uNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba,” njengefilosofi yabantu eyize, izinto eziphambene neZwi leqiniso, izimfundiso zobuqili bamademoni nokuba sibeke ukunethezeka kwethu siqu nenhlalakahle yethu ngaphambi kwenkonzo kaJehova. (2 Korinte 10:4) Njengoba isikhulumi saphawula ngokuhlakanipha: “Ngokuqinisekile asinakuthandabuza ukuthi iNduna yempi kaJehova iwufanelekele kahle umsebenzi wokunakekela labo ababuthele empini yayo! Uma sisindwa futhi sikhathazeka ngezidingo ezibonakalayo, akusona yini isikhumbuzo esiphuthumayo sokubeka imithwalo yethu phezu kukaJehova noKristu?” Ukubuthanela kwethu ndawonye ekuhlelelweni impi kusho ukuthi sibambisana ngokuseduze nenhlangano eyodwa ebonakalayo uJehova ayisebenzisayo namuhla. Ngamunye wethu kumelwe ahlonyiswe kangcono futhi akhuthale ekusekeleni umkhankaso ongokomoya njengoba uqondiswa uMholi, uKristu.
Isimiso sasekuseni khona-ke saphetha ngenye idrama emangalisayo. Yabonisa inkonzo yokungesabi yomprofethi uJeremiya njengoba ayememezela eminyakeni eminingi isigijimi esasingathandwa yiningi labantu besikhathi sakhe, kuhlanganise inkosi, izikhulu nabaprofethi bamanga. Njengoba sabona uJeremiya ebhekana ngokuqinile nokusongelwa nobudlova kulapho ekhuthaza abanye ukuba bahlale bethembekile kuJehova, ingabe kwakungesona isikhumbuzo esinamandla sokuthi abantu bakaJehova namuhla bayacelwa ukuba baphikelele ngokwethembeka ekumemezeleni kulo lonke lelizwe elingaphansi kukaSathane isigijimi sezahlulelo zikaJehova ezisondela ngokushesha, isigijimi esingathandeki ngempela? Nokho, siyajabula ukwazi ukuthi, ngenxa yenkonzo yethu yokwethembeka, abaningi bayosindiswa kulesisizukulwane esilahliwe futhi bayolondeka futhi basindele esimisweni sezinto esisha sikaNkulunkulu.
Inkulumo yeningi eyayinesihloko esithi “IQiniso Elingakukhulula” yaba sekuqaleni kwesimiso santambama. Izilaleli eziningi ezazilindelekile zazikhona njengoba isikhulumi sasiphawula iqiniso emva kwelinye ukuze sibonise ukuthi lababusi bezwe namadoda aqhamile awanakubususa ubumpofu, ubudlova nokungalondeki. Saqhubeka sibonisa ngokwemiBhalo eNgcwele ukuthi uJehova, uNkulunkulu uSomandla, uye wethembisa, futhi uyakwazi ukwenza konke lokhu nokungaphezulu. UJehova uyosusa zonke izimbangela zokulila nezinyembezi, futhi asuse ukugula, ubuhlungu nokufa okuvela efeni lethu lesoni uAdamu. Ngaphezu kwalokho, uyovusa abafileyo abaningi abanikeze ithuba lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi.
Ngokulandelayo, kwaba nokubukezwa okufushane kwedili elanelisayo elingokomoya lelo uJehova ayesilungiselele lona kuloMhlangano Wesigodi “WeQiniso Lombuso.” Ngokuqinisekile, indebe yethu yesibusiso evela kuJehova yayichichima! Futhi kwaba namuphi umphumela? Khona-ke sasesilungele inkulumo yokuphetha eyasikhuthaza sonke ukuba siqhubeke nokumemezela iqiniso lombuso uma nje uJehova esagcine indlela ivulekile. Siyazi ukuthi sisendleleni eqondile. Izimo zethu zihlanzekile kwabasisolayo, abakhonondayo nabazibusayo. Manje uJehova uyasibusisa ngokwanda, njengoba singaphawula embikweni ovela kuwo wonke amazwe. Abamemezeli abengeziwe banikela amahora engeziwe enkonzweni yasensimini. Abaningi bahileleka emsebenzini wobuphayona besikhashana nobesikhathi esigcwele. Izifundo zeBhayibheli ezaqhutshwa emakhaya nabathakazelayo ziye zakhula ngokumangalisayo. Akungabazeki ukuqondiswa okukhanyayo esikunikezwa umoya kaJehova nenhlangano.
Njengoba sasisuka endaweni yomhlangano futhi siphikelele emabandleni akithi, sasingagcwele yini ukholo lokuthi uJehova neNkosi yakhe, uKristu Jesu, bebenathi? Ingabe asiqiniseki ngokuthi baye basilungiselela ngomusa ukuze sihlonyiswe kangcono ukuba siqhubekele phambili ngobunye ekumemezeleni izindaba ezinhle njengabameleli beqiniso lombuso? Konke ukudumisa nenkazimulo makuye kuNkulunkulu ogcwele ukulunga neqiniso!
[Izithombe ekhasini 24]
Izingane zamaKristu zingabonisa!
Iqiniso! Igama likaNkulunkulu uJehova
Owayephikisa ukhomba leliGama
[Izithombe ekhasini 25]
UJeremiya washaywa abaphikisi
. . . esitokisini
. . . wasindiswa emgodini onodaka
[Izithombe ekhasini 26]
Ukugcotshwa kwezikhonzi ngobhapathizo
[Izithombe ekhasini 27]
Ilungiselelo elikhethekile lokuhlalisa asebekhulile
[Izithombe ekhasini 28]
Inkonzo efanele yezokudla