Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 2/15 k. 32
  • Iqiniso Latholakala Endaweni Engacabangeki

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iqiniso Latholakala Endaweni Engacabangeki
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 2/15 k. 32

Iqiniso Latholakala Endaweni Engacabangeki

Incwadi elandelayo evela endodeni ethile eHartford, eConnecticut, yatholakala endlunkulu yoFakazi BakaJehova:

Kunoma Ubani Ophathelele:

Ngifuna ukwazi ukuthi incwadi encane IQiniso Eliholela EkuPhileni OkuPhakade inyatheliswe ngoFakazi BakaJehova yini. Sizani ningibhalele futhi ningitshele ukuthi lencwadi ingeyayiphi inkolo. Nginesithakazelo ekutholeni lokho ngoba ngelinye ilanga ekuseni ngangehla ngomgwaqo omkhulu eHartford, ngathola lencwadi iphonswe ezibini. Kwakuyisihloko sayo esakhanga ukunakekela kwami. . . .

NgingumKatolika ngoba leyo inkolo abazali bami abangazisa yona, kodwa hhayi ngoba unembeza wami ungitshela. Ngokwalokho engikubona kulencwadi, ngiyakholwa ukuthi sengikutholile ebengikufuna eminyakeni eminingi—IQiniso. Futhi ngilithole enqwabeni yezibi—ngolunye uLwesihlanu ngo-9 ekuseni, ngoDecember 4, 1981. Sizani ningithumelele ikheli laseHartford lesonto lenkolo lencwadi engeyalo.

Nginifisela uncibijane ojabulisayo,

Owenu,

A. C. G.

Ungazitholela lencwadi enamakhasi ayi-192 IQiniso Eliholela EkuPhileni OkuPhakade ngokugcwalisa bese uthumela ikhuphoni elingezansi.

Sizani ningithumelele incwadi enoqwembe oluqinile “IQiniso Eliholela EkuPhileni OkuPhakade.” Ngifaka amasenti angama-90.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela