Ukuqondisisa Izindaba
Inhlamba lyanda
Inhlamba iye yaba yingxenye yendlela “evamile” yokuphila, kusho umagazini iU.S. News & World Report. Esihlokweni esithi “Amazwi Ayiziswana Aphumela Obala,” uthi: “Inhlamba iye yabonakala emabhareni nasezinkomponi futhi ingezwiwa ibonwe cishe kuyo yonke indawo—engxoxweni ezindaweni zokudla, emaphepheni anamathiselwa ezimotweni, emazwini okubongela emiqhudelwaneni yemidlalo, kuthelevishini nasemabhayisikobho. Izingcweti eziningi zibheka lesisejwayezi njengesingenakuhlehliswa.”
Kungani kwanda inhlamba? Isihloko sicaphuna uReinhold Aman, isazi sezilimi, okhomba ko-1960 nako-1970 lapho izindinganiso zokuhlalisana kwabantu zanqamuka nokuhlonipha ukuma kwesizwe kwawohloka. Uthi: “Lokho ekuqaleni okwakucindezelwe ngokushesha kwaqhuma. Khona-ke noma isiphi isiphukuphuku saqala ukuthuka ngaphandle kwesizathu. Izingane ezincane zathuka. Abantu besigaba esiphakeme ngokushesha bakuthola kuyisimanje.”
Ezinye izingcweti ziyakusola ukwenyuka okusheshayo kwenhlamba esizukulwaneni esizikhathalelayo. “Abantu bathola ukuphila kwabo kunobumbulu, kungenelisi, futhi bacasukile,” kuphawula uThomas Cottle, uthisha wesayensi yezengqondo eHarvard. “Okucashe ngemva kwalokhukuthukuthela uchuku,” akubheka njengokuyingozi emphakathini.
Isihloko siyaqhubeka: “Ezinye izingcweti zichaza ukuthi ukuthuka kuyindlela yokukhulula imizwa eyakhiwe ukukhungatheka.” Kodwa ingabe kuyindlela eqondile? “Thukuthelani ningoni;” kweluleka iBhayibheli, ngokugwema i“hlazo” “nokubheda” esikhundleni senkambo enjalo kube “ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo.”—Efesu 4:26, 31; 5:4; 4:29.